Umthandazo ENtabeni IHiei—Ingabe Impumelelo Yokuthula Komhlaba?
INGABE umthandazo uyokuletha ukuthula komhlaba? “Ukuthula ngeke kuze ngokuthandaza nje kuphela. Akulula kanjalo,” kusho uGijun Sugitani, umhleli womhlangano womthandazo owawungoAugust 1987 eJapane. “Kodwa futhi angicabangi ukuthi ukuthula kungaba khona ngaphandle komthandazo.” Umbono wakhe wawufana nowamaJapane angama-500 nabameleli baphesheya kwezilwandle abangama-24 ababeseMhlanganweni Weziphathi-mandla Zenkolo wango-1987 eKyoto, eJapane.
Ihlelo lamaTendai obuBuddha lamemezela lomhlangano womthandazo njengolandela owawungo-1986 eAssisi (eItaly) futhi lawuhlela ukuba ube ngesikhathi esifanayo nomgubho we-1 200 wokuvulwa kweThempeli lase-Enryakuji eNtabeni iHiei. Abantu abanezizinda zobuBuddha, zobuKristu ngegama, zobuConfucian, zobuHindu, zenkolo yobuSulumane, zobuJuda, zobuSikh, nezobuShinto babeshintshana ngokwenza imikhuleko entabeni. Ingabe lomhlangano ngempela wawuyimpumelelo yokuthula komhlaba?
Umhlangano “Owumhlobiso Wezimbali”
“Lomhlangano weziphathi-mandla uwumhlobiso wezimbali ongokwenkolo,” kusho uEtai Yamada, umpristi omkhulu wehlelo lamaTendai nowusihlalo womhlangano. “Ayikho kulezimbali elahlekelwa isimo sayo nephunga layo.” Wayesho ukuthi uma nje izinkolo zimunye esifisweni sazo sokuthula komhlaba, ngayinye ingazigcina izinkolelo zayo eziphikisanayo, njengembali ngayinye emhlobisweni wezimbali.
Phakathi ‘kwezimbali’ ezivelele emhlanganweni kwakuyiSonto lamaKatolika, limelelwe uFrancis Cardinal Arinze oyilungu loNobhala BaseVatican BabangemaKristu. UArinze wafunda umbiko kapapa, owawuthi “ukuthula akunakutholakala ngaphandle komthandazo futhi nakuba izimpi zingase ziqalwe abantu abambalwa, ukuthula kudinga ukubambisana nobunye kwabantu bonke.”—Mainichi Daily News, August 5, 1987, ikhasi 12.
Uma ithemba lokuthula komhlaba ‘lidinga ukubambisana nobunye babantu bonke,’ unamandla kangakanani uNkulunkulu abathandaza kuye? Abahambeli bomhlangano bathandazela ukuthula, kodwa bakholelwa ukuthi imizamo yomuntu eyokuletha. Njengomhlobiso omuhle wezimbali, umhlangano wabo womthandazo wawuzoba ukuboniswa okuhle kwemizamo yabo siqu.
Umhlobiso wezimbali muhle emehlweni, kodwa lapho isehlakalo esikhethekile sesidlulile, izimbali ezingenazimpande ziyabuna futhi ubuhle bazo buyaphela. Ngokushesha buyalahleka ubuhle bembali ngayinye nobuhle bomhlobiso. Futhi akuqondiwe ukuba izimbali zithele izithelo. Ingabe lomhlangano weziphathi-mandla nawo waphela ‘njengomhlobiso wezimbali’ ongatheli zithelo?
Abaholi benkolo ngokwabo ababekhona abaneliswanga imiphumela. “Babengathanda ukuzisho ngokuqondile izinyathelo izinkolo okufanele zizithathe esikhathini esizayo kodwa bathi sasingekho isikhathi esanele sezingxoxo ezinjalo,” kubika iAsahi Evening News. Nokho, umphumela onjalo wawulindelekile. “Injongo yethu,” kusho uTakaaki Kobayashi, omunye wabahleli bomhlangano weziphathi-mandla, “iwukuzwa ukusikisela kwenkolo ngayinye ngezindlela ezingcono zokuthola ukuthula. Umthetho oyinhloko uwukuthi ngamunye okhona kumelwe alalele imibono yabanye ngaphandle kokukhulumela noma ukuphendula noma ukuphikisa.” Umzamo wabo emhlanganweni womthandazo wawulinganiselwe ekulaleleni abanye, hhayi ukwenza. Njengomphumela, umhlangano “wahluleka ukubeka uhlelo olucacile lokufinyelela izinjongo zomhlangano weziphathi-mandla.”
