Ukuvula Indlela Eya Ekwandeni EGibraltar
INKUNDLA ibonakala kahle uma useGibraltar—iqhele cishe ngekhilomitha nesigamu kuphela. Nokho, eminyakeni engaphezu kweyi-13, abantu baseGibraltar kwakumelwe bahambe cishe amahora ayishumi ukuya lapho. Lokho kwakuhlanganisa uhambo lwasolwandle ngomkhumbi baye eNyakatho Afrika kuqala, bese bebuyela eSpain, futhi ekugcineni bagibele ibhasi. Kungani uhambo lwalulude kangaka ukuze baye endaweni eyayiseduze kanjalo?
Ngo-1969 umbuso kaFranco waseSpain wawuvala umngcele lapho kuhlangana khona iSpain neGibraltar. Kwakungenxa yombango phakathi kweSpain neBrithani mayelana nokubuswa kwendawo iRock (iDwala), njengoba iGibraltar ivame ukubizwa kanjalo. Nokho, ukukhathazeka okunjalo kwakungekusha kubantu baseGibraltar. Ngenxa yokubaluleka kwayo okungavamile kwezempi, iGibraltar iye yaba inqaba ehlukaniswe njalo namazwe angomakhelwane.
Ngasekuqaleni kwekhulu lesishiyagalombili leminyaka, abahlaseli abangamaSulumane ngaphansi kukaṬārik bathumba lesiqephu sezwe futhi basibiza ngokuthi “iJabal Ṭāriq” (intaba kaṬārik) kusukela lapho eliye laguqulwa laba “iGibraltar.” AmaSulumane ayivikela ngokunamandla iRock eyayiphakeme cishe ngamamitha angama-430 ngaphezu kogu lolwandle. Emakhulwini amaningi eminyaka, yayiyinkundla yokuvinjezelwa okuningi ngamaSulumane nabaseSpain. Ekugcineni iSpain yayithatha iGibraltar ngo-1462, yayibusa kwaze kwaba ngo-1704, lapho iBrithani iyithumba futhi yakha isikhumulo semikhumbi yempi lapho.
Ngaphandle kwamabutho, abantu abavela emazweni amaningi bazinza edolobheni elingezansi kweRock, okwaholela emphakathini oxube izinhlanga odabuka ikakhulu kumaSulumane, eSpain, eBrithani, kumaHeberu, kanye nabavela eGenoa. Iningi lezakhamuzi zakhona manje likhuluma iSpanishi nesiNgisi.
Iqiniso LeBhayibheli Lifinyelela EGibraltar
Ezikhathini zanamuhla, izimbewu zeqiniso leBhayibheli zahlwanyelwa okokuqala eGibraltar ehlobo lika-1958. OFakazi BakaJehova ababeya emhlanganweni eLondon, eNgilandi, basizakala ngetheku lokulungisa imikhumbi eGibraltar ukuze bashumayele izindaba ezinhle zoMbuso. Ezinye izakhamuzi zemukela izikhokhelo zeNqabayokulinda.
Umbhangqwana oyizithunywa zevangeli wafika eGibraltar ngonyaka olandelayo ukuze unisele ‘lezimbewu.’ Kodwa iziphathimandla zavumela ukucindezelwa abaholi benkolo futhi zawuxosha lombhangqwana emva kweminyaka emibili. Nokho, kwase kwakhiwe iqembu elincane loFakazi abangama-25, futhi umsebenzi wabo wokwethembeka eminyakeni eminingi uye wavuzwa ngokwanda okuqhubekayo, kwafinyelela abamemezeli boMbuso abangama-132 ngoMarch 1987. Ngempela, lokhu kukhula kufakazela ukukhuthazela kwebandla naphezu kwezinkinga ezingajwayelekile eGibraltar.
