Baqinisekiswa Ngothando LukaJehova
AMAGAGASI aphakeme ayeshaya umkhumbi owawubambeke esiphephweni esikhulu olwandle. Ukulwisana namanzi anolaka kwezinsuku eziyi-14 kwakushiye abagibeli namatilosi bengenalo ithemba, ngaphandle koyedwa. Wayeqiniseka ngokuthi uJehova wayeyomvikela, njengoba amazwi aduduzayo athi, “Ungesabi, Pawulu” ayenkeneneza engqondweni yakhe. Phakathi namahora okugcina alandela, lowomkhumbi wafinyelela ogwini, uvumela bonke ukuba bafike bephephile ezweni. Umphostoli uPawulu wayenesizathu futhi sokuba aqiniseke ngothando lukaJehova.—IzEnzo 27:20-44.
Ingabe nawe uqiniseka ngokufanayo ngothando lukaJehova? Isifundo seZwi likaNkulunkulu sasikhathi sonke nokusebenzisa okufundayo ukuze uqinise abanye kubalulekile. Nokho, ukuze uqiniseke ngempela ngothando lukaJehova, kumelwe ngempela uphile ngamazwi kaJehova ngokubona ukuthatha kwakhe isinyathelo ngenxa yakho. Omunye oqiniseka ngokuqinile ngalokhu umbonisi ojikelezayo osebenza ezintabeni eziphakeme zaseBolivia lowo, njengabanye abaningi, oye wabona ukunakekela kukaJehova.
“Njengoba ngangisebenza ngaphandle kweOruro,” uyalandisa, “ngangizohambela elinye ibandla eKami, idolobha elinezimayini eliqhele ngamakhilomitha ayizi-100. Umgwaqo onamagquma nomazombe ufinyelela ukuphakama okungamamitha ayizi-4 600 futhi ungaba yingozi kakhulu, ikakhulukazi lapho lina. Izinga lokushisa ngokuvamile lehlela ku-10°C ngaphansi kwezinga-qhwa noma ngaphansi.
“Omunye umzalwane, uAnibal, wayezongihambisa ngesithuthuthu sakhe, futhi sasuka ngo-6:00 a.m., silungele uhambo lwamahora amahlanu. Sisasuka lalina, futhi udaka lwalulokhu lunqwabelana phakathi kwesondo nefender, lusibangela ukuba sime. Sasiqhubeka kuphela ngemva kokuphanda udaka ngesineke. Njengoba ngangigibele esihlalweni emuva kuka-Anibal, ngazama ukuvikela izicathulo zami nebhulukwe kodwa ngadela lapho imilenze yami iba manzi te.
Ubufakazi Bothando LukaJehova
“Kwase kudlule amahora ayisithupha lapho, injini ima emqanseni, futhi saqala ukuhlehlela emuva. Sehla, sazama ngazo zonke izindlela ukumisa lowomshini onzima odakeni olushelelayo. Nokho, lokhu kwabonakala kungasebenzi, izinhliziyo zethu zadangala njengoba isithuthuthu sasiwela ohlangothini lodonga olujule ngamamitha angama-90! Sabheka phansi sikhathazekile. Ngokungakholeki, umshini wabambeka ungakafiki phansi. Nakuba kunjalo, sasingeke sikwazi ukuwukhipha ngaphandle kosizo.
“Amahora adlula, kodwa sasingenathemba lokuthi umuntu wayengadlula kulowomgwaqo osehlane. Khona-ke kwaqhamuka indoda eyayihamba nembongolo namallama (isilwane esithi asifane nekamela). Ibona isimo sethu esibucayi, yakhuluma ngolimi lwesiQuechua yathi: ‘Yebo, nginezintambo.’ Yabophela Iezozintambo zesikhumba embongolweni nasesithuthuthwini. Khona-ke, sasiphakamisa ngaphansi kuyilapho yayikhuthaza imbongolo ukuba idonse. Ekugcineni, ngemva kokuyishaya kaningi, sase sibuyele emgwaqweni, iziphongo zethu zimanzi umjuluko. Sasingayibonga kanjani? Sayinikeza incwadi ethi Izindaba ZeBhayibheli, futhi yahlabeka umxhwele kakhulu ngaleyoncwadi kangangokuthi yafuna ukuphindisela lowomusa ngamazambane ayesemthwalweni wayo!
“Injini yaduma, futhi sasimbonga kakhulu kunanini ngaphambili uJehova. Sisaqhubeke ibangana, sacabanga ukuthi sime, njengoba injini yayiqala ukuhluleka. Safika ethilomu elithe qekelele lodwa. ‘Nilibangisephi?’ kubuza umnikazi. Samtshela futhi sachaza inkinga yethu. Wathi: ‘Nginespark plug (okuqhantsha inhlansi yomlilo enjinini) namathuluzi engizoniboleka khona.’ Sasingakukholelwa neze esasikuzwa—lena kwakuyindawo lapho abangane, ngokuvamile bengethenjwa khona, kungasakhulunywa ngabangaziwa ngokuphelele. Ngespark plug esisha injini yasebenza kahle.
“Manje kwase kumnyama, futhi ngaqala ukukhathazeka, njengoba imilenze yami yayiba ndikindiki emakhazeni ashubisa umnkantsha. Khona-ke, lapho senyuka umqansa, injini yacisha futhi. Kokubili ukunyathela okokuyidumisa nokududula isithuthuthu amakhilomitha amathathu kwabonakala kungasebenzi. Sikhathele siyingcuba, sahlala phansi ngasendleleni. Okungenani imilenze yami yayingasendikindiki! Kodwa sasidumele futhi singazi ukuthi singenzani. Saphumula kancane sase sizama ukuyidumisa futhi injini. Ingabe yayizosebenza?
“Okwasimangalisa ukuthi injini yaduma. Nokho, manje kwaqala ukuna, futhi emqanseni olandelayo sama futhi. Ngokwesibili sasihIezi ngasemgwaqweni, manje emvuleni ena uzamcolo. Sahlaba elinye ikhefu. Singabaza sayizama futhi injini—yaduma! Ngokushesha sasinqamula indawo ephakeme kunazo zonke yohambo lwethu. Ngazizwa ngiqabulekile, ngicabanga ukuthi ngisho noma injini yayingama, cishe sasingashushumbela eKami. Kodwa emqanseni owehlelayo isibambo samabhuleki sanqamuka esandleni sika-Anibal! Ngigxuma ngehla ngokushesha kuyilapho ngibambelele ebhokisini lemithwalo langemuva, ngashonisa izinyawo zami zombili emhIabathini futhi ngashibilika ngiqonde ezansi. Ngalendlela ngakwazi ukusimisa. Lokhu kwenzeka emiqanseni emibili eyalandela.
IKami—Ekugcineni
“Kwakuwu-3:00 a.m. lapho ekugcineni sifika eKami. Sasiye saba semgwaqweni amahora angama-21. Ukuthola abazalwane kwakuzoba inkinga, njengoba ngangibavakashela okokuqala. Sasingqongqoza eminyango kodwa sitshelwe: ‘Hambani! Silele!’ Ngemva kokungqongqoza eminyango eminingana, ngaba nomuzwa wokuthi okungcono kakhulu esasingakwenza kwakungaba ukuphumula ngaphansi kukavulandi futhi sifune abazalwane ekuseni. Ngifofobala phansi, ngazumeka. Lapho ngiphaphama, ngazithola ngizungezwe abantu. Ngasukuma, futhi enye indoda eyisidlakela yasondela yase inganga. Yebo, kwakungabazalwane bethu! UAnibal wayebatholile. Ngangingakwazi ukukhuluma njengoba imizwelo yami yayichichima ngaphakathi kimi.
“Ngaphandle kokuchitha isikhathi, bathatha izimpahla zethu, kuhlanganise nesithuthuthu esinogqinsi lodaka, leso omunye umzalwane asitshatha ngokoqobo esiyisa egcekeni lakwakhe. Engangihlala kubo babewumbhangqwana othobekile, inkosikazi igqoke ipollera yomdabu, isiketi eside esithandelwayo. ‘Uzolala embhedeni wethu,’ besho. Ngangingafuni ukuba balale phansi, ikakhulukazi njengoba inkosikazi yayikhulelwe. Kodwa baphikelela.
“Okulandelayo engakwazi, kwakungu-8:00 a.m. Othile wayengqongqoza emnyango. Ngatshelwa: Àbazalwane sebelungele inkonzo.’ Ngibona ubuso babo obabulindile bugcwele ukwazisa, ngangingenakwenza ngokunye ngaphandle kokumonyula umzimba wami obuhlungu embhedeni futhi ngiqalise ukuhambela. Futhi yeka ukuthi kwakuwukuhambela okufudumeza inhliziyo kanjani! Njengoba ngangihamba nabazalwane enkonzweni yabo, bamane bachichima injabulo nentshiseko. Ngazindla ngendlela lokhu kuhambela okubaluleke ngayo, naphezu kwakho konke esasihlangabezane nakho—‘njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo.’—Isaya 32:2.
“Ngosuku olulandelayo sahambela esigodini lapho umfundisi ongumvangeli ayesongele ukuhlakaza umhlangano wethu lapho ngifika. Ngemva kwenkulumo, enye indoda eyisidlakela yanganga ngendlela yaseBoliviaa yase ithi: ‘Mfowethu, ukhuluma iqiniso!’ Kamuva, ngabuza ukuthi kwakungubani. Bathi: ‘Umfundisi.’
“Ukuhambela eKami kwaphela ngokushesha okukhulu, futhi sase sihamba. Abazalwane babeye basilungisa isithuthuthu futhi bageza zonke izimpahla zethu ezazigcwele udaka. Lapho sikhuluma ngomuntu owayesiboleke amathuluzi, bamangala, njengoba aziwa njengomuntu cishe ongalokothi asize. Ngemva kokwangiwa nokuxhawulwa kaningi, sasuka futhi ngokushesha sabuyela kumnikazi wethilomu onomusa. Ngemva kokubuyisela yonke into, sambuza: ‘Sikukweleta malini?’ ‘Lutho,’ ephendula. ‘Ngajabulela ukunisiza!’
“Emuva eOruro, emahoreni amahlanu kamuva, sacabanga ngendlela okwakubaluleke ngayo ukungadikibali nangendlela uJehova ayesinakekele ngayo ngokumangalisayo. UAnibal washukunyiswa ngokujulile yilokho okuhlangenwe nakho kangangokuthi wathi: ‘Ngingadela noma yini ukuze ngibuyele khona!’ Uye wenza lokho kanye, egibeza abanye ababonisi abajikelezayo esithuthuthwini sakhe ebayisa eKami nakwezinye izindawo. Yebo, sasinesizathu esiqinile sokuqiniseka ngisho nangokwengeziwe ngothando lukaJehova.”—Njengoba ilandiswa umbonisi wesifunda uRicardo Hernández.
[Umbhalo waphansi]
a Ukwanga ngendlela yaseBolivia kuhlanganisa ukuxhawula, ukumbambatha emahlombe, nokuphinde kuxhawulwane.
[Izithombe ekhasini 23]
Umgwaqo omazombe osentabeni oya edolobheni elinezimayini laseKami
Umgwaqo odabula ezintabeni oya eKami
Izimbongolo zingaba usizo kakhulu esimweni esiphuthumayo!