Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 7/15 kk. 26-29
  • Uhambo Lwethu Olungayikukhohlakala Lokuya EVanuatu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhambo Lwethu Olungayikukhohlakala Lokuya EVanuatu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Izihlokwana
  • Umhlangano EPort-Vila
  • Ukuhlangana ‘NamaNamba Amancane’
  • Ukusinda Esishingishaneni IUma
  • Umphumela
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 7/15 kk. 26-29

Uhambo Lwethu Olungayikukhohlakala Lokuya EVanuatu

NJENGOBA indiza yethu yayisuka esikhumulweni sezindiza ePort-Vila ukuze isibuyisele eNouméa, eNew Caledonia, saqala ukuqaphela ukuthi okuningi esahlangabezana nakho ohambweni lwethu kwakungalindelekile. Okwakugcizelelwe ngokujulile enkumbulweni yethu kwakungeyona nje indawo nemisindo yeziqhingi ezinhle zaseVanuatu nabantu bakhona abanomusa kodwa futhi nokuhlangenwe nakho okwethusayo kokusinda esishingishaneni esibhubhisayo sesiqhingi esishisayo.

IVanuatu iyiqoqo leziqhingi ezilinganiselwa kuma-80 ezimise okuka-Y eningizimu-ntshonalanga yePacific, cishe amakhilomitha angama-400 enyakatho-mpumalanga yeNew Caledonia. Abasakazeke neziqhingi ofakazi bakaJehova esikanye nabo abangama-84 abasemabandleni amabili. Mina nomkami sajabula kakhulu lapho kwenziwa amalungiselelo okuba sibavakashele. Ngokuzenzakalelayo, kwafika imibuzo eminingi ezingqondweni zethu. Yiziphi izimo esasizohlangabezana nazo? Banjani abantu abahlala eziqhingini? Futhi, okubaluleke kakhulu, babezosabela kanjani ezindabeni ezinhle zoMbuso?

Umhlangano EPort-Vila

Sathanda ukukhathazeka lapho sizwa ukuthi nakuba iningi labantu abahlala esiqhingini bangabohlanga lwamaMelanesia, kunezilimi ezingaphezu kwekhulu ezikhulunywa kuzo zonke leziqhingi. Kodwa sakhululeka lapho sithola ukuthi uhlobo oluthile lwesiNgisi sasePidgin esibizwa ngokuthi iBislama siwulimi olujwayelekile. Ngakho kwakungeke kube nenkinga enkulu ekukhulumisaneni nabantu.

Indawo yokuqala esama kuyo kwakuyiPort-Vila, inhloko-dolobha yaseVanuatu. Lapha, kwakufanele siye eMhlanganweni Wesigodi ‘Wokuthula Kwaphezulu.’ OFakazi bendawo basebenza kanzima ukuze bawulungiselele. Kwakufudumeza inhliziyo ukubona izihambeli zivela eziqhingini ezikude okwakuye kwadingeka ukuba zonge imali izinyanga eziningi ukuze zithathe uhambo.

Ihholo lomhlangano laligcwele kusukela osukwini lokuqala lomhlangano. Abantu abangaphezu kwama-300 beza ukuzobona amadrama eBhayibheli ayeboniswa ngamavideo. Lokhu kwakuvelele, uma ucabangela ukuthi kunabamemezeli boMbuso abangama-84 kuphela kuzo zonke iziqhingi. Ngokuqinisekile, uJehova ulungiselela isivuno esihle kuleziqhingana ezincane zomhlaba phakathi noLwandlekazi iPacific.

Ukuhlangana ‘NamaNamba Amancane’

Ngosuku olulandelayo, mina kanye nomzalwane womdabu sathatha indiza encane salibhekisa esiqhingini saseMalekula. Ngemva kohambo lwendiza olunzima, sathi cababa eThekwini laseNingizimu-mpumalanga. Engangihamba naye wahamba efuna umzala wakhe ukuze asitholele isikebhe. Kwakuyiyona ndlela kuphela yokufinyelela isigodi saseLetokas, indawo esasiya kuyo.

Njengoba sasintanta esikebheni sethu futhi silandela ugu lolwandle, ngakhangwa ubuhle bemvelo besiqhingi. Amawa awumqansa aqonde olwandlekazini ayemangalisa kakhulu. Uhlaza olukhephuzelayo lwalukuyo yonke indawo, luhlotshiswe izimbali ezimibalabala noma lumbozwe izintandela, amafern, namaorchid ekhethelo. Izinyoni ezimibalabala njengezinyoni ezidla ukhukhunathi, zazindiza zisuka emthini zihlale komunye.

Sisesikebheni sethu sasikwazi ukubona futhi ukuceba kolwandle—amadwala, nenqolobane engokwemvelo yabantu basesiqhingini. Abantu abavela kuwo wonke umhlaba bayeza bazotshuza futhi babuke ubuhle bezinhlanzi ezinemibala egqamile nezivela kwamanye amazwe. Izinkumba nezinhlanzi ezinezinzipho nazo ziningi, futhi abantu bomdabu bazidoba ngamanetha noma bazicibe ngemikhonto ukuze bazidle.

Ngokushesha sabona intuthu ikhuphuka ivela emasimini kakhukhunathi akude. Yayiphawula indawo esasiya kuyo, ithafa elihle eduze neTheku iBamboo. Njengoba sasisondela ogwini, amahlengethwa amaningana eza ukuze adlale eduze nathi. Khona-ke sabona amanye amadoda ephethe iminsalo nemicibisholo ekhuluma ngezandla ngendlela ebonisa injabulo enkulu. Phakathi kwawo, sabona abazalwane bethu, bejabula ngokufika kwethu.

Laba babengamaNamba Amancane aseMalekula eseningizimu, esinye sezizwe eziqhele kakhulu ePacific eseNingizimu. Bahlala ezigodini ezincane phezulu ezintabeni okuwuhambo lwezinsuku eziningana ukusuka ogwini. Amadoda ayevame ukugqoka ‘inamba,’ umutsha owenziwe ngamahlamvu ananyatheliswe ebhandeni legxolo. Abesifazane bagqoka iziketi ezimfushane zotshani. Esigodini ngasinye, ngokuvamile kunesikhungo semikhosi lapho ukusina kokwenziwa kweminikelo neminye imicikilisho kwenzelwa khona. Nakuba abaningi abahlala ezigodini beye bathatha indlela yasentshonalanga yokuphila, imikhuba yezinkoleloze neyobudemoni isavamile.

Kwakuyinjabulo ukuhlangana nokubingelela abazalwane. Amadoda ayemafushane kodwa enamandla kakhulu. Ukukhophoza kwawo okungokwemvelo nomusa wawo kwathinta inhliziyo yami. Ezinye zezingane zazingesaba ngenxa yokuthi amadoda amhlophe ezaziwazi ngokuvamile ayengodokotela, futhi izingane zaziyikhumbula kahle imijovo!

Isigodi sasihlukaniswe kabili ngensimu encane kakhukhunathi phakathi nendawo. Enye ingxenye yesigodi igcinelwe labo abaye bamukela iqiniso, futhi ngokushesha ngabona isizathu salokhu. Ukuze bamelele iqiniso futhi baqhubeke nesifundo sabo seBhayibheli, abanye kumelwe bahlale behlukile kwezinye izakhamuzi zalesosigodi.

Amaqhugwane akhiwe phezu kwezinyanda zoqalo. Njengoba sasingena kwelinye lawo, ngokushesha ngahilwa ifu lentuthu evela emlilweni ophakathi nendlu. Intuthu yenza amehlo ami aluma, kodwa okungenani yaxosha omiyane nezimpukane. Eduze, kwelinye iqhugwane elincane, owesifazane wayelungisa iqatha lebuluk, noma inyama yenkomo, ebekwe phezu kwamahlamvu elaplap, igcwele izimpukane.

Samemela abantu ukuba babe khona esimisweni samaslide ngoLwesithathu ebusuku. Kwakuyinkulumo ngomlando woFakazi BakaJehova enesihloko esithi Ukuqhubekela Phambili Emhlabeni Wonke Naphezu Kokushushiswa. Omunye wabamemezeli wayehambe phambili uhambo losuku ukuze ameme abanye babantu abahlala esigodini ezintabeni. Ngangilangazelela ukubona ukuthi babezofika yini. Kusihlwa, insizwa yafika iphethe umnsalo nemicibisholo yayo. Yayilandelwa abanye abantu abaningana. Ngahlabeka umxhwele ukubona ukuthi ukuba kude kwendawo akuzange kubayekise ukuza kulomhlangano.

Ngokushesha, sasizungezwe iminsalo nemicibisholo. Abantu abacishe babe ngama-80 base befikile, futhi saqalisa isimiso. Kwakuhlekisa ukulalela umsindo ababewenza ngolimi lwabo lapho bemangazwe okuthile ababekubona kumaslide.