Ukwehlukaniswa—Inkinga Eyingqayizivele
Ngaphandle kwezinkinga ezingokomnotho nezenhlalo ezaphakama kamuva ngokuvalwa komngcele, oFakazi BakaJehova bavinjelwa kanzima ekuhlanganyeleni nabanye bokholo lwabo emabandleni angomakhelwane aseSpain. Nokho, phakathi neminyaka eyi-13 yokuvinjelwa kwezwe, abazange balahlekelwe ukudla okungokomoya okucebile okwakunikezwa kuyo yomibili imihlangano yesifunda neyesigodi. Isimiso Somhlangano sasiphindwa kamuva eHholo LoMbuso leBandla laseGibraltar.
Ukwehlukaniswa ngempoqo kwaphakamisa uvivinyo olukhethekile ngabasha abasebandleni. Bevaleleke endaweni yaseGibraltar engamakhilomitha-skwele ayi-5,8, kwakumelwe bahlakaniphe ukuze babhekane nezinselele zobuzwe, izinto ezibonakalayo, nomshado.
Umshado? Yebo, ngoba ukuvaleleka kuphela ebandleni labo elincane, kwalinganisela ithuba labo lokuthola umngane womshado ofanelekayo. Amalungu ebandla abesifazane ayethola izimemo eziningi ezivela kwabasha basezweni ababecela ukuphola nawo. OFakazi abasha baseGibraltar kwakumelwe bakhumbule iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli sokushada “kuphela eNkosini.”—1 Korinte 7:39; qhathanisa noGenesise 24:1-4.
Ngesinye isikhathi uFakazi osemusha, engasinaki iseluleko esivela kuMsunguli womshado waqala ukuphola nentombazane yakuleyondawo eyayingelona ilungu lebandla. Kodwa usizo lokubekezela lwabadala ebandleni lwamenza wacabanga ngokungathi sína ngezingozi ezazihilelekile. Ekugcineni, waya entombini yakhe futhi wayitshela ukuthi nakuba ayeyithanda kakhulu, ulwazi lwakhe lweBhayibheli lwalumbopha ukuba abuqede ubuhlobo babo. Wayichazela: “Ngifuna ukushada nentombazane engingaphila nayo phakade, hhayi nje iminyaka embalwa.”
Nakuba yayimangele futhi idumele, yaba nesithakazelo sokwazi ukuthi yini lena eyayingamthakazelisa kakhulu kunobungane bayo. Ekugcineni yaqala ukutadisha iBhayibheli. Okwaqala njengesifiso sokufuna ukwazi, kwakhula kwaba isithakazelo seqiniso, yaze yathuthuka ngokushesha eqinisweni futhi yabhapathizwa. Ngemva kwalokhu kubonakaliswa okucacile kwesifiso sayo sokukhonza uJehova, umzalwane waluvuselela uthando lwabo. Esikhathini esithile kamuva bashada ngenjabulo, bevuna isibusiso sokulandela iseluleko sikaJehova esihlakaniphile ngomshado.
Ukuvulwa Komngcele Kuholela Ekwandeni Okungokwasezulwini
NgoDecember 14, 1982, kwavulwa isango labahamba ngezinyawo emngceleni. Khona-ke ngoFebruary 6, 1985, ukudlula ngenkululeko kwabuyiselwa ngokuphelele. Umphakathi waba sesimweni sokukhululeka. Lisebenzisa lentuthuko ngokunenzuzo, ibandla lathuthukisa umsebenzi walo wokufakaza futhi lasebenzisa amathuba okuhlangana ndawonye emibuthanweni emikhulu. Abantu abathakazelayo manje baba namathuba amakhulu okwazi uthando nokuthula okukhona phakathi kwezixuku ezihlangene zabantu bakaJehova.
Ngokwesibonelo, indoda emkayo, wayeseneminyaka engama-20 enguFakazi yanquma ukwamukela isimemo sokuhamba nomkayo nabantwana lapho beya emhlanganweni wesifunda eSpain. Yasijabulela isimiso kanye nokuhlangana kobungane kangangokuba yanquma ukuba khona nangosuku lwesibili. Lapho umhlangano uphela, kwasikiselwa kuyo isifundo seBhayibheli sasekhaya. Yaphendula “Kungani kungenakuba njalo?” Yanezela, “kunganjani siqale kulo lelisonto?” Umkayo, ngemva kweminyaka eminingi yokukhulekela umphumela onjalo, wajabula kabi.
Ukuze basebenzise ngokugcwele amathuba engeziwe okushumayela, inani loFakazi elikhonza njengamaphayona asizayo (labo abanikela ngamahora angama-60 ngenyanga enkonzweni yasobala) landa. Umsebenzi onjalo wentshiseko uye waletha ukwanda cishe okungamaphesenti angama-35 ebandleni kusukela ngo-1982.
Ukufakaza ngokwethukela nakho kuye kwaba nengxenye enkulu ekukhuleni kwebandla. OFakazi ababili lapho behlola itheku ngesikhathi somsebenzi wabo wokuziphilisa babona iBhayibheli iNew World Translation, eyayibonakala kancane efasiteleni lesikebhe somjaho. Ngokushesha, bafuna umnikazi walo. Kamuva kwatholakala ukuthi umnikazi walo wayeyinduna esikhumulweni semikhumbi eyake yatadisha noFakazi BakaJehova eBrithani ngaphambi kokuba ihlale eGibraltar muva nje. Yasivuselela isifundo sayo masinyane futhi yathuthuka ngokushesha kanye nomngane wayo wesifazane. Ngokushesha babhalisa umshado wabo ngokomthetho futhi babhapathizwa. Lombhangqwana ongamaNgisi manje unikela isikhathi sawo esiningi osichitha enkonzweni usebenza emphakathini okhuluma isiNgisi futhi uye waba usizo ekumisweni kwesifundo seqembu lapho.
Esinye isifundo seBhayibheli basiqalisa noTim noTracy, umbhangqwana osemusha oshadile owawuhlala ekamu lezempi. Nakuba uTim ayengumdlali womtshingo eqenjini lomculo, wazimisela ukuzinikela ngokuphelele ezithakazelweni zokuthula zoMbuso kaJehova. Izihlobo zawucindezela lombhangqwana, ziwunxusa ukuba uyeke ukuhlanganyela noFakazi. Nokho, waqhubeka nesifundo sawo seBhayibheli futhi waqina okholweni lwawo.
UTim wacela ukwesulwa emsebenzini, nakuba ekuqaleni ayebhalisele isivumelwano seminyaka eyisithupha. Lapho ukubukezwa kodaba lwakhe kubonakala kwephuza ngokungadingekile, uTim wathatha isinyathelo sokukhuluma nodokotela wezempi, emchazela ukuthi ukungaqiniseki kwekusasa labo kwakumphatha kabi umkakhe. Udokotela wavuma futhi wasebenzisa ithonya lakhe ekusheshiseni ukubukezwa kodaba. Ngokushesha uTim wabuyiselwa eNgilandi nebutho lakhe, lapho isicelo sakhe sokwesula safike saphumelela ekugcineni. Manje bobabili bakhonza njengoFakazi abazinikezele.
Amathemba Esikhathini Esizayo
Njengoba umngcele uvuliwe, oFakazi eGibraltar baye bakwazi ukusiza amabandla aseduze aseSpain. Bashumayela ngaseCosta del Sol (Sun Coast), eyaziwayo lapho kutholakala khona abantu abaningi abakhuluma isiNgisi.
Nakuba “inkinga yaseGibraltar” isalokhu ingakaxazululwa ngokombono wezombangazwe, oFakazi BakaJehova eGibraltar naseSpain banobunye ngokuphelele ngokomoya, njengoba kunjalo emhlabeni wonke. Babeka ithemba labo ‘eDwaleni’ elimandla alo awaphakade, benanela amazwi omhubi: “Wozani simhubele uJehova, sihlabelele ngenjabulo kulo idwala lensindiso yethu.”—IHubo 95:1.