Umusa KaNkulunkulu Ongasifanele—Ungalahlekelwa Injongo Yawo!
“UKUKHULUMA ngenkolo . . . ngempela umsebenzi wabefundisi,” kwasho elinye ilungu lesonto. (Omalukeke sizenzele) Abanye baye bakwamukela ukuthi: “Uma kuqhathaniswa ambalwa amaKristu enza umzamo wokuhlanganyela ukholo lwawo nabanye.” (Omalukeke sizenzele) Izinkulumo ezinjalo zigcizelela ngokusobala ukuthi ngabaningi abasontayo namuhla, ubuKristu bumane buwukholo olungenamisebenzi kuNkulunkulu nakuKristu njengoMesiya.
Uyini umbono wakho? Abafundi bakaJesu bahlanganyela ukholo lwabo nabanye. (Luka 8:1) Ingabe amaKristu kumelwe enze okufanayo namuhla? Noma uma uNkulunkulu engasadingi ukuba labo abathi bangamaKristu babe abavangeli, yini ayilindele kubo? Ingabe uNkulunkulu unenjongo ngamaKristu namuhla? Yebo! Futhi ngenxa yalesizathu, isixwayiso somphostoli uPawulu kumaKristu aseKorinte sokuba ‘angamukeli umusa kaNkulunkulu ongasifanele bese elahlekelwa injongo yawo’ sinengqondo kithi. (2 Korinte 6:1, NW) Ake sibone ukuthi kungani.
Injongo KaNkulunkulu Ibonakalisiwe
NjengoPawulu, amaKristu aseKorinte ayewamukele umhlatshelo oyisihlengo kaJesu Kristu. Ngenxa yokholo lwawo kulelilungiselelo, uJehova wawabheka njengalungileyo. Ukwamukela kwawo amaqiniso aphathelene noMesiya awezwa ngenkonzo kaPawulu kwawakhulula ebugqilini bamanga, bobuhedeni, nemikhuba yokuziphatha okubi iKorinte lasendulo elalidume ngakho. Ngawo, umusa kaJehova ongasifanele washo ukukhululwa kwawo. Nokho, ingabe umusa onjalo ongasifanele wawungenanjongo?
Cha. Kunalokho, injongo kaJehova yokuwakhulula yayifana nenjongo ayenayo ngokukhulula uPawulu emasikweni obaba bakaPawulu angekho ngokombhalo. UPawulu ngokwakhe uyenza icace leyonjongo: “Engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe . . . wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo.” (Efesu 3:7, 8; qhathanisa nabaseGalathiya 1:15, 16.) Yebo, injongo yomusa kaNkulunkulu ongasifanele yayiwukuba izinceku zakhe zamukele ukukhulekela kweqiniso—zidumise igama lakhe, uJehova, futhi zilenze laziwe enkonzweni yobuKristu, njengoba kwenza uPawulu.—Roma 10:10.
Nokho, lapho uPawulu ebhala incwadi yakhe yokuqala eya kwabaseKorinte, kwakusobala ukuthi abaningi babo babeye balahlekelwa injongo yomusa kaNkulunkulu ongasifanele. Kanjani? Kunokuba balondoloze indlela yokukhulekela eyayihlanzekile futhi yamukeleka emehlweni kaNkulunkulu, babeye bavumela ithonya lokuziphatha okubi lezakhamuzi zaseKorinte ukuba lithuntubeze izingqondo zabo. Kwakubikwa ukuthi phakathi kwabo kwakukhona kokubili ukuphikisana nobufebe. (1 Korinte 1:11; 5:1, 2) Iningi lalabo ababehlanganyela nebandla laguqulwa iseluleko sikaPawulu. Nokho, uPawulu akazange afune ukuba baphinde babe nezinye iziphazamiso enkonzweni yobuKristu. Ngakho-ke, kamuva wabakhumbuza ukuba ‘bangamukeli umusa kaNkulunkulu ongafanele bese belahlekelwa injongo yawo.’—2 Korinte 6:1, NW.