Ngemva kwesimiso samaslide, ingxoxo yagxila emasikweni nasemikhubeni yabantu bomdabu. Abantu balalela ngokucophelelisisa futhi basemukela ngenjabulo isixwayiso seBhayibheli esiku-1 Korinte 10:20, 21 esimelene nobudemoni. Esikhathini esithile, babeye bayenqaba imizamo yabavangeli bamasonto eLobukholwa yokubenza balandele indlela yokuphila yobuKristu bokuzisholo. Ngokwengxenye lokhu kwakungenxa yokuthi babengavumelani nezimfundiso ezithile ezazifundiswa abavangeli beLobukholwa futhi ngokwenye ingxenye ngenxa yokuthi babeshaqiswe ukuziphatha kwabanye ababezisholo ukuthi bangamaKristu. Manje, abantu besigodi babejabula ngokwazi isithembiso sikaNkulunkulu sokubuyisela ipharadesi lasemhlabeni nokuvusa abafileyo. Ngamane ngacabanga ngamazwi kaJesu akuJohane 8:32: “Niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

Ukholo lwalabantu nothando lwabo ngeBhayibheli lwasho futhi ukuphikiswa kwabo. Amanye amakhosi angokwenkolo aphoqa abantu bomdabu ukuba bashayelele izincwajana zethu eminyango yabo njengophawu olusho ukuthi ‘asizifuni lezi lapha.’ Kodwa loluhlobo lokucindezelwa lwamane lwabangela abanye abaninikhaya ukuba bafune isifundo seBhayibheli ukuze bathole iqiniso. Kwakunzima kakhulu ngami ukushiya labangane abahle abathanda iqiniso. Ngathembisa ukuthi ngizobuya futhi ngivakashele isigodi sabo phezulu ezintabeni.

Ukusinda Esishingishaneni IUma

Uhambo lwethu lwahlanganisa ukuma e-Espíritu Santo, esinye isiqhingi ngasenyakatho yeVanuatu. Lapho sahambela iBandla laseLuganville. Nakuba kwakunomdala oyedwa vo kulelobandla, kunomoya omuhle phakathi kwabangane. Enkulumweni yeBhayibheli ngeSonto, sonke ngenjabulo samangazwa ukubona abantu abayi-150, inani eliphindwe kathathu labamemezeli boMbuso.

Kwakumelwe sibuyele ePort-Vila ukuze sithathe indiza eyayizosibuyisela ekhaya eNoumea, New Caledonia. Lapho sisesePort-Vila, sezwa izindaba ngoLwesihlanu ntambama zokuthi isishingishane iUma sasisendleleni. Abantu babengamangele kakhulu, njengoba lesisimo sezulu sivame kakhulu ngalesosikhathi sonyaka. Khona-ke kwabikwa ukuthi isishingishane sasizofika ngo-7:00 p.m. Ngokushesha sathumela umbiko ngomsakazo wendawo ukuthi imihlangano yethu yayizohlehliswa. Futhi ngathanda ukukhathazeka ngohambo lwethu lwendiza olubuyela eNouméa ngeSonto.

Ngo-5:30 p.m., umoya wawusuye waba namandla kangangokuthi waqala ukuphihliza amanye amafasitela. Sabona ukuthi kwakuzodingeka sivimbe amafasitela neminyango ukuze umoya ungangeni endlini futhi ususe uphahla. Omatilasi, imibhede, amakhabethe, namatafula kwanqwatshelaniswa kweyama efasiteleni naseminyango. Sasiwezwa amandla omoya eshukumisa indlu, kodwa ngokujabulisayo akukho okwawa. Kamuva sezwa ukuthi umoya wawunesivinini samakhilomitha angama-240 ngehora ngalobobusuku.

Ngokushesha kwaba khona ukuthula. Sasizakala ngalokhu futhi sashesha saphumela phandle ukuze sibone ukuthi oFakazi abahlala endlini elandelayo babenjani. Sathuswa ukuthola ukuthi izihlahla egcekeni labo zaziwile nodonga lwelinye ikamelo lwaluye lwabhodlokela phakathi. Odade abathathu babehla benyuka kwelinye ikamelo, belindele usizo. Saqala ukuzibuza ukuthi kazi kwakuhamba kanjani ngabanye abazalwane bethu. Sonke sathandaza kuJehova ukuba abagcine.

Phakathi kwamabili, cishe ngemva kwamahora ayisishiyagalombili akhathazayo, isishingishane sase siya eningizimu yeziqhingi. Kodwa imibani nemvula kwaqhubeka. Ngokubaneka okwakulokhu kubaneke njalo, sabona uphahla lukathayela lundiza kuyo yonke indawo. Futhi ngokushesha imvula yaqala ukungena phakathi endlini. Manje kwase kungu-2:30 a.m., futhi sanquma ukuhamba futhi siyobona ukuthi babenjani abazalwane bethu.

Umphumela

Imigwaqo yayigcwele amahlamvu namagatsha, izingcezu zefenisha yasendlini, uphahla lukathayela nezimpahla zasendlini. Izigxobo zikagesi zazisontekile zase ziwela phansi. Kwakumelwe sichushe kuyo yonke imfucumfucu. Umbono owesabisayo womonakalo wawuphambi kwamehlo ethu. Khona-ke sa: thola umbonisi owengamele webandla laleyondawo nomkhaya wakhe beqhaqhazela emotweni yabo encane. Uphahla lwekhaya labo lwalupheshulwe isishingishane, futhi indlu yayibhidlikile. Kwakumisa isibindi ukubabona bengalimele.

Lesosishingishane saba esiyonakalisa kakhulu iVanuatu eyake yaba naso eminyakeni engama-25. Izilwandle ezigubha amagagasi zakhiphela yonke imikhumbi ngaphandle, futhi sezwa ukuthi abantu abangama-46 babefile noma belahlekile, iningi labo kwakuyilabo ababesemikhunjini. Cishe abantu abayizi-4 000 balahlekelwa amakhaya abo, futhi umonakalo wezitshalo nempahla walinganiselwa emaRandini ayizigidi ezingama-R426. Sajabula ukuzwa ukuthi akekho kubazalwane bethu owayefile noma elimele.

Ngokushesha, kwamiswa ikomiti yokusiza. OFakazi BakaJehova eNew Caledonia bathumela amakhilogremu angaphezu kwama-450 ezinto, kuhlanganise ukudla, izingubo, nezimpahla ukuze basize abazalwane ukuba bakhe kabusha amakhaya abo. Iqembu labantu abathakazelayo kwenye ingxenye yesiqhingi basanga lapho besibona. Izitshalo zabo zaziqothuliwe, futhi iqhugwane lohlobo lwakudala kuphela elalisinde isiphepho. Saqikelela ukuthi babenokudla okwanele izinsuku ezimbili, futhi sase sibuyela ePort-Vila.

Iziphathi-mandla zendawo nazo zaziqala ukulungiselela usizo, futhi usizo oluvela emazweni angomakhelwane lwaqala ukufika. Njengoba ukunuka kwezinto ezibolile kwakuqala ukwenyuka, uhulumeni watshela abantu ukuba bahlanze idolobha ngokushesha ngangokunokwenzeka. Sanikeza ukusikisela okuthile ngokusetshenziswa kwamanzi ukuze kuvinjelwe ukusakazeka kwezifo ezinjengetyphoid fever nesifo sohudo.

NgoLwesine olulandelayo, okwajabulisa wonke umuntu, sakwazi ukubonisa isimiso samaslide. Ngemva komhlangano, sezwa ukuxokozela kwengxoxo phakathi kwabangane. Abaningi babo babesakuzwa ukushaqeka kokulahlekelwa yikho konke ababenakho. Kodwa bonke babonisa umoya omuhle wokuzimisela ukusiza nokunakekela izidingo zabanye. Yeka ukubonakaliswa kobunye bobuKristu!

Ekugcineni, kwase kuyisikhathi ngathi sokuba sishiye abazalwane bethu nodade abathandekayo. Sakhuthazwa kakhulu uthando lwabo nentshiseko. Ubunzima esasihlangabezane nabo bamane basisondeza eduze kakhulu komunye nomunye. Njengoba indiza yethu yayisuka ePort-Vila, isifiso sethu esisuka enhliziyweni sasiwukuthi sibuye sibabone bonke futhi.—Inikelwe.

[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 26]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

VANUATU

ESPÍRITU SANTO

Luganville

MALEKULA

EFATE

Port-Vila

NEW CALEDONIA

Nouméa

[Izithombe]

IPortVila, inhloko-dolobha yaseVanuatu

Ukushumayela kumuntu wendawo

Isigodi sakulendawo

[Isithombe ekhasini 29]

Bayajabula ngokuzwa izindaba ezinhle

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela