Izahlulelo ZikaNkulunkulu Kumelwe Zimenyezelwe
“Usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo.”—JEREMIYA 1:17.
1. OFakazi BakaJehova baye bakuvumela kanjani ukuba ‘ukukhanya kwabo kukhanye’ eJalimane lobuNazi?
“UKUSHUSHISWA koFakazi BakaJehova eMbusweni Ongukhukhulela-ngoqo [iJalimane lobuNazi] kuye kwathatha indawo yakho phakathi kwezinye izikhathi zokuvivinywa emlandweni wabo.” (Holocaust Studies Annual, Volume II—The Churches’ Response to the Holocaust) IDaily News kaJuly 15, 1939 yaseNingizimu Afrika, nayo yaphawula ngoFakazi baseJalimane: “Njengelangabi elingalokozi nakanye, leliqembu elincane lamadoda nabesifazane abangamaKristu lima liqinile okholweni lwalo, liyiva ohlangothini lweNkosi yaseMunich [uAdolf Hitler] nobufakazi obuphilayo bokuthi ingumuntu ofayo.” Lamazwi asikhumbuza ukuthi uJesu wathi abalandeli bakhe babeyoba ‘ukukhanya kwezwe’ futhi kwakuyodingeka bavumele ukukhanya kwabo kukhanye phambi kwezwe, kungakhathaliseki ukuthi kuvelani.—Mathewu 5:11, 12, 14-16.
2, 3. Yisiphi isibonelo sokushumayela ngesibindi esenzeka eSri Lanka?
2 Omunye umbiko, ovela eSri Lanka eligcwele ubuphekula, ukhuluma ngoFakazi osemusha ongumTamil, uDavid Gunaratnam, owashumayeza iziphathi-mandla zempi ngesibindi ngendlela efana nsé nekaJeremiya. Wayethathwe nezinye izinsizwa ukuze bayohlolwa. Umbiko uthi: “Iziphathi-mandla nezinsizwa bahlatshwa umxhwele kakhulu ulwazi lwalensizwa futhi ngaphezu kwalokho, ubuqotho bayo obusobala, ikakhulukazi lapho ithi, ‘Futhi uma ngingahlangana nanoma yibaphi ababizwa ngokuthi amaphekula, nabo futhi ngingabashumayeza khona lokhu.’”
3 Ngalobo busuku yathwalwa ngenkani amaphekula ekhaya layo, ayimangalela ngokuthi yayisebenzelana nabezempi. Yaphikelela ngokungathathi-hlangothi kwayo futhi yathi yayimane nje ishumayela isigijimi soMbuso kaNkulunkulu. “Ngenza umsebenzi kaNkulunkulu futhi ngizoqhubeka ngiwenza. Ngishumayela ngokungakhethi kunoma ubani oyolalela.” LoFakazi onesibindi wadutshulwa amaphekula wafa, eshiya umfelokazi osemusha nengane yomfana.—Qhathanisa nezEnzo 7:51-60.
4. Yikuphi ukushushiswa koFakazi BakaJehova okuvunyelwa abefundisi okwenzeka ezweni laseLatin America?
4 Ezweni laseLatin America, lapho ukushushiswa koFakazi BakaJehova kuye kwavunyelwa futhi kwathethelelwa abefundisi abathile bamaKatolika nabaseHabe, kuvela lombiko: “KwakunoFakazi BakaJehova abahlanu ekamu lamabutho . . . Babeshaywa njalo futhi behlaliswa bodwa bengenakudla. Isikhulu sezombangazwe esasengamele ukufundiswa esigabeni sethu sabajezisa ngoba bashumayeza amanye amasosha. Sathi kubo bonke abaphikisi benkolo, oFakazi BakaJehova babeyingozi kakhulu.”
Ukugqugquzela Nokusabela
5. Njengasendabeni kaJeremiya, ngokuvamile yini ebangela ukushushiswa koFakazi?
5 Yebo, njengoba nje uJeremiya ayeshushiswa ababusi benkolo nabezombangazwe bosuku lwakhe, kanjalo noFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba babhekana nokuphikiswa okuvela kumalungu afanayo. Yini ebangela lezizenzo? Ngisho nakuba oFakazi beyingxenye enokuthula futhi ethobela umthetho kunazo zonke yanoma yimuphi umphakathi, izitha zabo zibheka iZwi likaNkulunkulu njengeliyingozi, ngoba ziyasizonda futhi ziyasenqaba isigijimi salo ngoMbuso kaNkulunkulu. Ukushumayela kwabo ngokungahlehli nezimiso zabo kudalula ubugovu nobuzenzisi bamalungu esimiso sikaSathane, ezombangazwe, ezentengiselwano nawenkolo.—Johane 15:18, 19; 1 Johane 5:19.
6. OFakazi BakaJehova baye basabela kanjani oshushisweni?
6 Nokho, naphezu kokuboshwa, ukushaywa, ngisho nokufa, oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba baye basabela njengoJeremiya wasendulo. Nakuba bebonisa uthando nokuhlakanipha, bayaqhubeka beshumayela izahlulelo zikaNkulunkulu ezingathandeki ezizweni. (2 Thimothewu 2:23-26) Bayazi ukuthi kumelwe balalele uNkulunkulu njengoMbusi kunabantu. (IzEnzo 4:19, 20; 5:29) Bayasiqaphela iseluleko sikaPawulu esasiya kumaKristu angamaHeberu, sokubekezela ekwenzeni intando kaNkulunkulu. Khona-ke bayobona ukugcwaliseka kwesithembiso, ukuphila okuphakade. Ngakho, njengoPawulu noJeremiya, kufanele sikwazi ukuthi: “Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube-ngukusindiswa komphefumulo.”—Heberu 10:35-39.
UJeremiya Wanamuhla Udalula ELobukholwa
7. OFakazi ekhulwini leminyaka lama-20 baye basilandela kanjani isibonelo sabaprofethi bakaJehova abathembekile ababethunyelwe kwaIsrayeli nakwaJuda?
7 Njengoba nje uJehova aqhubeka ethumela abaprofethi bakhe kwaIsrayeli nakwaJuda, uye wathuma ofakazi bakhe ukuba babelesele ngesigijimi sesahlulelo sakhe esizayo. (Jeremiya 7:25, 26; 25:4, 8, 9) Ikakhulukazi kusukela ngonyaka ka-1919 owawuvuselela ngokomoya, insali egcotshiwe yabafowabo bakaKristu yayisa kweLobukholwa izahlulelo zikaNkulunkulu ngesibindi, izigijimi ezinamandla zenhlekelele. (Qhathanisa noJeremiya 11:9-13.) Ngalowonyaka kwakhishwa umagazini iThe Golden Age. Kuyo yonke leminyaka, namagama awo ashintshile, iConsolation (1937) nePhaphama! (1946), uye wasebenza ukudalula amanga angokwenkolo eLobukholwa kanye nobuKristu-mbumbulu balo.
8, 9. (a) Kungani amasonto asolwa ngo-1922? (b) Iyiphi inhlekelele eyabikezelelwa wona?
8 Ngokwesibonelo, iThe Golden Age kaOctober 11, 1922, yasola inkolo yamanga ngalamazwi: “Yonke imizamo yezinhlangano zamasonto anamahlelo ahlukahlukene, yabefundisi bazo, yabaholi bazo neyabasizi bazo, yokulondoloza nokumisa kabusha uhlelo lwezinto emhlabeni . . . kumelwe nakanjani ihluleke; ngoba azihlanganisi nanoma iyiphi ingxenye yoMbuso kaMesiya. Ukuthi ngokuphambene, phakathi neMpi Yezwe [I] abefundisi balamahlelo amasonto ahlukahlukene babengathembekile eNkosini uJesu Kristu, ngokuthi bahlanganyela ngokungafanele nabamabhizinisi amakhulu nabezombangazwe abakhulu ukuze baqhubekisele iMpi Yezwe.”
9 Ukusola kwaqhubeka: “Baqhubeka bayiphika iNkosi nombuso wayo futhi babonisa ukungathembeki kwabo ngokuzihlanganisa ngokuzithandela nenhlangano kaSathane nokumemezela ngesibindi ezweni ukuthi iNhlangano Yezizwe iwukubonakaliswa okungokombangazwe kombuso kaNkulunkulu emhlabeni.” Ekugcineni kwafika lesigijimi ‘senhlekelele,’ noma isahlulelo: “Ngokwamazwi kaKristu Jesu, isikhathi esikhulu ‘sosizi olungazange lube-khona kusukela kwasekuqaleni komhlaba kuze kube-manje, nolungasayikuba khona futhi’ manje siyasongela futhi kuseduze ukuba sehlele izizwe zomhlaba.”
