UJesu Kristu—UNkulunkulu, Umuntu, Noma Inganekwane?
UMDLALO ohambisana nomculo werock owawuqhutshelwa eBroadway eseDolobheni laseNew York ngo-1971 wabonakala uvusa impikiswano, njengoba wawuphathelene nendaba yenkolo. Kodwa ngokunokwenzeka leyondaba yayingasayivusi impikiswano kangaka njengoba kwakunjalo ngokuthi wayengubani umdlali wawo oqavile.
Enye yezingoma ezithandwayo zomdlalo yabuza: “Jesu Kristu Mdlali Ovelele, ingabe ucabanga ukuthi uyilokho abathi uyikho?” Abantu emuva ekhulwini lokuqala babethi uJesu Kristu ungubani? UJesu ngokwakhe wabuza abafundi bakhe lowombuzo futhi wathola izimpendulo eziningana ezihlukahlukene. (Mathewu 16:13, 14) Namuhla, cishe iminyaka eyizi-2 000 kamuva, ukuthi uJesu ungubani kuseyimpikiswano.
Ingabe kunendaba ngempela ukuthi uJesu wayengubani? Ukuthi ungubani kungaba namuphi umphumela kithi? Nokho, abantu abavelele bezinsuku ezidlule bawubumba umlando wezwe, ngaleyondlela besithinta sonke, ngisho nangokungaqondile. Kodwa namuhla bafile. Ngakho-ke, nakuba beye basithinta ngabakwenza, ayikho indlela abangasithinta ngayo ngabakwenzayo.
Nokho, endabeni kaJesu Kristu isimo sehluke ngokuphelele. Izigidi ziyakukholelwa, futhi zinobufakazi obuqand’ ikhanda bokuba naleyonkolelo, yokuthi uJesu uyaphila ngempela namuhla, hhayi njengomuntu emhlabeni kodwa njengomoya onamandla ezulwini. Lokho uJesu abekwenza, ikakhulukazi kulelikhulu lama-20 leminyaka, kuye kwaba nethonya elinamandla kuso sonke isintu. Ngaphezu kwalokho, ithonya likaJesu ekuphileni kwethu alilinganiselwe kulokho aye wakwenza esikhathini esidlule. Lifinyelela kude ukuba lihlanganise akwenzayo manje futhi, ngokujabulisayo, nazokwenza esikhathini esizayo.
Lapho sibuyela esihlokweni sethu esithi: uJesu Kristu—uNkulunkulu, umuntu, noma inganekwane? Ucabangani? UJesu oyinganekwane ubengasho ukuthi wayengeyena uNkulunkulu noma umuntu, ukumcabangela ngokuqhubekayo kuyize. Ngakolunye uhlangothi, kufanele sibe nelukuluku lokufunda ngoJesu ophilayo futhi onikezwe amandla uNkulunkulu ukuba alethe izinzuzo ezihlala njalo esintwini.