Ngakuthola Ukulunga Hhayi Kwezombangazwe Kodwa EbuKristwini Beqiniso
Njengoba ilandiswa nguXavier Noll
UKUNGALUNGI! Lokhu okuthile engahlangabezana nakho ngisemncane, futhi ngahlupheka ngenxa yakho. Njengomusha, ngangizibuza: ‘Ingabe ukungalungi kungokuthile okumelwe nje kubekezelelwe? Ingabe awukho uhulumeni emhlabeni onamandla okukuphelisa? Ukulunga kungatholakalaphi?’ Ekugcineni ngakuthola, kodwa hhayi lapho ngangilindele khona.
Ukufuna Kusukela Ebuntwaneni
Ngakhulela eWittelsheim, idolobha elincane eliseAlsace, isifunda esisenyakatho-mpumalanga yeFrance. Ubaba, njengamanye amadoda amaningi kuleyondawo, wayesebenza emayini yepotash. Emuva ngawo-1930, izisebenzi ezisebenza ezimbonini zashoshozela ukuba sivukele. Ngikhumbula ukuthi ngisengumntwana, ngajoyina imibhikisho yezisebenzi. Sasibhikisha emigwaqweni siphakamise izibhakela, sihlabelela amaculo okuvukela, ‘njengeInternationale’ yesimiso sokusebenzela uhulumeni. Izisebenzi zazifuna ukulunga nezimo zokuphila ezingcono.
Lapho izisebenzi zasemayini ziqhubeka ziteleka futhi zingaphumi emayini, ngangihambisela ubaba ukudla. Ngisayikhumbula indlela engangithuke ngayo lapho kumelwe ngidlule lapho okwakukanise khona onogada besizwe abahlomile ukuze ngidlulisele igamelle (isitsha sokuphatha ukudla) kababa kuye ngezitimela zasemayini. Angihlaba umxhwele amafulege ayebhalwe iziqubulo zokwedelela namafulege abomvu entaza emoyeni, amanye enomfanekiso wesando nesikela.
Abesifazane babehlangana phambi kwamasango asemayini, bememeza iziqubulo ukuba bakhuthaze abayeni babo ukuba baqhubeke belwa ‘nabaxhaphazi.’ Abanye abesifazane babehlala benovalo ngenxa yezingozi ezingehlela abayeni babo. Naphezu kwemizwa yawo yokumelana nesimiso sokuzisebenzela, amanye amadoda ayenyenyela emayini ebusuku ukuze ahole imali eyanele ukuba ondle imikhaya yawo. Ngezinye izikhathi ubaba wayekwenza naye lokhu. Wayehamba nesibhamu emgodleni wakhe enzela uma ehlangana nababhikishi abafuna labo abangateleki.
UHitler Uhlasela IFrance
Ngangineminyaka eyi-17 lapho kugqashuka impi. Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, amaNazi ahlasela iFrance. Njengoba ayethi iAlsace yayingeyona nje indawo ahlala kuyo kuphela kodwa yayiyingxenye yoMbuso wamaJalimane, zonke izinsizwa ezinjengami kwakumelwe zibhaliswe ebuthweni likaHitler. Ngakho-ke, ngibophele ipotimende emhlane, ngabaleka ngebhayisekili ngaphambi kokuba abahlaseli ababeza bafike. Ngezinye izikhathi ngangikwazi ukudonswa ngokubambelela ngemuva emalolini aqonde eningizimu. Ababaleki abaningi babeyizisulu ezilula zezindiza zamaJalimane, ngakho ngangiziphonsa emseleni lapho ngizizwa ziza.
Ngafika eningizimu ephakathi yeFrance, eyayingakalawulwa amaJalimane. Kodwa ngisho nalapho ngahlangabezana nokungalungi. Ngasebenza kanzima ngishanela imigwaqo, ngithwala amabhokisi ezidumbu emathuneni, noma ngithwala amafulaha angamakhilogremu angama-45 embonini kasimende. Ngezinye izikhathi ngangisebenza amahora ayi-12 ngosuku ngihole imadlana nje. Eziningi zezinto eziyizidingo okwakumelwe ngabe thina babaleki siyazithola zazebiwa iziphathi-mandla ezazimiselwe ukuba zisabele zona.