10. Yikuphi ukusola okwenziwa ngo-1926?
10 Indima kaJeremiya yandiswa ngokusetshenziswa kwezinye izincwadi, njengomagazini INqabayokulinda, izincwajana, nezincwadi. Ngokwesibonelo, ngo-1926 incwadi iDeliverance yayiqukethe ukudalulwa okunamandla kwezimfundiso zeLobukholwa ezidukisayo. Ekhasini 203 ithi: “Izimfundiso zamanga zangeniswa ngenkululeko [kweLobukholwa eliyisihlubuki] futhi zathatha isikhundla seqiniso. Phakathi kwalezi kwakuyizimfundiso zikaziqu-zintathu, ukungafi kwayo yonke imiphefumulo, ukuhlushwa kwababi phakade, igunya laphezulu labefundisi negunya laphezulu lamakhosi lokubusa, futhi kuseyizo. Ngokuhamba kwesikhathi uMariya, unina womntwana uJesu, wenziwa unkulunkulukazi, futhi abantu bayalwa ukuba bamkhulekele njengonina kaNkulunkulu.”
ELobukholwa Elihlukanisayo Laxwayiswa
11, 12. (a) Ukuthatha uhlangothi kwabefundisi kwadalulwa kanjani? (b) Yisiphi isixwayiso esanikezwa isigaba sikaJeremiya?
11 Incwadi efanayo yadalula ukuhlanganyela kwabefundisi ezimpini, ithi: “Abefundisi balezimiso ezihlukahlukene zamasonto babusisa amabutho athunyelwe amaqembu ezentengiselwano nawezombangazwe, futhi bawanika isibusiso sabo kungakhathaliseki ukuthi lamabutho alwa ngakuluphi uhlangothi. Bonke abefundisi bazisholo ukuthi bathandazela isibusiso phezu kwamabutho alwayo anhlangothi zombili, kuNkulunkulu oyedwa.” (Qhathanisa noJeremiya 7:31) Khona-ke kwasikiselwa isahlulelo esiseduze: “Wonke lamalungu aya ukuyokwenza ingxenye ebonakalayo yenhlangano kaSathane abuthelwa ndawonye futhi ahlanganiselwa impi enkulu yeArmagedoni.”—IsAmbulo 16:14-16.
12 Njengasosukwini lukaJeremiya, lapho abaholi babethi balondekile futhi banokuthula noNkulunkulu, “kanjalo labaholi bamasonto bazitshela ukuthi balondekile, ukuthi badinga nje kuphela ukuba babizwe ngegama likaKristu, kuyilapho beqhubeka bedlala ngomlilo kaDeveli. Bazishaya abangasiboni isimo esingokoqobo ngokuninda amehlo abo namehlo abantu babo ngodaka.” (Deliverance, ikhasi 270) Ukuzikhohlisa kwabo kwadalulwa yilabobaFundi BeBhayibheli abashisekayo, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngalesosikhathi.—Mathewu 7:21-23.
13. Yisiphi isenzakalo esenzeka ngo-1931, futhi kungani sasifanelekile?
13 Ngokuhamba kwesikhathi, abaFundi BeBhayibheli bafaniswa kakhulu noJeremiya, lapho, ngo-1931, emhlanganweni wesigodi owawuseColumbus eOhio, U.S.A., kumenyezelwa ukuthi igama elingokweBhayibheli laleliqembu lamaKristu anesibindi kufanele libe “OFakazi BakaJehova.” (Isaya 43:10-12) Lelogama lalenziwe lagqama ekhulwini leminyaka lesishiyagalombili B.C.E. lapho uJehova elisebenzisa kwaIsrayeli. Ngakho-ke, eminyakeni engaba yikhulu kamuva, lapho uJeremiya ekhonza njengomprofethi, naye futhi wayengufakazi kaJehova. (Jeremiya 16:21) Ngokufanayo noJesu, lapho eza emhlabeni njengomJuda, wayengufakazi kaYise, uJehova. (Johane 17:25, 26; IsAmbulo 1:5; 3:14) Ngakho-ke, kwakufanele ukuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, abantu bakhe ekugcineni balifanelekele leligama elikhethwe ngokwaphezulu—“oFakazi BakaJehova.”—Johane 17:6, 11, 12.
ELobukholwa Lembulwa
14. ELobukholwa liye ladalulwa kanjani phakathi neminyaka engama-70 edlule?
14 Emashumini ayisikhombisa eminyaka adlule, ngokuhlangene nokumenyezelwa kwethemba elikhazimulayo loMbuso kaJehova ozayo, oFakazi BakaJehova baye basakaza kuwo wonke umhlaba isikhukhula sangempela sokusola nokwahlulela. Emakhulwini ezigidi zezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezingagunci, neziphumelela ngamandla, baye badalula eLobukholwa njengamandla amakhulu esifebeni esingokwenkolo, “iBabiloni Elikhulu,” elisolwe kusAmbulo izahluko 17 no-18. (Bheka i“Babylon the Great Has Fallen!” God’s Kingdom Rules!, amakhasi 576-615, eyakhishwa ngo-1963 yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.)