Ingabe WawungowamaKristu Eqiniso?
Abantu abalwela ukulandela uJesu Kristu bangase bazibuze: ‘Ingabe umKristu kumelwe ahlanganyele emhlanganweni onjalo womthandazo?’ Iqiniso lokuthi wenzelwa eNtabeni iHiei, intaba engcwele yehlelo lamaBuddha, linikeza okuthile kokucabanga ngakho. Ingabe ungacabanga ngoJesu Kristu enyuka intaba engcwele yamaBuddha ukuze ayothandazela ukuthula?
Umphostoli uPawulu waxwayisa abalandeli bakaJesu Kristu: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na? Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? . . . Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela.”—2 Korinte 6:14-17.
Ingabe ukuthandaza emhlanganweni oxube izinkolo entabeni engcwele yamaBuddha bekungeke yini kufane nokuthi ‘umKristu uboshelwa ejokeni ngokungafanele’? Khona-ke, ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu eqiniso kufanele abe angakukhathalele ukuthandazela ukuthula? Akunjalo neze!
Umthandazo Wokuthula
Esiprofethweni sakhe esiqondene ‘nezinsuku zokugcina,’ umprofethi uIsaya wakhuluma ngabaningi ababeyothi: “Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova,” hhayi eNtabeni yamaBuddha iHiei. ‘Intaba kaJehova’ ifanekisela ukukhulekelwa kweqiniso kukaNkulunkulu weBhayibheli. ‘Ukukhuphukela’ kuleyontaba kuphumelaphi? Phela, uIsaya wathi uJehova “uyokusifundisa izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe!” “[UJehova] uyakwahlulela phakathi kwezizwe,” kwenezela umprofethi. Njengomphumela, kuyoba khona ukuthula komhlaba, ngoba uIsaya wabikezela ukuthi abakhulekeli beqiniso “bayakukhanda izinkemba zabo zibe-ngamakhuba, nemikhonto yabo ibe-ngocelemba; isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba, zingabe zisafunda ukulwa.”—Isaya 2:2-4.
Lesisimo sesikhona kakade phakathi koFakazi BakaJehova futhi ngokushesha sizokwemboza umhlaba wonke. Kodwa kanjani? UJehova uNkulunkulu, hhayi abantu, uyoletha ukuthula okuhlala njalo ngoMbuso wakhe. Uyoshanela asuse emhlabeni bonke abasusi bokuthula futhi uyoletha ipharadesi emhlabeni. (IsAmbulo 11:15, 18) Ngokungafani namazwi ashiwo emhlanganweni weziphathi-mandla zenkolo owawufana ‘nomhlobiso wezimbali’ omuhle kodwa ongatheli zithelo, amazwi kaJehova awabuyeli kuye engabanga namphumela.—Isaya 55:11.
Khona-ke, kungani kufanele sithandazele ukuthula uma uNkulunkulu ezokuletha kungakhathaliseki ukuthi iyini imizamo yabantu? Ngokuthandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze, sibonisa isifiso sethu siqu sokuthula futhi sibonisa ukholo lwethu endleleni kaNkulunkulu yokukuletha emhlabeni. (Mathewu 6:9, 10) Ukuthi siyokubona ukuthula okwenziwe uNkulunkulu noma cha kuxhomeke ‘ekulindeleni kwethu uJehova.’ Ngakho woza “entabeni kaJehova” futhi uhlanganyele emthandazweni wokuthula kweqiniso akuthembisile!—IHubo 37:9, 11.
[Isithombe ekhasini 8]
Umhlobiso wezimbali muhle emehlweni, kodwa akuqondiwe ukuba uthele izithelo
[Isithombe ekhasini 9]
INtaba iHiei, intaba engcwele yehlelo lamaTendai obuBuddha, lapho kwenzelwa khona umhlangano womthandazo