Ngasekupheleni kuka-1940, nganquma ukuhlanganyela empini yokukhulula izwe lakithi. Ngaya eAlgeria, eNyakatho Afrika, ngajoyina ibutho laseFrance elalisele lapho. Ukuphila kwasempini akukwanelisanga ukomela kwami ukulunga njengoba kwakunjalo nje ngokuphila kokungahileleki empini, kodwa ngangisafuna ukuhlanganyela ekukhululeni iYurophu. AbaseMelika bafika eNyakatho Afrika ngasekupheleni kuka-1942. Nokho, ngolunye usuku ngo-1943, ngalahlekelwa iminwe yami emithathu lapho kuqhuma isiqhumane sebhomu engangisiphethe. Ngakho ngangingakwazi ukujoyina amabutho okwakumelwe aphinde anqobe iYurophu.
Ukunengwa Ezentengiselwano, Ezombangazwe, Nenkolo
Lapho ngibuyela ekuphileni okuvamile eAlgeria, ukuxhashazwa okubi komuntu ngomunye okwakuqhubeka emphakathini wezisebenzi kwangenza ngazizwa ngicasukile. Omunye wabangane bami wafa ngemva kokuphefumula igesi ebulalayo ngenxa yezimo zomsebenzi eziyingozi. Ngokushesha ngemva kwalokho ngacishe ngafa ngaphansi kwezimo ezifanayo. Lemboni yezentengiselwano yayingenandaba ngokuphelele nempilo, noma ngisho nokuphila kwezisebenzi zayo. Kwadingeka ngilwele ukuthola isinxephezelo. Nganginengeke ngokuphelele.
Nakuba ngangineminyaka engama-24 kuphela, ngaphelela ekhayeni labagugile, lapho ngahlala khona kwaze kwaba sekupheleni kwempi. Ngiselapho, ngahlangana namanye amasosha amakhomanisi aseFrance ayedingiselwe eAlgeria ekuqaleni kwempi. Sasizwana, futhi ababanga nabunzima ekungivumiseni ukuba ngibajoyine ekulweni kwabo nokungalungi.
Lapho kuphela impi, ngabuyela edolobheni lasekhaya eAlsace, ngigcwele imicabango yami emisha. Kodwa izinto azenzekanga njengoba ngangilindele. Ngaphazanyiswa kakhulu ukuthola ukuthi amanye amalungu eQembu LamaKhomanisi ayengalishisekelanga kahle izwe phakathi nempi. Ngolunye usuku isikhulu seqembu sathi kimi: “Uyazi, Xavier, sasingeke sifike ndawo ukuba samukela abaphikeleli kuphela.” Ngabonisa ukungavumelani kwami naye nokudumala kwami.
Ngaqaphela futhi ukuthi labo ababememeza kakhulu kunabo bonke ngamacebo nokulunga bachitha omningi womholo wabo eziphuzweni enkantini yasemayini, benza imikhaya yabo ibe mpofu. Naphezu kwalokhu, ngavotela iQembu LamaKhomanisi ngoba nganginomuzwa wokuthi amakhomanisi ayezinikela ekuzuzeni ukulunga kwesigaba sezisebenzi.
Ngangihambisa izifanekiselo eMiseni ezinsukwini zami zobusha, ngakho umpristi ongumKatolika wafika ezongincenga ukuba ngibe isosha lesonto. Kodwa ngangilahlekelwa ukholo kubefundisi. Ngangiqiniseka ukuthi babesohlangothini lwesigaba esibusayo. Ngaphandle kwalokho, ngangazi ukuthi abapristi abaningi bamaKatolika babeye basebenzelana namaJalimane eFrance phakathi nokulawula kwawo. Ngangikhumbula ukuthi lapho ngisempini, abefundisi bamaKatolika babeshumayela ukushisekela izwe. Kodwa ngangazi futhi ukuthi abefundisi bamaKatolika ababesebuthweni lamaJalimane benza okufanayo. Ngowami umbono, lowo kwakuwumsebenzi wabaholi bezombangazwe nabezempi, hhayi abefundisi besonto.
Ngaphezu kwalokho, okuhlangenwe nakho okubuhlungu kwakulushukumise ngokungathi sína ukholo lwami kuNkulunkulu. Udadewethu wabulawa yibhomu ngosuku ayehlanganisa ngalo iminyaka engama-20. Ngalesosikhathi, ngazibuza: ‘Uma uNkulunkulu ekhona, kungani evumela konke lokhu kungalungi?’ Nakuba kunjalo, lapho ngijabulela ukuphola okunokuthula kwendawo yethu enhle esemaphandleni, ngangizizwa ngishukunyiswa ngokujulile. Ngangizitshela: ‘Konke lokhu kwakungeke “kumane kuzenzekele.”’ Ngezikhathi ezinjengalezo ngangithandaza.
Isigijimi Sethemba
Ngolunye usuku lwangeSonto ekuseni ngo-1947, owesilisa nowesifazane abaseminyakeni yawo-30 ubudala bavakashela ekhaya. Bakhuluma nobaba, owabatshela: “Kungaba ngcono nibonane nendodana yami. Ifunda konke engakufinyelela.” Kwakuyiqiniso. Ngangifunda konke, kusukela ephephandabeni lamakhomanisi iL’Humanité kuya kwelamaKatolika iLa Croix. Lezivakashi zangilandisa ngezwe elingenayo impi lokulunga kubo bonke, lapho umhlaba wethu uyoba ipharadesi. Wonke umuntu uyohlala endlini yakhe siqu, futhi ukugula nokufa kube izinto zesikhathi esidlule. Babefakazela konke ababekusho ngeBhayibheli, futhi ngabona ukuthi babeqiniseka ngempela.
Ngangineminyaka engama-25, futhi ngangiqala ngqá ukuba ngilithinte nokulithinta iBhayibheli. Izindimana abazifunda zangivusa isithakazelo. Kwabonakala kungenakukholeka, futhi ngangifuna lendaba ingicacele kahle engqondweni yami siqu. Izivakashi zami zangithembisa ukungilethela iBhayibheli zase zishiya incwadi ethi Deliverance, kanye nencwajana enesihloko esithi “Be Glad, Ye Nations.”
Ngokushesha nje lapho behamba, ngaqala ukufunda incwajana. Ubufakazi bomshana kaJenene de Gaulle ngokuphathelene nobuqotho boFakazi BakaJehova ekamu lokuhlushwa labesifazane eRavensbrück babusangulula ngempela. ‘Uma ekhona amaKristu eqiniso,’ ngizitshela, ‘lawa kumelwe kube yiwo.’ Ngaqeda incwadi ethi Deliverance ngaphambi kokuba ngiyolala ngalobobusuku. Ekugcineni ngangithole impendulo yomunye wemibuzo eyayilokhu ingihlupha isikhathi eside kangaka: “Kungani uNkulunkulu wokulunga evumela ukungalungi?”
Ngimelela Ukulunga Kweqiniso
Ngosuku olulandelayo, njengoba babethembisile, oFakazi babuya neBhayibheli. Ngenxa yengozi yebhayisikili, igxalaba lami lalifakwe ukhonkolo, ngangingakwazi ukuya emsebenzini, ngakho isikhathi sasingesami. Ngalifunda lonke iBhayibheli ngezinsuku nje eziyisikhombisa, ngithola izimiso zalo ezinhle zokulunga. Njengoba ngangiqhubeka ngifunda, ngangiqiniseka ngokwengeziwe ukuthi lencwadi yayivela kuNkulunkulu. Ngaqala ukuqonda ukuthi ukulwela ukumisa ukulunga kweqiniso kwakumelwe kube okungokomoya, hhayi okungokombangazwe.—Efesu 6:12.
Ngaqiniseka ukuthi bonke abangane bami bezombangazwe babezojabula kakhulu ngokuzwa ngesigijimi sethemba engangisanda kusithola. Yeka ukudumala lapho bengabonisi ngisho nencane intshiseko! Kepha mina, angikwazanga ukuzibamba ukuba ngitshele bonke abantu izindaba ezinhle. Ngangijabulela ikakhulukazi ukucaphuna imibhalo ethile, njengoJakobe 5:1-4, lapho abacebile belahlwa khona ngenxa yokuxhaphaza izisebenzi.
Ngangiwunoposi ngalesosikhathi. Ukuze ngigweme ukucasula ubaba, owayenamathele emibonweni yakhe, ngangiphuma endlini ngithwele isigqoko sikanoposi futhi ngiqiniseka ukuthi sisekhanda lapho ngibuyela ekhaya. Ngolunye usuku ubaba wathi kumngane wakhe: “Indodana yami isebenza ama-overtime amaningi muva nje.” Iqiniso laliwukuthi ngangishiya isigqoko sami kubo kamngane wami lapho ngiphuma ngiya emsebenzini wokushumayela ngibuye ngisithwale kamuva.
Ezinyangeni ezingaphansi kwezintathu ngemva kokuhlangana kwami kokuqala noFakazi BakaJehova, ngahamba ngedwa ngiya emhlanganweni eBasel, eSwitzerland. Phakathi nenkulumo yobhapathizo, ngatshela enye inkosikazi enguFakazi eyayihleli eduze kwami (eyayinginikeze ngomusa indawo yokulala ngenxa yomhlangano) ukuthi ngangifuna ukubhapathizwa kodwa ngangingaziphethe izinto zokungena emanzini. Ngokushesha yashiya isihlalo sayo yase ibuya nesikhindi nethawula kusenesikhathi eside ngaphambi kokuba kuphele inkulumo.
Ukwenza Okwengeziwe Enkonzweni
Kakade ngase ngisebenza cishe amahora angama-60 ngenyanga ngivakashela abantu emakhaya abo. Nokho, lapho incwadi ekhuthaza inkonzo yobuphayona (umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele) ifundwa eHholo LoMbuso, ngazitshela: ‘Leyo eyami!’
Ngasekupheleni kuka-1949, ngathunyelwa ethekwini laseMarseilles elidumile eMedithera ukuba ngiyophayona khona. Ukuphila kwakumnandi eMarseilles ngalezozinsuku zangemva kwempi. Kwakuwuhlobo lwedolobha lapho abashayeli bamabhasi ahamba ngojantshi babema khona ukuze bangaphazamisi umdlalo wepétanque (umdlalo webhola) odlalelwa emgwaqweni. Mina nabanye abazalwane ababengamaphayona asiyitholanga indawo yokuhlala ngaphandle kwendlu eyayiqashisa eyayisetshenziswa futhi izifebe. Kwakungeyona indawo efanele izikhonzi ezingamaKristu, kodwa kumelwe ngisho ukuthi ngokombono wethu, lamafilles de joie awazange neze akhulume noma enze okuthile okuphambukile futhi ayelalela isigijimi sethu ngokunakekela.
Sasinemali encane kakhulu futhi sincika ngokuphelele kuJehova ukuba asinikeze izidingo zethu ezingokwenyama. Kusihlwa, lapho sibuyela ekhaya, sasihlanganyela okuhlangenwe nakho kwethu. Ngolunye usuku, okwangimangalisa kakhulu, owesifazane waseYugoslavia engahlangana naye ngihamba endlini ngendlu wathatha isiphambano esikhulu etafuleni eliseceleni kombhede wakhe wayesesiqabula ngomuzwa ojulile ukuze abonise ukuthi wayemthanda kangakanani uNkulunkulu. Wasamukela isifundo seBhayibheli, futhi ngokushesha wasanguluka wabona ubuze bokukhonza izithombe.
NgoNovember 1952, uDade Sara Rodriguez, iphayona elalivela eParis, wafika eMarseilles ukuzosiza emsebenzini wokushumayela. Sonke thina bazalwane ababengamaphayona sasikujabulela ukuhamba naye lapho sihambela abesifazane ababebonisa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli. Ekugcineni “ngamthumba,” singasho kanjalo, ngoba waba umkami.
Ngo-1954, ezinyangeni ezintathu ngemva kokushada kwethu, iNhlangano yasimemela ukuba siye eMartinique eNtshonalanga Indies yaseFrance. Sasizoba oFakazi bokuqala baphesheya ukuba bashumayele kulesiqhingi kusukela ekuxoshweni kwezithunywa zevangeli ekuqaleni kwawo-1950. Ngemva kwezinsuku eziyi-17 sisolwandlekazini, ekugcineni safika sinemibuzo eminingi ezingqondweni zethu. Sasizokwamukelwa kanjani? Sasizohlalaphi? Sasizodla nhloboni yokudla? Kwakuyothatha isikhathi eside kangakanani ukuba sithole iHholo LoMbuso elifanelekile lemihlangano yethu?
Insimu Entsha Nokuphila Okusha
Izakhamuzi zaseMartinique zabonakala zinomoya wokuphana kakhulu. Njengoba sasihamba endlini ngendlu, abantu babevame ukusinikeza iziphuzo. Eqinisweni, kwakungekhona okungavamile ukumenyelwa ukudla. Sahambisa izincwadi zeBhayibheli eziningi, futhi nakuba abaningi abahlala kulesosiqhingi babengenalo iBhayibheli, babelihlonipha kakhulu.
Indlu yethu yokuqala kwakuyindlwana efulelwe ngothayela. Phakathi nenkathi yemvula, imvula enkulu engalindelekile ebusuku yayisivusa njengoba yayishaya ophahleni. Amanzi asempompini ayetholakala kabili noma kathathu kuphela ngosuku. Sasingenalo ikamelo lokugeza. Sasigeza ngokuma edilamini likawoyela elingenalutho egcekeni lethu elincane elalingemuva, sishintshana sasithela amanzi phezu koyedwa. Nakuba kwakuyisidala kodwa kwakwamukeleka kakhulu ngemva kosuku olude sihamba elangeni!
