Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 11/1 kk. 30-31
  • Ukwanda Okuhle “Phesheya Kwezintaba”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwanda Okuhle “Phesheya Kwezintaba”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 11/1 kk. 30-31

Ukwanda Okuhle “Phesheya Kwezintaba”

IHAITI yaba irepublic yokuqala yabansundu emazweni aseNtshonalanga ukuba izibuse. Igama layo livela olimini lwamaNdiya lwesiArawak futhi lisho “izintaba.” Ngempela, kunesaga esidala sesiCreole esithi: “Phesheya kwezintaba kunezintaba.” Lena incazelo enhle yasemaphandleni aseHaiti.

Eminyakeni yamuva okuthile okuphawulekayo bekulokhu kwenzeka lapha “phesheya kwezintaba.” Amanani andayo abantu aye asabela ekushunyayelweni kwezindaba ezinhle zoMbuso futhi athatha ukuma kwawo ngakuJehova neNkosi yakhe emisiwe. (Isaya 60:22) Ngo-1980 cishe isilinganiso sabamemezeli abayizi-3 000 babebika inkonzo yasensimini inyanga ngayinye, futhi ihhovisi legatsha elisenhloko-dolobha yasePort-au-Prince lalilincane kakhulu ukuba linakekele izidingo zabo. Kwakudingeka indawo entsha. Ngakho ngoNovember 1984 isakhiwo esisha sha saqala ukwakhiwa eSanto, ilokishi elihle elisemaphethelweni ePort-au-Prince.

Okokuqala lendawo kwakumelwe ibiyelwe ngothango olude ngamamitha ayi-1,22. Inkampane yakulendawo yenza ukhonkolo oyizicaba waloluthango, kodwa kwaqashwa oFakazi bendawo, futhi izisebenzi eziningi zokuzithandela zasebenza ngezimpela-sonto, ukuze kuqedwe lomsebenzi. Khona-ke umsebenzi wokwakha waqaliswa, futhi phakathi nesikhathi seminyaka emithathu, izisebenzi zokuzithandela ezingaba yikhulu ezivela emabandleni asePort-au-Prince zasiza ngezimpela-sonto. Amalungu eSimiso Sezizwe Zonke Sezisebenzi Zokuzithandela Zokwakha, afika evela eUnited States, eCanada, nakwamanye amazwe—amanye ngezindleko zawo siqu—ukuze azosiza.

Njengoba umsebenzi wokwakha wawuqhubeka, kwavela inkinga eyayingazange icatshangwe. Ngakolunye uhlangothi lwalendawo, kunesihosha. Ngezikhathi zemvula, izikhukhula zemifula zigelezela esihosheni, zidale ukuguguleka okukhulu. Lokhu ekugcineni kwakuyobangela ukubhidlika kothango olukuleyongxenye yesakhiwo. Ngakho udonga lokuvimbela lwakhiwa khona osebeni lomfula futhi manje lendawo ivikeleke kahle ezikhukhuleni ezonakalisayo ezigeleza ngezikhathi zemvula.

Ngosizo lukaJehova, ekugcineni isakhiwo esihle saqedwa. Isakhiwo segatsha sinesimo sika-U esenziwe ngokhonkolo nezitini. Uhlangothi lwayo lwesobunxele lunamakamelo okulala ayisishiyagalombili, ilondolo, nomtapo wezincwadi. Ngasohlangothini lwesokudla kunendawo yokugcina izincwadi. Engxenyeni engaphambili yesakhiwo, kunendlu yokuhlala enkulu ehlalisa ngokunethezeka abazalwane abavela ezingxenyeni zezwe ezihlukahlukene ngezikhathi ezihlukahlukene phakathi nenyanga abazothatha izincwadi zamabandla abo. Ngaphambili kwesakhiwo kukhona futhi amahhovisi, indlu yokudlela, nekhishi.

Kanye nehhovisi legatsha, kulendawo kwakhiwa iHholo LoMhlangano elisha elithwala abantu abacishe babe yizi-3 000. Izinhlangothi ezimbili zalelihholo zivulekile, ukuze abangaphakathi bakwazi ukuthola umoya—usizo oluthakazelelwayo elangeni elishisayo laseHaiti. Kukhona futhi nekhishi lesimanje, elihlonyiswe ngokuphelele nezitsha zokuphuzwayo, kanye nedamu lokubhapathizwa neshabhu lababazi. Amagceke ahlotshiswe ngobunono ngezihlahlana ezimila endaweni eshisayo nezimbali.

Ekuqaleni kuka-1987, inani loFakazi “phesheya kwezintaba” landa lafinyelela kwabangaphezu kwezi-4 700. Yeka ukuthi kwaba isikhathi esihle kangakanani ngabo bonke ukuba bahlangane ngoJanuary 25 1987, bezonikezela lezizakhiwo ezinhle ezimbili! Abanye abazalwane bakwezinye izindawo ababesebenze ngaphambili babuya nemikhaya yabo ukuzohlanganyela lomkhosi.

Isimiso sokunikezela saqala ntambama namalungu eKomiti Yegatsha ahlukahlukene echaza isidingo esikhulu esasikhona ngalezakhiwo ezintsha ngenxa yokwanda okuhle okwakwenzeka eHaiti. Ngemva kwekhefu elifushane, abayizi-5 384 ababekhona baboniswa uhlelo lwamaslide olukhombisa izingxenye ezihlukahlukene zomsebenzi wokwakha.

Ekugcineni, inkulumo yokunikezela yanikezwa nguCharles Molohan, umbonisi ohambela amagatsha ovela eBrooklyn, eNew York. UMzalwan’ uMolohan wakhuluma ngokubaluleka kokwakhela ukukhulekela kweqiniso kobuKristu. Wakhuluma ngendlela uNowa nomkhaya wakhe ababa ngayo izisebenzi zokuqala zokwakha, futhi ukuqeda kwabo isabelo sabo somsebenzi ngokwethembeka kwasho ukusinda ngomkhaya wesintu, nokuqhubekisela phambili ukukhulekela kweqiniso emhlabeni. Esinye isabelo sokwakha sasendulo kwakuyithempeli likaHerode, kodwa leli ladilizwa ekugcineni ngoba lalingasetshenziselwa ukuthuthukisa ukukhulekela kweqiniso. (Mathewu 23:38) Namuhla, kumelwe sibe matasa ekwakheni ukholo nezinye izimfanelo zobuKristu ukuze sigweme isiphetho esifanayo.

Kwakuwumkhosi oqabulayo nojabulisayo ngempela. Lapho usuphelile, bonke ababekhona baphindela emakhaya abo bazi ukuthi lesakhiwo esisha esisezweni ‘eliphesheya kwezintaba’ sizoqhubeka sifeza indima ebalulekile ekubutheni abakhulekeli beqiniso kulengxenye yeCaribbean.

[Izithombe ekhasini 31]

Imifanekiso yeHholo LoMhlangano (phezulu ngakwesokudla), nowekhaya elisha legatsha

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela