UKuqondisisa Izindaba
Ingabe Bangabahlekisi BakaKristu?
“AbaHlekisi Bevangeli Basendleleni” kwakuyisihloko esavela kuyiChurch Times, iphephandaba leSonto laseNgilandi. Lalimemezela ukuvakasha kwaminyaka yonke kweChurch Army Roadshow ezindaweni ezikhethekile zokuzijabulisa ezisogwini eNgilandi naseWales. Isungulwe eminyakeni engaphezudlwana nje kwekhulu edlule njengengxenye yeSonto laseNgilandi, iChurch Army yayizoshumayela ivangeli “phakathi kwemihambima nezigebengu zasezidakaneni zaseWestminster.”
Namuhla, abaholi beChurch Army basakukhathalela ukuthi “ubuvangeli kufanele bunikezwe indawo yabo efanelekile.” Umbukiso wabo Wasemgwaqweni uhloselwe ukuletha ivangeli “ngendlela ehlekisayo kubantu abanokuhlangenwe nakho okuncane kwesikhathi esidlule ngoNkulunkulu, futhi ababengeke balubhade nanini emcimbini owenzelwe esontweni noma ehholo lesonto.” “AbaHlekisi Bevangeli” abagqoke ngokufanayo embukisweni wasemgwaqweni bathemba ukuthi “ukuzenza kwabo izithutha okunikezelwe okungenani kuyokwenza abadlulayo ukuba bame futhi balalele okwesikhashana,” kuphawula iChurch Times.
Nokho, nakuba ukugqoka kwabo okuhlekisayo, ukuntela, namabhaluni amahhala kwakhanga abantwana abaningi, abantu abadala basala bemangele ukuthi lokhu kwenza kuhlangene ngani nobuvangeli obaqalwa uJesu Kristu.
Yiqiniso, umphostoli uPawulu wabhala: “Senziwe umbukwane wezwe . . . Siyiziwula ngenxa kaKristu.” (1 Korinte 4:9, 10) Kodwa wayecabanga ngani? Ngokuhlekisa noma “ngokuzenza izithutha” ukuze kukhangwe abadlulayo? Cha. UPawulu wayebonisa indlela izwe elalibheka ngayo amaKristu njengeziwula, “ezazichayeke ekugconeni komphakathi nokuhlaziswa,” njengoba iThe New International Dictionary of New Testament Theology ikubeka, ngenxa yokholo lwawo nezimfundiso.
Ngokuphambene ‘nabaHlekisi Bevangeli’ beChurch Army, uJesu wafundisa izixuku “njengonamandla.” Inkonzo yakhe yayiqondile futhi ingenawo amasu okuhunga. Njengoba achaza, “Ngikhuluma lokhu njengoba uBaba engifundisile.” Waba yini umphumela? “Abaningi bakholwa nguye.”—Mathewu 7:29; Johane 8:28, 30.
“Umthwalo Kunembeza”
UEugene Stockwell, umqondisi weNhlangano Yobuvangeli Bomhlaba yoMkhandlu Wezwe WamaSonto, muva nje wayivuma indima yokuzenzisa abefundisi namasonto eLobukholwa ababa nayo phakathi nazo zombili izimpi zezwe. Watshela umhlangano wamasonto eWarsaw, ePoland ukuthi: “KumaKristu kuwumthwalo osindayo kunembeza ukuthi izimpi ezinkulu ezimbili zezwe zalelikhulu leminyaka zalwiwa phakathi kwezizwe ezinamasiko amadala obuKristu phakathi kwazo nezikuhlasela kwazo kwempi ngokuvamile kwakubusiswa abaholi bamasonto obuKristu.”
UStockwell wenezela: “Kwamenyezelwa ngentshiseko ukuthi uNkulunkulu wayengasohlangothini olulodwa lwempikiswano noma kolunye. . . . Kalula nje thina maKristu siye sasebenzisa ukholo lwethu ukuze senze ubudlova.” Wathi iMpi Yezwe II “yayiwubufakazi obuqanda ikhanda bokwehluleka kwethu ‘njengezizwe ezingamaKristu’ ukuphila ngokholo lwethu, ukholo oluqhakambiswa kaningi kangaka ngamazwi kodwa oluphikiswa ngokusobala kangaka ngezenzo.”
Kodwa ingabe ‘lomthwalo osindayo kunembeza’ uye wasiza labo ababizwa ngokuthi amaKristu nabefundisi babo ukuba bathole isifundo? Ngokusho koMnyango Wamaphephandaba Ezenkolo, uMqondisi uStockwell wavuma: “Sikhuluma ngokuthanda izitha zethu, nokho siyazibulala. Sikhuluma ngokuphendula esinye isihlathi, nokho sihloma izikhali siphelele. Sikhuluma ngokuthula okudlula ukuqonda, nokho sihileleka empini edlula konke ukuqonda. Sikhuluma ngokholo kuNkulunkulu nokho sibeka ukholo lwethu lweqiniso ezikhalini ezibhubhisayo.”
Abefundisi beLobukholwa abasekela impi nabalandeli babo bafana ncamashí “nabakhuluma ize” ezinsukwini zomphostoli uPawulu. Ngokuqondene nabo, wathi: “Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo.”—Thithu 1:10, 16.
Isitembu “Esingahloniphi”
NgoNovember 19, 1987, uMnyango WamaPosi WaseNingizimu Afrika waceba ukukhipha izitembu ezine eziyisikhumbuzo ngeBhayibheli. Esinye salezozitembu sasiqukethe amazwi athi “IZwi LikaNkulunkulu” ngesiGreki nathi “IZwi LikaJehova” ngesiHeberu. Kwakunengqikithi yamakhophi alesitembu anyathelisiwe ayi-1 750 000.
Nokho, ngokushesha ngaphambi kosuku lokukhishwa kwazo, amahhovisi eposi athola incwadi yocingo eyayiwayaleza ukuba abuyisele isitokwe sawo salesitembu. Sasiyini isizathu? “Ngoba umphakathi wenkolo yobuJuda wasithola singahloniphi,” kubika iThe Star, iphephandaba laseGoli. Lenezela: “Umfundisi wamaJuda uDavid Hazdan waseGoli wathi igama likaNkulunkulu elibhalwe ngokugcwele njengoba lalibhalwe kulesositembu ngokuvamile laligcinelwa imikhosi yenkolo ekhethekile kuphela.”
Kungenxa yesiko elifanayo lobuJuda ukuthi abahumushi abaningi beBhayibheli bosuku lwanamuhla baye bagwema ukusebenzisa igama elithi Jehova futhi esikhundleni salo basebenzisa iziqu nje, ezinjengokuthi “Nkosi” noma “Nkulunkulu.” Akumangalisi ukuthi uJesu watshela abaholi benkolo bosuku lwakhe: “Nilenzé laba-yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu”!—Mathewu 15:6.