Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w88 1/15 k. 32
  • Umculo Owelaphayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umculo Owelaphayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
w88 1/15 k. 32

Umculo Owelaphayo

Umama osemusha waseIowa, eU.S.A., uyachaza: “Kumelwe ngibhale nginitshele ukuthi amakhasethi enu [opiyano] athi ‘Sing Praises to Jehovah’ asho okungakanani kimi nomkhaya wami. Nsuku zonke, ngithuthuzela umntanami oneminyaka emithathu ubudala ukuba alale. Kodwa sifaka enye yamakhasethi kuqala, bese ngithatha iculo lami futhi ngicule njengoba ezumeka.”

Lomama uyaqhubeka echaza ukuzalwa kwangaphambi kwesikhathi kwengane yakhe yokugcina nokuhlupheka kwayo emshinini wokuphefumula, lapho okwakudingeke ibe nethumbu elehla ngomphimbo wayo. Uyalandisa: “Ngabuza abahlengikazi ukuthi sasingamlethela yini isidlali-makhasethi kanye namakhasethi omculo. Bavuma. Abahlengikazi babengayikholelwa indlela lamakhasethi ayemsiza ngayo ukuba aphumule. Bathi ngaso sonke isikhathi lapho ayesetetema, ababekwenza nje kwakuwukumdlalela umculo wakhe. Omunye umhlengikazi waze wathi: ‘Ngifisa sengathi besinaloluhlobo lomculo lwazo zonke izingane. Muhle kakhulu. Konke lezingane ezikuzwayo ukukhala kwemishini yazo yokuphefumula.’”

Ngempela, abaningi baye bathola lomculo welapha emiphefumulweni yabo. Ialbhamu enhle enesihloko esithi “Sing Praises to Jehovah,” enamakhasethi ayisishiyagalombili, iyatholakala ngo-R40 kuphela. Ungazitholela ialbhamu yakho ngokugcwalisa bese uthumela isigqebhezana esilandelayo kanye nemali.

Sizani, ningithumelele ialbhamu ethi “Sing Praises to Jehovah” enamakhasethi omculo ayisishiyagalombili. Ngifaka u-R40.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela