Ukusabela Obizweni Lwaseziqhingini ZaseMicronesia
AMAGAMA anjengeTruk, iYap, iPonape, iGuam, neSaipan angase azwakale ejwayelekile kuwe. Kodwa kuthiwani ngeBelau, iRota, iKosrae, iNauru, noma iKiribati? Wonke lawa namanye ayingxenye yeziqhingi neziqhingi eziyiziyingi ezingaphezu kwezi-2 000 ezisakazeke endaweni cishe engaphezu kwamakhilomitha-skwele ayizigidi eziyisikhombisa nengxenye eziseNtshonalanga Pacific futhi zizonke zaziwa ngokuthi iMicronesia, noma iziqhingi ezincane.
Kulendawo enkulu, cishe elingana neAustralia noma izwekazi laseUnited States, oFakazi BakaJehova bamatasa bamemezela izindaba ezinhle zoMbuso. (Marku 13:10) Njengamanje, lomsebenzi wenziwa abamemezeli boMbuso abacishe babe ngama-740 emabandleni ayi-13. Ngempela, kunesidingo esikhulu sezisebenzi ezengeziwe ukuze kubuthwe isivuno kuleziqhingi ezikude zolwandle.—Qhathanisa noJeremiya 31:10.
Eminyakeni engama-20 edlule noma ngaphezulu, abantu abavela eHawaii, ePhilippines, eCanada, eUnited States, naseAustralia baye basabela kulolubizo futhi bangenela inkonzo yezithunywa zevangeli eziqhingini zaseMicronesia. Lapho abokuqala babo befika ngo-1965, kwakunabamemezeli boMbuso abangama-76 kuphela kuyo yonke lendawo enkulu. Nokho, ngo-1987 ingqikithi yabantu abayizi-4 510 yaba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu Kristu. Ngokusobala, imisebenzi yobuKristu yothando eminyakeni edlule yabusiswa ngokucebile.
Namuhla, kunezithunywa zevangeli ezingama-49 ezikhonza zisemakhaya ezithunywa zevangeli ayi-14 asakazeke phakathi kwaleziqhingi, zonke zisebenza ngaphansi kokuqondisa kwegatsha laseGuam leWatch Tower Society. Uthando lwazo ngoJehova nangomakhelwane bazo baseMicronesia luye lwazishukumisela ukuba zisabele obizweni lwezithunywa zevangeli. Yikuphi okuhlangenwe nakho eziye zaba nakho lapho zikhonza kuleziqhingi ezikude? Lapho kukhulunywa ngezilimi ezintsha namasiko, yiziphi izinselele okuye kwadingeka ukuba zizinqobe? Futhi yini eye yazisiza ukuba zihlale ezabelweni zazo? Ake sizwe kwezinye zazo ngomsebenzi wazo kuleziqhingi.
Inselele Yezilimi Ezintsha
Kunezilimi eziyisishiyagalombili noma eziyisishiyagalolunye ezinkulu eMicronesia. Kodwa ngoba lezi azithathwa njengezilimi ezilotshwayo, kulukhuni ngezithunywa zevangeli ezisanda kufika ukuthola izincwadi ezingazisebenzisa ekuzifundeni. Nokho, zisebenza kanzima kulokhu. Enye indlela ephumelelayo, ezatshelwa yona, ukuba zizame ukusebenzisa masinyane emsebenzini wokushumayela lokho ezikufundile. Nokho, zisakhumbula ezinye zezimo eziningi ezijabulisayo—nezidumazayo—ezavela lapho zizama ukwenza lokho.
URoger, ongowaseHawaii ngokuzalwa, ukhumbula esinye isimo esinjalo lapho efika eBelau okokuqala eminyakeni eyi-13 edlule. “Lapho omunye umninikhaya ethi, ‘NgingumKatolika,’ okuwukuphela kwegama lesiPalau engangazi ukuphendula ngalo kwakuwukuthi ‘Kungani?’” Umninikhaya wabe esenikeza incazelo ende. “Angizwanga lutho kukho konke ayekusho. Lapho ephetha, ngasho elinye futhi eliwukuphela kwegama engangilazi, ‘Ngiyabonga,’ futhi ngahamba!”
USalvador, owafika eTruk nomkakhe, uHelen, eminyakeni eyishumi edlule, ukhumbula ezama ukubuza omunye owesifazane waseTruk ukuthi ingabe wayefuna yini ukuba ngojabulayo (pwapwa). Esikhundleni salokho, wambuza ukuthi wayefuna yini ukukhulelwa (pwopwo). Futhi uZenette, owafika nomyeni wakhe, uDavid bevela eCanada, ukhumbula ngenkathi ezama ukuthi “Ngiyabonga” (kilisou) kodwa wagcina ethe “Isibawu” (kiliso). Ngokusobala, manje bawazi kahle lawomagama.
Lapho uJames eshintshelwa esiqhingini saseKosrae ngemva kokukhonza iminyaka emine ePonape, kwadingeka ukuba aqale kabusha. Ukhumbula ngokukhethekile ezama ukuzuza ubungane bomunye umninikhaya. Kodwa esikhundleni sokubuza ukuthi “Kunjani?” wamtshela ukuthi, “Uyahlekisa”! Manje, ngemva kweminyaka eyishumi, uyavuma: “Ekuqaleni, kwakulukhuni ukusho amanye amagama esiKosrae ngoba ngesiNgisi ayezwakala sengathi amagama enhlamba.”
Nokho, okuhlangenwe nakho okunjalo akuzidumazi lezithunywa zevangeli ekuqhubekeni nokufunda lezilimi. “Kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze asize labantu ngaphandle kokufunda ulimi,” kusho esinye isithunywa sevangeli. “Lokhu kusinikeza ugqozi lwangempela lokutadisha ngenkuthalo.”
Amasiko Nezinkolelo-ze
Kubantu abasanda kufika, amasiko amaningi alendawo abonakala ehlekisa. Ngokwesibonelo, uDavid wahlangana nendoda eyayiqambe amadodana ayo amathathu ngokuthi, uSardine, uTuna, noSpam. Kamuva, waziswa kumadoda amathathu abizwa ngokuthi, uDesire, uSin, noRepent. UZenette wakuthola kungajwayelekile ukuthi abantu babize ogogo nomkhulu babo ngokuthi Baba nangokuthi Mama futhi babize abazali babo ngamagama abo. Lapho uSheri esafika evela eHawaii, wayecabanga ukuthi kwakuhlekisa kakhulu ukuthi abantu basebenzise ikhala labo uma bekhomba. Futhi kwathatha isikhathi eside ukuba ajwayele lelisiko: Uma owesifazane engena embuthanweni weningi, “ugaqa” ngamadolo aye “esihlalweni” sakhe phansi ukuze abonise inhlonipho emadodeni.
Ngokufanayo, izinkolelo zokukholelwa ezeni ziningi. Ngokwesibonelo, eMarshall Islands, uma othile efa umndeni uzombekela ukudla, ugwayi, nezimbali phezu kwethuna. Noma uma inyoni indiza izungeze umuzi icula, lokhu kuthiwa kusho ingozi noma ukufa okuseduze kothile emkhayeni.
Abanye kuleziqhingi bahileleke ngokujulile ekusebenziseni imimoya. UJon wayengomunye wabo. Lapho eseyigosa esontweni lamaProthestani, wayekwazi ukuxosha amademoni ngemithandazo nangokusebenzisa umuthi olungiswe ngamafutha kakhukhunathi.
“Ngolunye usuku ubuso obubi bedemoni obabubanzi njengesicabha bavela emnyango wekamelo lami,” uJon elandisa. Okokuqala uJon wayecabanga ukuthi wayephupha kodwa ngokushesha waqaphela ukuthi wayephapheme ngokugcwele.
“Idemoni langitshela ukuthi lalingumthombo wamandla ami okwenza imilingo. Lokhu kwangithusa futhi kwangibangela ukuba ngizibuze ukuthi kungani amademoni esebenza ngami, ngiyidiyakoni esontweni, futhi kungani umfundisi ngokwakhe efuna izinkonzo zami zobudemoni.” Ngokushesha uJon watholwa yizithunywa zevangeli zoFakazi futhi waqala ukufunda iBhayibheli.
“Kwangilethela injabulo enkulu ukufunda iqiniso ngamademoni nokuthi ungayibona kanjani inkolo yeqiniso,” kukhumbula uJon. Washiya esontweni lakhe futhi wayeka umkhuba wakhe wobudemoni. Namuhla uxwayisa abanye ukuba bagweme yonke imisebenzi yobudemoni.—Duteronomi 18:9-13; IsAmbulo 21:8.
Ukufinyelela Iziqhingi Ezincane
Ukuletha izindaba ezinhle kubantu abaseziqhingini ezincane ezingaphandle kuyinselele yangempela. Ngokuvamile okuwukuphela kwendlela yokubafinyelela iwukubekisa ukuhamba ngomkhumbi othwala imikhiqizo eyomisiwe kakhukhunathi. Njengoba umkhumbi uma esiqhingini ngasinye esincane amahora ambalwa noma izinsuku ukuze uthathe izimpahla, izithunywa zevangeli nabanye abamemezeli boMbuso bazigcina bematasa ngokufakaza kubantu abahlala kuleziqhingi. Ukusetshenziswa komsakazo kwamasonto onke kungenye yezindlela zokuletha izindaba ezinhle kubo.
Izakhamuzi zeziqhingi ezingaphandle ngokuvamile ziya ezindaweni ezisemqoka zesiqhingi ukuze zithenge ukudla, zithole ukwelashwa, nokufunda. Uma zilapho, zingase zithole oFakazi BakaJehova futhi zithole izincwadi zeBhayibheli. Isithakazelo silandelelwa ngezincwadi noma lapho abamemezeli bevakashela isiqhingi sabo. Omunye umbhangqwana watholwa ngalendela eMajuro eMarshall Islands futhi waphindela ekhaya lawo esiqhingini saseAiluk, esiqhele ngamakhilomitha angama-400. Waqala ukuthuthuka ekuqondeni kwawo iBhayibheli. Ngokushesha wanqamula ubuhlobo nesonto lawo, wabhalisa umshado wawo ngokomthetho, futhi wabhapathizwa. Manje, bobabili bashumayela ngentshiseko esiqhingini sabo esihlukanisiwe, ngezikhathi eziningi bakhonza njengamaphayona asizayo.
Izithunywa zevangeli ePonape, eTruk, naseBelau zisebenzisa izikebhe zazo siqu ekufakazeni esiqhingini. Njengoba zingekho izindawo zokumisa izikebhe ezindaweni eziningi, ngokuvamile kumelwe zihambe ngezinyawo odakeni olufika emadolweni ziye ogwini. Izakhamuzi eziningi zinobungane futhi zemukela izivakashi ngokuzendlalela amacansi futhi zizinike amanzi abandayo kakhukhunathi. Kubizwa wonke umkhaya futhi uyalalelisisa. Ngenxa yokuthi abaningi abanayo imali, akukhona okungavamile ukubona abamemezeli bebuya ngemva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu nezikebhe zabo zigcwele izithelo okwenanwe ngazo izincwadi zeBhayibheli.
Ukuzidela Nemivuzo
Ngezithunywa zevangeli, ukuphila eziqhingini akufani nokwasemuva ekhaya. Kumelwe zijwayelane nezimo ezivamile zokunqamuka kukagesi nokuswelakala kwamanzi, futhi zithembele emanzini emvula. Eziqhingini ezithile, awukho ugesi, amanzi, noma amapayipi endle, imigwaqo iyibhuqu, futhi nezimoto azikho. Kodwa izithunywa zevangeli ziye zafunda ukuzifanelanisa nezimo. “Uma ngibona abazalwane balendawo behlala ezindlini ezakhiwe ngezingodo nezinto zaphansi obekulahliwe, siyabazwela, futhi lokhu kusigcina sinombono olinganiselwe ngezidingo zethu,” kuphawula uJulian, oye wakhonza ngokwethembeka iminyaka eyi-17 eGuam naseMarshall Islands.
URodney noSheri bafika eTruk bevela eHawaii. Uyavuma: “Ngokungagungciyo, yangishaqisa impucuko yesizwe.” Manje, eminyakeni eyishumi kamuva, uyabhala: “Sinomsebenzi owanelisa kakhulu okumelwe siwenze lapha. Sinezinto ezisijabulisayo nezisidumazayo; ngezinye izikhathi sizizwa sidumazekile futhi sinesizungu. Kodwa sifuna ukuqhubeka siphishekela injongo yethu ekuphileni ngomsebenzi wezithunywa zevangeli lapha.” Futhi uSheri unezela ngentokozo: “Abantu abazidelayo bangabantu abajabulayo.”
Ngempela, ukuzidela kwabo kuvuzwa ngokucebile. UClemente nomkakhe, uEunice, abafika eMarshall Islands eminyakeni eyishumi edlule, manje baqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya zamasonto onke ezingama-34. “Abayishumi nane babafundi baye babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokucwiliswa emanzini,” uyabika “futhi abanye bathuthukela ekubhapathizweni. Umsebenzi onjalo osindisa ukuphila ubaluleke kakhulu emehlweni ethu.” UJames, isithunywa sevangeli seminyaka engaphezu kweyishumi, uthi: “Ukubona ukukhuthazela kwabafowethu baseKosrae unyaka nonyaka kuyisibusiso sangempela.” EBelau, uRoger uthi: “Siye sabusiswa ngeHholo LoMbuso elisha neqembu labamemezeli elithembekile.” Ebheka emuva eminyakeni edlule, uPlacido uthi: “Ukuqondisa kukaJehova nomoya wakhe ongcwele kuye kwaba sobala ekuphileni kwethu. Lokhu kuye kwasisiza ukuba sisondele eduze kakhulu naye.”
Okuhlangenwe nakho okunjalo kuye kwakhuthaza lezithunywa zevangeli ukuba zihlale ezabelweni zazo. Eziningi zazo zingabheka emuva futhi zikhumbule ukumiswa kwebandla lokuqala endaweni yazo. Njengomphostoli uPawulu, zinenjabulo eyingqayizivele ‘yokungakhi phezu kwesisekelo somunye.’ (Roma 15:20) Umuzwa wazo uvezwa kahle ngalamazwi: “Kusenomsebenzi omningi wokwenziwa. Ngikholwa ukuthi uJehova usazovula amathuba amaningi okuletha abanjengezimvu abengeziwe kuleziqhingi, futhi sinelungelo lokuhlanganyela kuwo.”
“Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso,” kusho iBhayibheli kuzAga 10:22. Labo abaye basabela obizweni lwezithunywa zevangeli lwaseziqhingini zaseMicronesia baye basibona ngempela lesibusiso kanye nenjabulo nokwaneliseka okuvela ekukhonzeni uJehova.