15. ELobukholwa ladalulwa kanjani ngo-1955?
15 Ngo-1955 oFakazi BakaJehova basakaza izigidi zamakhophi encwajana ethi Christendom or Christianity—Which One Is “the Light of the World”? Izinkulungwane zayo zayiswa ngokuqondile kubefundisi beLobukholwa. Futhi yabatshelani leyoncwajana? Ngendlela efana nsé nekaJeremiya, yathi: “Naphezu kwawo wonke amathuba alo alenze lavelela ngokwezomnotho, ngokolwazi, nangokwezempi, eLobukholwa alizange lizibonakalise ‘lingukukhanya kwezwe.’ Kungani kungenjalo? . . . Alibushumayeli futhi alibenzi ubuKristu [beBhayibheli].” Yabe isiphakamisa lombuzo: “Ingabe ukudalulwa kwezinkolo zamanga kuwukushushiswa kwabalandeli bazo? Ingabe kuwubandlululo lwenkolo olungebuKristu?”
16. Ingabe kuwubandlululo lwenkolo ngoFakazi bakaJehova ukuba badalule eLobukholwa? Chaza.
16 Impendulo yathi: “Cha; uma kunjalo uJesu Kristu wayengumshushisi obandlulula inkolo yamaJuda, . . . futhi bonke abaprofethi bezikhathi zasendulo [kuhlanganise noJeremiya] ngaphambi kukaJesu babengabashushisi nababandlululi benkolo, ngoba bonke badalula inkolo yamanga yamaJuda ayizihlubuki neyezizwe ezingamaqaba.” Ngokuqinisekile, uma amaKristu eqiniso azoba “ukukhanya kwezwe,” khona-ke, kumelwe budalulwe “ubumnyama” obungokomoya. (2 Korinte 6:14-17) Lokhu akusho ukuthi kuhlaselwa abantu ngabanye kodwa, kunalokho, kuhlaselwa isimiso esibagqilazayo. Ngakho, uJehova wanikeza uJeremiya lomyalo: “Bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, . . . Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe, usho uJehova, ukuba ngikophule.”—Jeremiya 1:17, 19.
Umsebenzi KaJeremiya Ufika Esiphethweni
17, 18. (a) OFakazi BakaJehova baye bawuqhuba kanjani umsebenzi wabo kaJeremiya eminyakeni yamuva nje? (b) Yisiphi iseluleko esiye sanikezwa abanhliziyo-ziqotho?
17 Ingabe oFakazi BakaJehova baye bathela isahlulelo sikaNkulunkulu ngamanzi? Yiqiniso, siphila enkathini lapho ukugxeka enye inkolo kubhekwa njengento okungafanele yenziwe. Nokho, izincwadi zoFakazi BakaJehova zikhuluma isigijimi esifanayo sesahlulelo ngeLobukholwa ngendlela efanayo. Ngokwesibonelo, eminyakeni emine edlule, oFakazi BakaJehova baye banyathelisa amakhophi ayizigidi ezingama-32 encwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, ngezilimi ezingama-76. Lencwadi inikeza izimpendulo zemibuzo eminingi ekhona, enjengalena: “Yini Eyenzekayo Ekufeni?” “Kungani UNkulunkulu Eye Wavumela Ububi?” nothi “Ukubona Inkolo Yeqiniso.” Kodwa futhi inikeza nesixwayiso esicacile ngokuqondene nombuso wezwe wenkolo yamanga.
18 Esahlukweni 25, esinesihloko esithi “Ukhetha Izwe LikaSathane, Noma Isimiso Esisha SikaNkulunkulu?” ithi: “EBhayibhelini inkolo yamanga imelelwe njenge“sifebe esikhulu,” esinegama elithi ‘IBABILONI ELIKHULU.’ . . . Futhi kuyiqiniso ukuthi kuwo wonke umlando inkolo ibihlangene nezombangazwe, ngokuvamile itshela ohulumeni ukuthi benzeni.” Ngakho-ke, lencwadi itusa siphi isinyathelo? Iyabuza: “Ingabe ufuna ukuba yingxenye yezwe likaSathane? Noma ingabe ungasohlangothini lwesimiso esisha sikaNkulunkulu? Uma ukhetha isimiso esisha sikaNkulunkulu, uyoba ngohlukile ezweni, kuhlanganise nenkolo yalo yamanga. Uyolandela umyalo weBhayibheli: ‘Phumani kulo [iBabiloni Elikhulu], bantu bami.’ (IsAmbulo 18:4)”
