Baziswa Udokotela Wezokwelapha
Udokotela othile wezokwelapha eFrankfurt, eNtshonalanga Jalimane, owayekhuthazwe ukuba avuselele izikhokhelo zakhe zomagazini INqabayokulinda nePhaphama!, akathumelanga nje kuphela imali yokuzivuselela kodwa wachaza:
“Ngiyamangala njalo ukuthola isipho esifinyelela kude kangaka sezihloko ezinhle ngempela nezithakazelisa kakhulu—eziningi zazo ezingaphathelene nenkolo—ngemali ephansi kangaka. Nakuba ngingenaso isikhathi, ngangivame ukuba njalo kusihlwa ngizigoqe ekamelweni lami lokuphumula ngifunde omagazini benu ngikhanyise ilambu. Ngiyaphinda futhi, nginibonga ngokufudumele ngemizamo yenu.”
Kungani nawe ungajabuleli ukufunda labomagazini? Lamaphephabhuku amabili abalulekile angalethwa ekhaya lakho ngokuba ugcwalise futhi uthumele ikhuphoni elingezansi.
Sizani nithumele isikhokhelo sonyaka wonke seNqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R13,50.