Imibuzo Evela Kubafundi
◼ Ingabe amaJuda ayenegunya elingokomthetho lokubulala uJesu, njengoba kusikiselwa amazwi kaPilatu kuJohane 19:6?
Asinakuqiniseka noma amaRoma ngalesosikhathi anikeza amaJuda igunya lokukhipha izahlulelo.
Ngemva kokuba abaholi bamaJuda begqugquzele ukuba uJesu aboshwe, bamqulisa icala. Phakathi nokuquliswa “bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale.” Ekugcineni, bathi uJesu unecala lokuhlambalaza futhi bathi kanjalo “ufanele ukufa.” (Mathewu 26:59, 60, 65, 66) Kodwa ngemva kokuba ‘benze icebo ngoJesu lokuba bambulale,’ bamyisa kumbusi wamaRoma, uPilatu.—Mathewu 27:1, 2.
Lezimo ziye zaholela abaningi ukuba baphethe ngokuthi amaJuda ayengenayo ngalesosikhathi imvume yokubulala uJesu Kristu ngalelocala lenkolo. Ngokusobala okuvumelana nalombono impendulo yamaJuda lapho uPilatu ewatshela ukuba ahlulele ummangalelwa ngaphansi komthetho wobuJuda. Asabela ngokuthi: “Asivunyelwe ukubulala umuntu.” (Johane 18:31) Eqinisweni, isiko elilandiswe kuyiJerusalem Talmud lithi cishe iminyaka engama-40 ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema ngo-70 C.E., amaJuda alahlekelwa igunya lawo lokubulala abenzi bobubi.
Khona-ke, yeka ukuthi kuxaka kanjani ukufunda amazwi kaPilatu kuJohane 19:6. Esabela ekumemezeni kwabaholi benkolo kokuba kubethelwe uJesu, uPilatu wabatshela ukuthi: “Mthatheni nina, nimbethele [esigxotsheni, NW] ngokuba angifumani-cala kuye.” Lamazwi abonakala ephikisana nokwakuye kwashiwo amaJuda kuJohane 18:31.
Isazi-mlando esingumJuda uFlavius Josephus unikeza ukulandisa kukafakazi wokuzibonela okungase kunikeze ukukhanya okuthile kulempikiswano. Ubika ukuthi phakathi nokuhlasela kwamaRoma iJerusalema ngo-70 C.E., abavukeli babalekela emagcekeni ethempeli. Abanye balezidlova babesezindaweni okwakungangenwa kuzo ngenxa yobungcwele bazo. Ecasulwa yilokhu kungcoliswa kwalokho ngisho namaRoma ayekubheka njengendawo engcwele, uJenene Titus wathi:
“Nina bantu abanengekayo! Anakhanga yini loluyadonga [noma uthango olufushane oluhlukanisa ingxenye ethile yegceke] ukuze niqaphe iNdlu yenu eNgcwele? Anizange yini ezingxenyeni ezithile zalo nibeke izibhebhe ezilotshwe ngezinhlamvu zesiGreki nezethu, ukunqabela noma ubani ukudlulela ngalé kothango? Futhi asininikanga yini imvume yokubulala noma ubani odlulela ngalé kwalo, ngisho noma engumRoma? Kungani-ke, nina bantu abanecala, manje ninyathela izidumbu ngaphakathi kwalo?”—The Jewish War, eyahunyushwa uG. A. Williamson, ikhasi 312. Omalukeke sizenzele.
Ngakho-ke, ngisho noma amaRoma engazange avumele amaJuda ukuba asebenzise isijeziso sokubulala emacaleni okweqa imithetho yomphakathi, kubonakala sengathi awanikeza igunya lokubulala ngenxa yamacala athile amabi okwephula imithetho yenkolo. AmaJuda aletha uJesu kuPilatu kungenzeka akubona kuhlakaniphile ukuba isahlulelo sokufa sikhishwe amaRoma, mhlawumbe ukuze ukufa kwakhe kube okunengeka kakhulu, futhi kanjalo noma yikuphi ukuvungama komphakathi kwakuyobhekiselwa kwabezizwe. (Galathiya 3:13; Duteronomi 21:23) Nokho, uPilatu ngokunokwenzeka efuna ukugwema leyonkinga, wabatshela: “Mthatheni nina; nimbethele [esigxotsheni, NW].” Futhi kungenzeka ukuthi waba nomuzwa wokuthi uma icala ngokwenkolo lalilibi kakhulu, abaholi bamaJuda kwakumelwe bathwale icala ngokubulala uJesu.
[Izithombe ekhasini 31]
Lombhalo egcekeni lethempeli (bheka umfanekiso) waxwayisa abeZizwe ukuba bangadluleli ngalé kodonga olufushane lwethempeli
[Umthombo]
Umfanekiso owenziwe womuzi waseJerusalema ngesikhathi sethempeli lesibili—ubekwe emagcekeni aseHhotela laseHolyland, eJerusalema
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.