Phambili, Nina BoFakazi!
“Izinceku kules’khathi ses’phelo,/Zizimisele ukulwela uMbuso./Nom’ uSathan’ ez’phatha kabi,/Ngamandla eNkos’ az’dangali.”
Lena imigqa yokuqala yengoma ewunombolo 29 encwadini yamaculo yoFakazi BakaJehova ethi, Hubani Izindumiso ZikaJehova. Ukwazisa kwakho lengoma kungajuliswa ukwazi ukuthi yaqanjwa ekamu lokuhlushwa eJalimane lobuNazi. Muva nje izisebenzi ezingama-500 zasemkhayeni waseBethel eSelters ziye zalalela ingxoxo eqoshiwe nomqambi walengoma, uErich Frost, owabika okulandelayo:
“‘Phambili, Nina BoFakazi!’—lesi kwakuyisifiso sezinhliziyo zethu ngisho nangalesosikhathi, nakuba sasenza umsebenzi onzima ekamu lokuhlushwa. Ingqondo yomqambi wezingoma ihlala igcwele izingoma ezihlukahlukene, ngakho indlela yalengoma yayilokhu isekhanda lami isikhathi eside. Iqembu lezisebenzi engangikulo, elalinoFakazi abangama-40, zonke izinsuku lalihamba ingxenye yehora liya lapho kuchithwa khona indle ngaphandle kwekamu. Endleleni ngelinye ilanga ekuseni, kwafika lomcabango kimi: ‘Sekuyisikhathi sokufaka amagama kulengoma, ukuze ihlatshelelwe,’ futhi ngokushesha ivesi lokuqala laqala ukwakheka engqondweni yami.
“Umsebenzi wami wawungukuthutha indunduma yomhlabathi ngebhala ibanga elingaba ngamamitha angama-30. Kwakwenqatshelwe ngokuqinile ukukhuluma lapho kusetshenzwa. Nokho, ngikhetha ithuba elifanelekile, ngabuza ngasese umzalwane owayesebenza eduze ukuthi unayo yini inkumbulo enhle. Wathi yebo, ngakho ngamcela ukuba agcine ivesi lokuqala engqondweni yakhe. Ngemva kwehora, ngacela omunye umzalwane, kamuva owesithathu, ekugcineni owesine. Ngamunye wacelwa ukuba azi ivesi elilodwa ngekhanda.
“Sesibuyele ekamu ngalelolanga kusihlwa, bobane bawasho lamavesi kimi, omunye emva komunye. Kanjalo, ngakwazi ukufaka amagama emanothini. AmaSS ayengeke achithe sikhathi ukuba iculo lafika ezandleni zawo. Kodwa manje isimo sase sisibi ngokwedlulele. Ukuba bangibamba neculo, ngabe bangilengisa. Ngangingalifihla kanjani iculo?
“Umzalwane osekhulile kwakumelwe anakekele isitebele ngaphandle kwekamu lapho abanye bamaSS babegcina khona onogwaja babo. Kulesitebele, wathola indawo yokufihla amatshe ayigugu ngempela angokomoya—omagazini abaphelele beNqabayokulinda nencwadi eyodwa noma ezimbili zeNhlangano. Lomzalwane wabeka ukuphila kwakhe engozini ngokungenisa ngomgunyathi izinto ezinjengezincwadi ekamu, kanjalo esinikeza okokutadisha. Walifihla lapho iculo lami. Ngelinye ilanga wathi: ‘Erich, iculo lakho selisendleleni. Ngithole othile olithumele eSwitzerland.’ Ngakhululeka.
“Abazalwane baseSwitzerland balithumela eBrooklyn, lapho lafikela ezandleni zeNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova. Amagama eculo lami angahlelekile aguqulwa aba amavesi amathathu amahle. Ngajabula kakhulu lapho kamuva ngithola lengoma encwadini entsha yamaculo yoFakazi BakaJehova.a Namuhla, manje njengengoma ewunombolo 29, lisakhuthaza bonke oFakazi ukuba baqine ekumeleni kwabo uJehova neqiniso!”
[Umbhalo waphansi]
a Lahlatshelelwa okokuqala eUnited States yiqembu labahlabeleli labafundi bekilasi le-11 leWatchtower Bible School of Gilead njengesici esivelele sesimiso sabo sokuthweswa iziqu, ngoAugust 1, 1948.
[Ibhokisi ekhasini 21]
UErich Frost waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngo-October 30, 1987, eneminyaka engama-86 ubudala. Wazalwa ngoDecember 22, 1900, wabhapathizwa ngoMarch 4, 1923, futhi wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngo-1928. Ngo-1936 wabekwa ukuba anakekele umsebenzi womshoshaphansi wofakazi bakaJehova abashushiswayo eJalimane, enakekela kahle lesosabelo izinyanga eziyisishiyagalombili kwaze kwaba yilapho evalelwa ekamu lokuhlushwa. Ngemva kwempi, kusukela ngo-1945 kuya ku-1955, wakhonza njengombonisi wehhovisi legatsha leWatch Tower Society eJalimane. (Bheka iThe Watchtower, ka-April 15, 1961, amakhasi 244-9.) Ngemva kwalokho, waqhubeka ekhonza uJehova ngokwethembeka. UNkulunkulu akawukhohlwa umsebenzi wamaKristu anjalo agcotshiwe noma uthando alubonisayo ngenxa yegama lakhe.—Heberu 6:10.