Isibonelo Sasendulo
Isimo esifana nalesi sasibe khona emakhulwini athile eminyaka ngaphambili. Entwasahlobo ka-537 B.C.E., uJehova uNkulunkulu wakhulula isizwe sakhe esikhethiweyo sakwaIsrayeli ekuthunjweni kwaseBabiloni uKoresi inkosi yasePheresiya. Injongo yokukhululwa kwawo yaphawulwa uKoresi ngokwakhe esimemezelweni esilandelayo esithi: “Noma ngumuphi phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uNkulunkulu wakhe makabe-naye, akhuphukele eJerusalema lakwaJuda, akhe indlu kaJehova uNkulunkulu kaIsrayeli.”—Ezra 1:1-3.
Yebo, kwakuyisikhathi sikaJehova esimisiwe sokuba ukukhulekela kweqiniso kubuyiselwe ezweni lakwaJuda. Ngenxa yomusa kaJehova ongasifanele, lawomaJuda abuyiselwe ezweni lakubo athola ilungelo lokwakha kabusha ithempeli lakhe eJerusalema. Bamukela inselele, abathunjwa ababuyiselwe bahlala ezweni lakubo futhi baqala umsebenzi wokubuyisela ithempeli.—Ezra 1:5-11.
Nokho, ngesikhashana nje lesizwe samaJuda esibuyiselwe savumela ukuba ukuphikisa kwangaphandle kuphazamise umsebenzi waso. Kunokuba sigcine injongo yokukhululwa kwaso igxile ngokukhanyayo engqondweni, saqala ukuthi: “Akukabi-yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.” (Hagayi 1:2) Ngokomphumela, umsebenzi wokuvuselela wayekwa ngokuphelele cishe iminyaka eyi-16.
Ngesikhathi esifanayo, ayematasa ngezifiso zobugovu, egxile kakhulu ezintweni ezibonakalayo, ukunethezeka okungokwenyama, kunokuvuselela indlu engcwele kaJehova. (Hagayi 1:3-9) KuHagayi 1:4 siyafunda: “Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, lendlu iseyize, na?” Indlu kaJehova ‘yayiyize,’ inesisekelo kuphela, kuyilapho amaJuda ayehlala ezindlini zawo ezifulelwe kahle nezindonga zazo zihlotshiswe ngamapulangwe amahle.
Ngabaprofethi bakhe uHagayi noZakariya, uJehova wakhumbuza amaJuda ngenjongo yokukhululwa kwawo, futhi umsebenzi wokuvuselela waze waqedwa ekugcineni. Nokho, noma ubani owayeqhubeka ebambelela ezintweni ayenazo ezibonakalayo njengezibaluleke kakhulu kunelungelo lokubona ukukhulekela kweqiniso kubuyiselwe eJerusalema ngokusobala wayelahlekelwa injongo yomusa kaNkulunkulu ongasifanele.
Injongo Yokukhululwa Kwethu
Yini esingayifunda namuhla esibonelweni samaJuda abuyiselwa ezweni lakubo ngo-537 B.C.E. nakumaKristu aseKorinte osuku lukaPawulu? Njengezinceku ezizinikezele zikaJehova uNkulunkulu, nathi futhi sikhululiwe. Ngomusa wakhe ongasifanele, asisekho ebugqilini bezimfundiso zamanga namasiko eBabiloni Elikhulu noma bobubi balesimiso esidala sezinto. (Johane 8:32; 2 Korinte 4:4-6) Ukukhululwa okunjalo, kanye nenkululeko okuyilethayo, kusinikeza ithuba lokubonisa uNkulunkulu ukwazisa kwethu ngothando lwakhe ngathi. (1 Johane 4:9) Kanjani?
Ngokungalahlekelwa kwethu injongo yomusa kaNkulunkulu ongasifanele. Lokhu kunjengoba kwakunjalo ngalezozinceku zakuqala zikaJehova, ukuthi simelwe samukele ukukhulekela kweqiniso. Namuhla, njengasosukwini lukaPawulu, lokhu kusho ukuthi kumelwe ‘sishumayeze abezizwe ivangeli . . . likaKristu.’ (Efesu 3:8) Ngakho-ke, bonke abamukela umusa kaNkulunkulu ongasifanele kumelwe bahlanganyele enkonzweni yobuKristu. Lokhu kusho ukuthi njengezinceku ezizinikezele zikaJehova uNkulunkulu, sinomthwalo wemfanelo wokwenza ukuba iqiniso likhanye kwabanye, wokukhazimulisa nokudumisa igama likaNkulunkulu, nokumkhonza ngokukhulekela okuhlanzekile nokungcwele.—Mathewu 28:19, 20; Heberu 13:15; Jakobe 1:27.
