Uyamenywa EMihlanganweni Yesigodi “Yokwahlulela Kwaphezulu”
YEKA indlela uMdali wethu onothando, uJehova uNkulunkulu anguMlungiseleli omuhle ngayo! Ngempela, “izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo” zivela kuye. (Jakobe 1:17) Ngokufanelekayo, kumaHubo 136 sifunda amazwi athi: “Ngokuba umusa wakhe umi phakade” izikhathi ezingama-26.
Phakathi kwamalungiselelo akhe amaningi abantu bakhe basendulo kwakunemikhosi emithathu yaminyaka yonke: iPhasika noMkhosi weSinkwa Esingenamvubelo; uMkhosi wamaSonto, noma iPentekoste; kanye noMkhosi wamaDokodo, noma Wokuvuna. Lemikhosi emithathu yayibhekwa ngokulangazelela okukhulu, ngoba yayakha ngokomoya futhi iyizikhathi zenjabulo enkulu.—Levitikusi 23:40-43.
Ezikhathini zanamuhla, uJehova uNkulunkulu ngokufanayo ukufake ezinhliziyweni zezinceku zakhe ukuba zibe nemikhosi engokomoya emithathu yaminyaka yonke: umhlangano wosuku olukhethekile, umhlangano wesifunda wezinsuku ezimbili, kanye nomhlangano wesigodi wezinsuku ezintathu noma ezine. Lena futhi ikhonza njengezikhathi zokwakhiwa ngokomoya nokuhlangana okujabulisayo. Ngokwemibiko etholakale ngesikhathi sokulotshwa kwalesihloko abayizi-6 128 388 baba khona eMhlanganweni Wesigodi “Wokuthembela KuJehova” owaqala ngoJune 1987, futhi kwabhapathizwa abayizi-85 091. Kulonyaka uFakazi ngamunye ubheke phambili ekubeni khona eMhlanganweni Wesigodi ‘Wokwahlulela Kwaphezulu.’
Yeka indlela isihloko “Sokwahlulela Kwaphezulu” esisihle nesiphakeme ngayo! Futhi yeka indlela esibaluleke ngayo! Phela, ngisho nabantu abangaphelele bayakuvuma ngemilomo ukubaluleka kokwahlulela ngokulunga. Kungakho abenzi boMthetho-Sisekelo waseUnited States eminyakeni engama-200 edlule bengalungiselelanga amagatsha kahulumeni okuqondiswa kwemithetho nokumiswa kwemithetho kuphela kodwa futhi nelokwahlulela ukuze kwahlulelwe ngokulunga. Nokho, emakhulwini amaningi eminyaka edlule ngaphambi kwalokho, uJehova uNkulunkulu ngokwakhe walungiselela izigaba ezintathu zikahulumeni, zonke ezikuye. Ngalokho, kuIsaya 33:22 siyafunda: “UJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu.”
Eqinisweni, sitshelwa ukuthi ukwahlulela ngokulunga kuyisiphelo, umgomo, noma injongo kahulumeni. Kodwa nakuba sisiqaphela lesimiso esihle, yeka indlela abantu abanobugovu nabangaphelele abehluleka ngayo, lapho sekufuneka ukuba bakusebenzise! Zonke izinhlobo zobandlululo lwezinhlanga, lobuzwe, nolwenkolo zimane nje ziyizindlela eziningi zokuphulwa kokwahlulela ngokulunga. Kunjalo nangakho konke ukusetshenziswa kabi kwamandla, kungakhathaliseki ukuthi kwenziwa ohulumeni, izinhlangano ezisemthethweni, izindikimba zenkolo, noma abantu ngabanye.
Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi iZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokunqoba kokugcina kokwahlulela ngokulunga nokulunga, ngoba uJehova ngokungenakulinganiswa unguNkulunkulu wokwahlulela ngokulunga! Kungalesosizathu uMose ahuba ngaye: “Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga; unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala; ulungile uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) UJehova uNkulunkulu ukuhlonipha kanjalo ukwahlulela ngokulunga kangangokuba wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa njengomhlatshelo ukuze anikeze isintu esilalelayo ukuphila okuphakade. (Roma 3:25, 26) Ngokufanelekile, uthanda labo abangabathandi bokulunga, njengoba nje sifunda kuyiHubo 11:7: “UJehova ulungile, uyathanda ukulunga; oqotho uyakubheka ubuso bakhe.” Ngokwenye inguqulo, “ulungile futhi uthanda ukusebenzelana ngokulunga.”—The New English Bible.a
UMhlangano wethu Wesigodi ‘Wokwahlulela Kwaphezulu’ uyoqinisa ukholo lwethu ekunqobeni kokugcina kokulunga. Futhi uyoqinisa ukuzimisela kwethu ukulalela umyalo okuMika 6:8 othi ‘yenza ukulunga’ ngaso sonke isikhathi nangaphansi kwazo zonke izimo. Lena inselele yangampela uma kubhekwa ukuthambekela kwethu kobugovu esikuzuze ngefa nezilingo zezwe elinobugovu elisizungezile.
