Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w96 5/1 k. 30
  • Amandla Okuguqula EZwi LikaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amandla Okuguqula EZwi LikaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Iqiniso LeBhayibheli “Linamandla”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Angisesona Isigqila Sotshwala
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
w96 5/1 k. 30

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Amandla Okuguqula EZwi LikaNkulunkulu

KWAVUMA yena uqobo ukuthi ‘wayengumhlambalazi nomshushisi nomuntu oweyisayo.’ (1 Thimothewu 1:13) Kodwa washintsha! Ukuguquka kukamphostoli uPawulu kwakukukhulu kangangokuthi kamuva wakwazi ukuthi: “Yibani ngabalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.”—1 Korinte 11:1.

Namuhla, amakhulu ezinkulungwane zabakhulekeli abaqotho emhlabeni wonke enza izinguquko ezifanayo. Yini eyenza akwazi ukwenza kanjalo? Angenisa ulwazi lweZwi likaNkulunkulu abese elusebenzisa ekuphileni kwawo. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kuqokomisa amandla okuguqula eZwi likaNkulunkulu.

ESlovenia, umbhangqwana osukhulile wawuhlala wodwa ngaphandle kwedolobhana. Indoda, uJože, yayineminyaka engaba ngu-60 ubudala futhi inenkinga enkulu yokuba umlutha wotshwala. Nakuba kunjalo, yayimnakekela umkayo ogulayo, uLjudmila. Ngolunye usuku uJože wavakashelwa abamemezeli boMbuso ababili. Wabangenisa endlini yakhe laboFakazi, bafike bathola umkakhe. Lapho ezwa isigijimi soMbuso, uLjudmila wakhala izinyembezi zenjabulo. NoJože wakujabulela ayekuzwa futhi wabuza imibuzo eminingi. Ngemva kokushiyela lombhangqwana izincwadi zeBhayibheli ezithile, laboFakazi bahamba.

Ngemva kwenyanga eyodwa laboFakazi bakwazi ukubuya, futhi babona incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni iphezu kwetafula. Lapho ebuzwa ukuthi wayeyitholephi, uJože wathi: “Ngabona isaziso ekhasini elingemuva komunye womagazini enangishiyela bona. Ngakho ngabhalela ihhovisi lenu eliseZagreb ngacela lencwadi.” Ngenxa yesithakazelo ayenaso, wamenywa ukuba eze eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu esasizoba seHholo LoMbuso. Bajabula laboFakazi lapho efika!

Ngokushesha kwaqalwa isifundo seBhayibheli, futhi kwaba nentuthuko enhle. Ngokwesibonelo, lapho uJože eboniswa eBhayibhelini ukuthi “ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, . . . ungazikhothameli, ungazikhonzi,” ngokushesha waqoqa zonke izithombe zenkolo ezazisendlini, kuhlanganise nemifanekiso, wakulahla.—Eksodusi 20:4, 5.

Ukomela kukaJože iqiniso elingokomoya kwakwaneliswa. Nokho, ngeshwa kwakusenokunye ayekomela. Iminyaka engaba ngu-18, wayephuza cishe amalitha angu-7 ewayini usuku ngalunye. Ngenxa yenkinga yakhe yokuphuza, wayengakunaki kangako ukubukeka kwakhe. Kodwa ngemva kokuthola umbono kaNkulunkulu ngokusebenzisa kabi utshwala, wazimisela ukushintsha.

Wazama ukuyinqoba kancane kancane lenkinga yakhe yokuphuza, ebhala phansi ukuthi wayephuza kangakanani usuku ngalunye. Ngokushesha wayengasesona isigqila sewayini. Njengoba izifundo zakhe zeBhayibheli ziqhubeka, wafunda nokuthi amaKristu eqiniso kufuneka ahlanzeke. Ngakho-ke, wanikeza oFakazi imali wabe esethi: “Hambani niyongithengela noma iziphi izembatho engizidingayo ukuze ngifaneleke emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni yasensimini!” OFakazi babuya nezingubo zangaphansi, amasokisi, izicathulo, amahembe, amasudi, othayi, nesikhwama sezincwadi.

Ngemva kokutadisha iBhayibheli unyaka owodwa, uJože noLjudmila bafaneleka ukuhamba noFakazi emsebenzini wokushumayela endlini ngendlu. Ngemva kwezinyanga ezintathu babonisa ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngobhapathizo lwamanzi emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova. Naphezu kokukhula ngeminyaka nempilo ebuthaka, uJože wahlanganyela njalo ekushumayeleni izindaba ezinhle, futhi kamuva wakhonza ngokwethembeka njengenceku ekhonzayo ebandleni, kwaze kwaba yilapho eshona ngo-May, 1995. Izithelo ezinhle ezavela ekuphileni kwalendoda ethobekile nomkayo zifakazela amandla okuguqula eZwi likaNkulunkulu!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela