Umhlangano Waminyaka Yonke—October 3, 1987
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu eWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania uyoba ngo-October 3, 1987, eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova, eliku-2932 Kennedy Boulevard, eJersey City, eNew Jersey. Umhlangano wokwandulela wamalungu kuphela uyoba ngo-9:30 ekuseni, bese ulandelwa umhlangano ovamile waminyaka yonke ngo-10:00 ekuseni.
Amalungu eNhlangano kumelwe azise iHhovisi likaNobhala manje nganoma yiluphi ushintsho emakhelini awo athunyelelwa ngawo phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zesaziso nezincwadi zokuvota zifike kuwo ngokushesha ngemva kuka-August 15.
Izincwadi zokuvota, eziyothunyelwa kumalungu kanye nesaziso somhlangano waminyaka yonke, kumelwe zibuyiselwe emuva ukuze zifike eHhovisi likaNobhala weNhlangano kungakadluli uSeptember 1. Ilungu ngalinye kumelwe Iigcwalise futhi Iibuyise ngokushesha incwadi yalo yokuvota, Iiphawule ukuthi lizoba khona mathupha emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwa encwadini ngayinye yokuvota kumelwe kube okuqondile kuleliphuzu, ngoba kuyothenjelwa kukho ekuboneni ukuthi obani abayoba khona mathupha.
Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano ongokomthetho webhizinisi nemibiko, uphethwe ngo-1:00 ntambama noma ngokushesha ngemva kwalokho. Asinakubakhona isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngamathikithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa lomhlangano waminyaka yonke ngocingo nezinye izindawo.