Ezindaweni eziningi, umhlangano uyoqala ngoLwesine ntambama, futhi usuku ngalunye luyoqokomisa isihloko esifanelekayo, isihloko sosuku lokuqala siyothi “Babusisiwe Abaqaphela Ukwahlulela Ngokulunga,” esisekelwe kuyiHubo 106:3. Inkulumo eyisihluthulelo iyoqokomisa ukuthi ‘ukwahlulela ngokulunga kuphawula zonke izindlela zikaNkulunkulu,’ futhi iyolandelwa imibiko evela kulabo abaqaphela ukwahlulela ngokulunga isikhathi esigcwele, njengezithunywa zevangeli ezivela kwamanye amazwe.
Isihloko sangoLwesihlanu siyothi “Yamukela Ukulaywa Kube-ngukuhlakanipha” (esisekelwe kuyizAga 1:3). Ngalolusuku, izinkulumo ezimbili eziwuchungechunge ziyogcizelela ukubaluleka kokuyala nokwamukela ukuyalwa. Idrama yesikhathi samanje, ethi “Ukuphawulelwa Ukusinda,” iyogcizelela isidingo sokuphawulwa njengomunye wezinceku zikaJehova. Isimiso sosuku siyophetha ngesinye iseluleko esithi “Funa Ukuhlakanipha KuJehova.”
Okududuzayo isihloko sosuku lwesithathu, ngoMgqibelo, esithi: “Zilungile Izahlulelo Zakhe,” esithathwe kusAmbulo 19:2. Okuyoqokonyiswa ekuseni inkulumo ethi “Ubhapathizo Oluholela Esahlulelweni Esijabulisayo.” Isimiso santambama siyoqala ngochungechunge oluyokweluleka abadala ukuba ‘Bakhonze Ngenxa Yokwahlulela Ngokulunga.’ Luyolandelwa olunye uchungechunge, olunesihloko esithi “Isikhathi Esiphawuliwe Siseduze,” esikhuluma ngeziprofetho zemiBhalo YamaKristu YesiGreki ezibikezela ukunqoba kokulunga.
Usuku lwesine nolokugcina lomhlangano, iSonto, lunesihloko esithi “Uyakulandela Ukulunga Okuyikho.” (Duteronomi 16:20) Okuyovelela esimisweni sasekuseni kuyoba idrama yeBhayibheli ethakazelisayo nefike ngesikhathi, ethi “Isahlulelo SikaJehova Ngokumelene Nabantu Abangenamthetho.” Isigijimi esiduduza ngempela kubo bonke abathandi bokulunga siqukethwe enkulumweni yeningi yantambama, ethi “Ukulunga Kwabo Bonke NgoMahluleli KaNkulunkulu Okhethiweyo.” Bonke bayozuza ngokwengeziwe kulenkulumo uma bezijwayeza nezEnzo isahluko 17 kuqala. Ngokufanelekayo, enkulumweni yokuphetha, bonke abayoba khona bayoyalwa, “Qhubekani Nifuna Ukulunga Njengoba Umvuthwandaba Usondela.”
Ngempela, idili elicebile elingokomoya lilindele bonke abayobakhona komunye weMihlangano Yesigodi ‘Yokwahlulela Kwaphezulu.’ Ngakho-ke yiza unokulangazelela okuhle kokudla okungokomoya, usiqaphela ngokugcwele isidingo sakho esingokomoya. Bonisa ukwazisa ngetafula likaJehova okufana nalokho okubonisa uma uya emihlanganweni yebandla elisendaweni yakini—ngendlela ozilungise ngayo, ngokufika kwakho kahle ngaphambi kokuba isimiso siqale, futhi nangokuhlala kuze kube umthandazo wokuphetha wosuku. Nikeza ukunakekela okuphelele engxenyeni ngayinye yesimiso. Bhala amaphuzu; ngeke nje akunike okuthile oyokhumbula ngakho umhlangano kodwa futhi ayokusiza ukuba ugxilise ingqondo enkulumweni njengoba inikezwa.
Futhi masingakhohlwa isimiso esashiwo uJesu njengoba silotshwe kuzEnzo 20:35: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” Ngakho-ke feza ingxenye yakho ukuze usize umhlangano uqhubeke kahle nangokuphumelelayo. Futhi hlala uwaqaphele amathuba okufakaza ngokwethukela. Kuqaphele lokhu ikakhulukazi ngoba asikho isikhathi esibekelwe eceleni ukuze kufakazwe endlini ngendlu phakathi nomhlangano. Kuzo zonke izindlela ezinjalo, ungabonisa ukuthi ngempela ‘ungumqapheli wokulunga ojabulayo.’
Ungase uthintane noFakazi BakaJehova abasendaweni yakini mayelana nendawo yomhlangano eseduze nawe
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuyisisekelo, awukho umehluko phakathi kokwahlulela ngokulunga nokulunga, nakuba ukwahlulela ngokulunga ngokuvamile kunokuhlangana okungokomthetho.—Qhathanisa neyesi-2 Thimothewu 2:22; Jakobe 1:20, New World Translation neThe New English Bible.