USara kwakumele azijwayelanise nokupheka kwaleyondawo futhi afunde ukulungisa isithelo esinjengesinkwa. Ngiseyingane, ngangicabanga ukuthi isihlahla sezithelo ezinjengesinkwa sinezinkwa ezilenga emagatsheni aso. Eqinisweni, isithelo salesihlahla sifana kakhulu nemfino. Singalungiswa njengamazambane. Emuva ngalezozinsuku, sasisidla namaqanda ejuba lasendle. Lokhu kwakumnandi kakhulu, kodwa namuhla amaqanda anjalo awokunethezeka. Isithelo esinjengesinkwa simnandi futhi uma sidliwa nenyama noma inhlanzi.
Izinkinga ezingokwenyama zazinqotshiwe, futhi inala yezibusiso ezingokomoya yayikhokhela kakhulu ngenxa yanoma yiziphi izinkinga. Lapho ngibuyela ekhaya ngolunye usuku, ngatshela uSara ukuthi ngangilitholile iHholo LoMbuso elingahlalisa abantu abayikhulu. “Imalini?” ebuza. “Umnikazi uthe ngizinqumele inani,” ngiphendula. Ngalesosikhathi sasingakhokha kuphela inani elihlekisayo lamafranc ayi-10 ngenyanga. Ngelungiselelo laphezulu, leyondoda yavuma.
Sasinamathemba amakhulu okuba nenani elihle ngokukhethekile emihlanganweni, ngoba njalo abantu babethi: “Uma beninehholo, ngabe siyeza emihlanganweni yenu.” Nokho, ezinyangeni eziningi ababa khona babelinganiselwa eshumini kuphela. Kodwa ukubekezela kwathela izithelo, futhi namuhla kunamabandla angama-24 esiQhingini Esiqhakazayo, njengoba iMartinique ibizwa kanjalo, esinengqikithi yoFakazi abayizi-2 000.
Inala Yezibusiso
Ngasekupheleni kuka-1958, ngaya eFrench Guiana ngisabela esicelweni somfundi osemusha. Ngemva kohambo lwezinsuku eziyishumi ngomkhunjana obizwa ngokuthi iNina, ngaqala ukushumayela eSaint Laurent, itheku eliseMfuleni iMaroni. Lapho ngahlangana nababekade beyiziboshwa abaqhubeka behlala ngemva kokuqedwa kwesimiso sekoloni eliyijele yiFrance ngo-1945. Khona-ke ngaya eCayenne, lapho ngavakashela khona insizwa engangizoyibona. Yona nabanye abantu abaningana abenza izikhokhelo zomagazini bethu phakathi nokuhlala kwami eFrench Guiana manje bayizinceku ezikhuthele zikaJehova.
Mina nomkami samenyelwa endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, eBrooklyn kaningana, ukuba sithole izifundo zokuqeqeshwa ezihlukahlukene, okwenza ingqikithi engaphezu konyaka. Lapho ngiye ngayibona ngempela indlela izimiso zeBhayibheli zokulunga nokulingana ezisetshenziswa ngayo phakathi kwabantu bakaNkulunkulu. Labo abanezikhundla zomthwalo wemfanelo badlela ematafuleni afanayo nentsha esebenza efektri, futhi bathola imbuyiselo encane ngokulinganayo. Yebo, ukulunga nokulingana—iphupho lami lobuntwana—kungokoqobo lapha.
Manje ngineminyaka engama-65, neminyaka engama-40 ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Mina nomkami sachitha eminingi yaleyominyaka sihamba eMartinique ngezithuthuthu, sishumayela izindaba ezinhle zesimiso esisha sezinto sikaJehova esisekelwe ekulungeni. Manje sisebenza egatsheni esakhiweni sehhovisi esibheke itheku laseFort-de-France. Yonke leminyaka sisenkonzweni kaNkulunkulu iye yasifundisa isifundo esibalulekile. Kuphakathi kwabantu bakaNkulunkulu kuphela lapho ukulunga kweqiniso kungatholakala khona, okungenamingcele yobuzwe, uhlanga, noma inkolo. Kanye nalabo esiye sababona bengena eqinisweni eminyakeni eminingi, siyalazisa ithemba lokuphila ngokushesha emhlabeni omusha lapho kuzoba khona ukulunga.—2 Petru 3:13.