Ukuqondisisa Izindaba
Ubudlova Obabikezelwa
“Abevé eminyakeni eyishumi nambili baba nobudlova ngokwengeziwe kunalokho ababeyikho eminyakeni edlule,” kuphawula uJames Fox, isazi sezobugebengu eYunivesithi yaseNyakatho-Mpumalanga. “Ngibona ushintsho olungokoqobo ohlotsheni lwentsha esiyitholayo,” kuphawula uFaye Harrison, ijaji laseMichigan. “Ilukhuni kakhulu, ishesha kakhulu (ukusebenzisa ubudlova), ingena shí ekuchwenseni okungathi sína isencane.” Eqinisweni, intsha ethukuthele “inecala ngokubulawa kwabazali okungaba ama-300 ngabevé eminyakeni eyishumi nambili unyaka ngamunye,” kubika iDetroit Free Press.
Kungani banda ubudlova phakathi kwentsha yanamuhla? UFox ukhomba ukutholakala okukhulu kwezikhali, ubudlova bakumathelevishini, futhi “ngokuvamile, ukungalihloniphi igunya,” ngokweUSA Today. Egxila kubazali, uDavid Ramirez, ijaji laseDenver, ukholelwa ukuthi “izindinganiso ezingokwesiko nemiqondo yenhlonipho akudluliselwa kubantwana futhi abazali abaningi babonakala bentula umuzwa wokuba nesibopho kubantwana babo,” kuphawula iThe Denver Post.
Afaneleke kakhulu amazwi alotshwa umphostoli uPawulu lapho, emakhulwini eminyaka adlule, abikezela “ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandi-mali, nabazigabisayo, . . . nabangalaleli abazali, . . . nabangenaluthando, . . . nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle.” (2 Thimothewu 3:1-3) AmaKristu angaqapha ukuba angangenwa yizimo ezinjalo ngokwakha ubuhlobo bomkhaya bothando, njengoba kuboniswe ezindimeni zeBhayibheli njengoDuteronomi 6:4-9 nabaseKolose 3:12-14, 18-21.
Ukukhokha Inani
“Asilifundi iBhayibheli futhi asikwazi elikuqukethe,” kusho uGeorge Gallup, Jr. waseMelika ongumhloli wemibono yabantu. “Siyakhokha ngenxa yalokhu futhi sihlupheka ngokufanele ngezinga lesahlukaniso, ukuxhashazwa kwabantwana, ukusetshenziswa kabi kwemilaliso, nokukhohlisa ngobuqili nokungathembeki kuyo yonke imikhakha yomphakathi.” Ngokusho kokuhlola kukaGallup, abaseMelika abangamaphesenti angama-40 baba sesontweni ngeSonto futhi abangaba amaphesenti angama-80 bashada esontweni, nokho izinga lesahlukaniso liye landa ngokuphindwe kathathu kusukela ngo-1960, inani lemibhangqwana engashadile ehlala ndawonye liye landa cishe ngokuphindwe kahlanu, futhi ukuzalela ekhaya kuye kwanda cishe ngokuphindwe kane. Ukukhishwa kwezisu kuye kwanda ngokuphindwe kathathu phakathi kuka-1972 no-1979.
Ekhomba ngokuqondile emsukeni wenkinga, uGallup waphawula: “Ngokucacile amasonto awafinyeleli ezingeni elisemqoka lokugxilisa izindinganiso zokuziphatha. Siphila ngenkolo ngokuyishwampuluza. Ayikushintshi ukuphila futhi ayikuqondisi kabusha. Futhi ayisekelwe eBhayibhelini.”
Nokho ubuKristu kufanele bushintshe ukuphila, buqondise kabusha futhi busekelwe eBhayibhelini. Ekuqaleni babunjalo. AmaKristu akuqala ayefundiswa ukuba ‘akhumule umuntu omdala.’ UPawulu wabhala: “Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini.”—Efesu 4:22; 1 Korinte 6:9-11.
“Umuntu Wokuqala Wayengumuntu”
Ezinye izazi zesayensi yokuziphendukela kwemvelo zithi ukuziphendukela kwemvelo kungakholelwa “ngokugcwele ngaphandle kokungabaza” nokuthi “kungumbono umuntu angawuqinisekisa elaboratory.” Kodwa eMhlanganweni Wesibili Wezizwe Zonke Wesayensi Yemivubukulo Yabantu, obubanjwe muva nje eTurin, eItaly, kwakusobala ukuthi ososayensi abaningi basenezinsolo ezithile ngalendaba.
Esikhundleni sokuqinisekisa ukuthi ukuziphendukela kwemvelo kungakholelwa “ngokugcwele ngaphandle kokungabaza” umhlangano ngokusobala wadalula ukwehlukana okukhulu kwemibono phakathi kososayensi ngokuphathelene nokuthi umuntu waziphendukela nini futhi kanjani. Ngokwesibonelo, isazi semivubukulo uBernard Vandermeersch, wagcizelela iqiniso lokuthi, ngokuphathelene nemvelaphi yomuntu, imiphumela yesayensi yemivubukulo “iphikisana nemininingwane enikezwa yizakhi zofuzo” ezikhomba kukhokho oyedwa wabantu bonke.
Nokho, ukuphikisana okunjalo kutholakala kuphela phakathi kwabantu abahluleka ukwamukela iqiniso elisobala lokuthi uNkulunkulu “wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba.” (IzEnzo 17:26) Wakwenza kanjani lokho? UGenesise 2:7 usitshela ukuthi “uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila,” ebangela umuntu ukuba abe “umphefumulo ophilayo.”
Akumangalisi ukuthi, uGiuseppe Sermonti, oyisazi sesayensi yokuphilayo, lapho ekhuluma ngeziphetho zalomhlangano, wavuma ukuthi “yonke imizamo yokusenza sibe abavela emikhayeni yezinkawu ayizange iveze imiphumela ethakazelisayo. Umuntu wokuqala wayengumuntu.”