Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 5/1 k. 7
  • Iqiniso LeBhayibheli “Linamandla”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iqiniso LeBhayibheli “Linamandla”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufakaza Kuthela Izithelo Ekhaya Nasesikoleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Amandla Okuguqula EZwi LikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • “Izwi LikaNkulunkulu . . . Linamandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ngathola Ingcebo Yeqiniso E-Australia
    I-Phaphama!—1994
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 5/1 k. 7

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Iqiniso LeBhayibheli “Linamandla”

LELIZWE lichitha isikhathi esiningi nemali lizama ukulawula izenzo zabantu ababi. Kumiswa imithetho emelene nobugebengu obunjengokusetshenziswa kabi kwemilaliso, ukweba, nokubulala, kodwa lemithetho ayibenzi abantu ababi ukuba balunge. Ngakolunye uhlangothi, iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, linamandla okuguqula, futhi abantu abasebenzisa imithetho nezimiso zalo baba abantu abaqondile, abathembekile, nabamnene.—Roma 12:2.

◻ Ngokwesibonelo, oFakazi ababili eAustralia baphindela ezinsizweni ezimbalwa, ezingasebenzi. Njengoba bengena endlini izinsizwa ezazikuyo, bangena ekamelweni elimnyama, eligcwele intuthu. Phezu kwetafula kwakunezinto zokubhema insangu nezithombe ezinkulu zerock ziklele ezindongeni. Ngakolunye uhlangothi lwekamelo kwakunezikhulisa-msindo ezinkulu zesigingci esisebenza ngogesi. Kwakuyikamelo lokuzilolonga leqembu elicula irock. Bakwazi ukuqala isifundo seBhayibheli nezintathu zalezinsizwa ezazelamana. Eminyakeni embalwa ngaphambili unina wayeye wafunda iBhayibheli noFakazi, futhi ngosizo lwencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, wayefundise abafana ngesithembiso sikaNkulunkulu sepharadesi lesikhathi esizayo. Kamuva umkhaya wathutha, futhi isifundo sanqamuka. Manje, uthando lwabo ngeqiniso seluvuselelwe, ngokushesha abangane babo ababili bahlanganyela nabo esifundweni sabo.

Zingakapheli izinyanga ezintathu, omunye wazo wayesefakaza, futhi ngemva kwenyanga abanye ababili bahlanganyela naye ekufakazeni. Zaliyeka iqembu lomculo, futhi kwathi zingakapheli izinyanga ezine, bonke abathathu base behlanganyela emsebenzini wokushumayela. Ngalesosikhathi unina, umfowabo omncane, nodadewabo omdala oshadile baqala ukufunda iBhayibheli. Ngokushesha ngemva kwalokho omunye umngane wacela isifundo seBhayibheli. Yeka injabulo okwakuyiyo ukubabona bobahlanu bebhapathizwa ngosuku olulodwa emhlanganweni wesifunda! Abanye ababili basebenzela ukubhapathizwa, kulapho unina nendodakazi beqhubeka bethuthuka kahle. Ngempela, iZwi likaNkulunkulu linamandla.

◻ Indoda eArgentina yayinesisebenzi esasiyivila, singathembekile futhi siyikweleta imali eningi. Ngolunye usuku isisebenzi sanyamalala. Khona-ke, eminyakeni eminingi kamuva, indoda yahlangana nesisebenzi sayo sangaphambili emgwaqweni owawuseduze nendlu yayo. Owayeyisisebenzi sayo sangaphambili wayibingelela, ethi: “Bengithi ngiya kwakho ukuyokukhokhela imali engikukweleta yona. Nayi imali yakho. Ngibonga kakhulu, futhi ngicela ukuba ungixolele ngokungasheshi ukuyibuyisa.” Imangele, indoda yambuza ukuthi kungani ekwenzile lokhu. Waphendula: “Manje ngifunda iBhayibheli, futhi ngingomunye woFakazi BakaJehova. IBhayibheli lithi akumelwe sibe necala nakubani ngaphandle kwelokuthandana. Kungakho ngibuyise okungokwakho.” Indoda yabuza: “Yimaphi amandla iBhayibheli elinawo ukuba lilethe ushintsho olunjalo kumuntu?” Isifundo seBhayibheli saqalwa nayo, futhi manje nayo ifunda iqiniso, ngenxa nje yoshintsho olukhulu iqiniso leBhayibheli elalwenza esisebenzini sayo.

Abantu abaningi abamnene eArgentina bamukela iqiniso leBhayibheli eliguqulayo futhi bashintsha indlela yabo yokuphila, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.

◻ “Ngolunye usuku lapho singqongqoza emnyango sisenkonzweni,” kulandisa uFakazi, “sezwa ukukhala kuvela ngaphakathi endlini. Emveni kokuba singqongqozile, kwaphuma indoda—ithukuthele igan’ unwabu. Saqala ukuchaza injongo yokuhambela kwethu, kodwa yasongela ngokuthi izosikhipha ngoshova. Saqhubeka sikhulumela phansi nangokuzithoba. Kancane kancane yehlisa umoya. Njengoba sasikuqaphela lokhu, sayichazela okwengeziwe ngenjongo enhle kaJehova ngesintu. Ihlatshwe umxhwele yilokhu, indoda yasimangalisa ngokuthi: ‘UNkulunkulu unithumele lapha.’ Ngakho-ke yasingenisa endlini. Laphaya emsamo kwakufofobele ‘umkayo’ nezingane, bekhala. Ngakho-ke yavuma: ‘Lapho nifika, bese ngizozibulala nomkhaya wami. Ngikhathazeke kakhulu! Ngilahlekelwe umsebenzi, futhi manje bazosixosha endlini yethu, futhi nginezikweleti eziningi okumelwe ngizikhokhe.’”

Lokhu okuhlangenwe nakho kwaba nesiphetho esijabulisayo. Udade watholela indoda umsebenzi, futhi yathola enye indlu. Yona ‘nomkayo’ baqala ukufunda iBhayibheli futhi bashada ngemva kokuhlala ndawonye iminyaka eyi-15.

Iqiniso leBhayibheli “linamandla” njengoba lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa, futhi lingenza okufanayo kunoma ubani onenhliziyo ethobekileyo ozofunda iBhayibheli futhi alisebenzise.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

“Izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla.”—HEBERU 4:12

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela