Ingabe Uyakhumbula?
Ingabe uye wathola omagazini bamuva beNqabayokulinda bewusizo loqobo? Khona-ke bona ukuthi ungakUkhumbula yini okulandelayo:
◻ Kusho ukuthini ukuphawulelwa ukusinda okwenziwa yindoda engokwesiprofetho enophondo lukayinki lomlobi embonweni kaHezekeli? (Hezekeli 9:2-6)
Kusho ukuthi umuntu usezinikezele ngokwakhe kuNkulunkulu ukuba enze intando yakhe, uye wabhapathizwa njengomfundi kaJesu Kristu, futhi uye wembatha ubuntu obunjengobukaKristu.—4/15, amakhasi 11, 12.
◻ Ziyini izinjongo ezifezwa isiprofetho seBhayibheli?
IZiprofetho zenza laziwe iqiniso ngoNkulunkuiu, intando yakhe, nezimiso zakhe zokuziphatha. Zichaza ubuhlobo bomuntu noJehova ukuze isintu sibuyele ekuvumelaneni nenjongo yaKhe, kuholele ekufezweni kwayo okugcwele. (Isaya 1:18-20; 2:1-5; 55:8-11)—5/1, ikhasi 5.
◻ Iyini indlala ebulalayo egcwele umhlaba wonke namuhla?
Indlala engokomoya, ‘yokuzwa amazwi kaJehova.’ (Amose 8:11)—5/1, amakhasi 10, 11.
◻ Kuyini “ukumesaba uJehova”? (IzAga 1:7)
Kuwukwesaba ukudumaza uJehova ngoba siyawazisa umusa wakhe wothando nokuiunga. Futhi, kusho ukwamukeia uJehova njengoMahluleli oPhakeme noMninimandla onke, ukuthembela kuye ngokuphelele, nokuzonda okubi phambi kwakhe. (IHubo 2:11; 115:11; IzAga 8:13)—5/15, ikhasi 28.
◻ Iziphi iziqondiso ezibekwe kweyoku-1 Thimothewu 5 ngokuphathelene nokunakekela asebekhulile?
Nakuba amalungu omkhaya enomthwalo wemfanelo wokuqala, izinkinga zasebekhulile ziyindaba yalo lonke ibandla; ukunakekelwa kwabo kumelwe kuhlelwe ngokufanelekile; ukunakekela okunjalo kumelwe kulinganiselwe kulabo abaswele ngempela.—6/1, amakhasi 9, 10.
◻ Kungaziphi izindlela ezine ezivamile uJehova aye wacwengisisa ngazo abantu bakhe phakathi neminyaka engama-69 edlule?
(1) Ngokwenhlangano; (2) ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini; (3) ukukhanya kweqiniso okwandayo; (4) ukulahla imikhuba engeolile.—6/15, amakhasi 17-20.
◻ Kungaziphi izindlela ezimbili igama elithi “ukuma” elisetshenziswe ngazo ngokuphathelene noMikayeli kuDaniyeli 12:1?
UMikayeli uchazwa ‘njengomela abantwana babantu bakho.’ UKristu Jesu ubesebenzisa igunya ngokuphathelene nalokhu ngenxa yabantu bakhe kusukela ngo-1914 lapho ebekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi ebusayo yoMbuso kaNkulunkulu. UDaniyeli uthi futhi: “Ngalesosikhathi uMikayeli uyakuvela.” Lokhu kubhekisela ekubuseni kwakhe okuthatha isimo esisha lapho esazothatha isenzo ngendlela evelele ukuze asindise abantu bakaDaniyeli. Khona-ke, ngeke babhujiswe ohulumeni babantu “ngesikhathi sokuphela” senkosi yasenyakatho nenkosi yaseningizimu. (Daniyeli 11:40-45)—7/1, amakhasi 18, 19.