‘Mawungalahlekelwa Injongo Yawo’
Ingabe kungenzeka ukuthi noma ubani wethu, njengalawomaKristu akuqala, usengozini ‘yokulahlekelwa injongo’ yomusa kaNkulunkulu ongasifanele? Yebo. Njengawo, abaningi bethu, emsebenzini noma esikoleni, kumelwe basebenzelane ngokuseduze nabantu ngabanye abaziphethe kabi ngokobulili, abantshontshayo, abaqamba amanga, nabakhohlisayo, kuhlanganise nezinye izinto ezinengekayo kuJehova uNkulunkulu. (1 Korinte 6:9, 10; Galathiya 5:19-21) Ngakho-ke kubalulekile ukuba sigweme ukujwayelana nabantu abanjalo, funa siqale ukuba nothando lokubi. (1 Korinte 15:33) Ubungane obunjalo bungenza ukholo lwethu lube buthakathaka. Ngokufanelekile, uPawulu wabhalela uThithu ukuthi: “Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesisikhathi samanje.”—Thithu 2:11, 12.
Abanye bangase baphethe ngokuthi bafeza inkonzo yabo uma beba khona emihlanganweni eHholo LoMbuso, behlanganyela njalo ekumemezeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, futhi bengahlanganyeli kunoma yiluphi uhlobo lokuziphatha okubi. Nokho, kukhona esinye isici esidinga ukucatshangelwa. UJesu wathi: “Akakho ongakhonza amakhosi amabili.” (Mathewu 6:24) Wayesho ukuthini? Wayesho ukuthi ngisho noma sinikela isikhathi esilinganiselwe ekuqhutshekiselweni phambili kwezindaba ezinhle, kunokwenzeka ukuba isithakazelo sethu esiyinhloko ekuphileni sibe esokuphishekela ukuthola izinto ezibonakalayo ezengeziwe. Iqiniso, singathola ithemba lesimiso esisha sezinto ngaphansi kukaKristu Jesu lihlaba umxhwele ngempela, kodwa ngesikhathi esifanayo singase sifune ukuthola okwengeziwe kulesimiso njengoba sisekhona. Isimo sengqondo esinjalo singamane nje sisiphambukise enjongweni yangempela yokukhululwa kwethu. Ingabe kwakungesona isimo esifanayo sokuphishekela izinto ezibonakalayo esaphambukisa amaJuda abuyiselwe ezweni lakubo ekugcwaliseni injongo yokukhululwa kwawo?
Ingabe imisebenzi yethu ibonisa ukuthi silahlekelwe injongo yokukhululwa kwethu kulesimiso esidala esibi nenkolo yaso yamanga? UPawulu watshela abaseKorinte ukuthi “manje kuyisikhathi esihle kakhulu” sokusiza abanye bazuze ukusindiswa. (2 Korinte 6:2) Namuhla, njengoba imbubhiso esondelayo yalesimiso esibi isiseduze, kunokuphuthuma okukhulu kakhulu kwamazwi kaPawulu. Nakuba kusobala ukuthi iningi labasontayo namuhla likhetha ukungahlanganyeli ukholo lwabo nabanye, amaKristu ahlakulela uthando olusuka enhliziyweni ngoJehova uNkulunkulu ayokubheka njengokuyilungelo ukuhlanganyela ngokugcwele enkonzweni yobuKristu awabele yona. Bonke labo abamemezela ngokwethembeka izindaba ezinhle kulesikhathi esihle futhi bakhonze uJehova ngokukhulekela okuhlanzekileyo nokungcwele bangakwenza ngokuqiniseka ukuthi baye ‘bamukela umusa kaNkulunkulu ongasifanele futhi abalahlekelwanga injongo yawo.’—2 Korinte 6:1.