19. Ungabonisa kanjani ukuthi izwi likaJeremiya wanamuhla alithuliswanga kuze kube sosukwini lwanamuhla?
19 Sona lesigijimi esinamandla sokuzihlukanisa nesesahlulelo sicacile encwadini Ukulondeka Komhlaba Wonke Ngaphansi “KweNkosi Yokuthula,” eyakhishwa ngo-1986 (amakhophi ayizigidi eziyi-6 ngezilimi ezingama-25). Idalula abefundisi beLobukholwa ‘ngokukhuthaza izinsizwa ukuba ziye ezinkundleni’ zeMpi Yezwe I. Iyaqhubeka: “Kuze kube manje eLobukholwa lisaqhubeka liyisitha sikaNkulunkulu oPhezukonke. Ngokuqinisekile alinaso isivikelo saphezulu, futhi ngenxa yalesizathu esibalulekile khona kanye ukuba khona kwalo akulondekile.” (Bheka amakhasi 30-2.) Izwi likaJeremiya wanamuhla alithuliswanga! Nakuba abefundisi nabezombangazwe benza imizamo yokuvimbela ukushunyayelwa kwezahlulelo zikaNkulunkulu, ofakazi bakhe abathembekile baqhubekela phambili, bezimisele ukuwuqeda umsebenzi wokuxwayisa.—Jeremiya 18:18.
20. Kungani oFakazi BakaJehova bayoqhubeka bememezela izahlulelo zikaJehova ezizweni?
20 Futhi kungani kumelwe uqedwe lomsebenzi? Ngoba uJehova, iNkosi ephilayo enguMbusi wendawo yonke, uzolungisa izindaba nezizwe nezinkolo zazo. Ngisho nanjengoba uJehova abuza uJuda neJerusalema elalizikhohlisa, kanjalo lombuzo usebenza ngokufanayo kweLobukholwa namuhla: “Angiyikubahambela ngalokho na? usho uJehova. Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?” Ngakho-ke, oFakazi BakaJehova bayoqhubeka behambela abantu bezizwe nesigijimi esitinyela iningi njengesahlulelo esingathandeki kodwa esiyizindaba ezinhle ezijabulisayo kwabambalwa—izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Jeremiya 5:9, 29; 9:9; IzEnzo 8:4, 12.
21. Naphezu kwenhlekelele eyabikezelwa, yiliphi ithemba elikhulu eliphambi kwalabo abanaka umsebenzi kaJeremiya? (IHubo 37:9, 11, 18, 19, 28, 29)
21 Nakuba ngokuvamile uJeremiya eye wabizwa ngokuthi umbikezeli wenhlekelele, kuyiqiniso futhi ukuthi isigijimi sakhe sangenisa imisebe yethemba kumaJuda. (Jeremiya 23:5, 6; 31:16, 17) Ngendlela efanayo, lapho oFakazi BakaJehova bememezela “usizi olukhulu” oluseduze, nesahlulelo sikaNkulunkulu seArmagedoni, bamemezela futhi nezibusiso “zamazulu amasha nomhlaba omusha” eziyoba khona ekubuyiselweni kokwahlulela ngokulunga nePharadesi kulonozungezilanga, kanye nokuphila okuphakade. (Mathewu 24:21, 22; IsAmbulo 16:16; 21:1-4) Ngakho-ke, manje yisikhathi sokulalela isigijimi sesahlulelo sikaJehova nokusekela lomsebenzi omkhulu kaJeremiya ukuze uphele.—Qhathanisa noJeremiya 38:7-13.
Ingabe Uyakhumbula?
◻ NjengoJeremiya, bashushiswa kanjani oFakazi BakaJehova?
◻ Kungani oFakazi bephikelela ekushumayeleni kwabo?
◻ Umsebenzi kaJeremiya uye wandiswa kanjani?
◻ Yiziphi izibonelo zamuva ezibonisa ukuthi ukusola akukashintshi?
◻ Naphezu kwesigijimi senhlekelele, yiliphi ithemba elinikezwayo?
[Isithombe ekhasini 23]
Ngokuhamba kwesikhathi, uMariya wakhulekelwa njengonkulunkulukazi futhi abantu bayalwa ukuba bamhloniphe ‘njengoNina kaNkulunkulu’
[Isithombe ekhasini 24]
Ngo-1931 abaFundi BeBhayibheli bamukela igama elithi “oFakazi BakaJehova” emhlanganweni wabo wesigodi eColumbus, eOhio
[Izithombe ekhasini 25]
OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke balandela isibonelo sikaJeremiya