Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 8/15 kk. 15-20
  • Basha—Ingabe Niyathuthuka Ngokomoya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Basha—Ingabe Niyathuthuka Ngokomoya?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubhapathizo Luwubufakazi
  • Kubonakala Ngokuziphatha
  • Kubonakala Ngesifundo SeBhayibheli
  • Kuboniswa Emihlanganweni Nasenkonzweni
  • Ngokuba Nobuhlobo Nabantu Abadala
  • Indima Yabazali Nabanye
  • Basha—Niyokwenzani Ngokuphila Kwenu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Intsha Ejabulayo Enkonzweni KaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Basha—Yini Eniyiphishekelayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Basha—Yenzani Inhliziyo KaJehova Ithokoze
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 8/15 kk. 15-20

Basha—Ingabe Niyathuthuka Ngokomoya?

“Nakekela lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.”—1 THIMOTHEWU 4:15.

1, 2. Kusho ukuthini, futhi akusho ukuthini, ukukhula ngokomoya?

KUSHO ukuthini ukuba ngothuthukayo ngokomoya? Kusho ukufana noJesu osemusha noThimothewu, ababeka izithakazelo ezingokomoya kuqala ekuphileni kwabo. Uma uthuthuka ngokomoya, uzokwazi ukuthi yini ofuna ukuyenza ngokuphila kwakho. Ngeke uthi: ‘Ngizocabanga ngokungathi sína ngokukhonza uJehova uma sengikhulile.’ Cha, uzomkhonza manje!

2 Ngakolunye uhlangothi, ukuba ngothuthukayo ngokomoya akusho ukuba njengendela, ukuzibonakalisa unjengekholwa, noma ngisho nokungahlukani nencwadi; futhi akusho ukuba ngonyukubele, oziqoqile, nongazihlanganisi neze nabanye. (Johane 2:1-10) UJehova unguNkulunkulu ojabulayo, futhi ufuna abantwana bakhe basemhlabeni bajabule. Ngakho uNkulunkulu uyakuvumela ukuhlanganyela ngokulinganiselwe emidlalweni nakweminye imisebenzi yokuzilibazisa.—1 Thimothewu 1:11; 4:8.

Ubhapathizo Luwubufakazi

3. Cishe uThimothewu wabhapathizwa nini?

3 Ukulungiselela ubhapathizo nokubhapathizwa kuwubufakazi bokuthi omusha uyathuthuka ngokomoya. Uma, njengoba kuye kwasikiselwa, uThimothewu ayengakawahlanganisi amashumi amabili ngesikhathi eba umngane kamphostoli uPawulu emsebenzini wezithunywa zevangeli, cishe uThimothewu wabhapathizwa eseneminyaka eyishumi nanhlanu noma ngaphansi. Wayefundiswe imiBhalo kusukela ebuntwaneni, futhi lapho esehlonyiswe ngolwazi olwanele nokwazisa, akazange angabaze ukubhapathizwa.—2 Thimothewu 3:15.

4. Yimuphi umbuzo uFiliphu abuzwa wona, futhi nakuba owayebuza ayesanda kuzwa ngoKristu, kungani uFiliphu asamukela isicelo sakhe?

4 Kuthiwani ngani bantu abasha esenifundisiwe imiBhalo? Seniwucabangele yini lombuzo: “Yini engivimbelayo ukuba ngibhapathizwe?” Ekhulwini lokuqala lowombuzo wabuzwa yindoda eyayiyazi imiBhalo kodwa ngalesosikhathi eyayisanda kumazi uKristu. Yiqiniso, lendoda yayingakwazi konke okumelwe kwaziwe ngezinjongo zikaNkulunkulu, nokho yashukunyiswa ukwazisa okujulile ngalokho eyayikwazi! Khona-ke, umfundi uFiliphu wayengenaso isizathu esizwakalayo sokungayibhapathizi.—IzEnzo 8:26-39.

5. Yini edingekayo kuwe ukuze ubhapathizwe?

5 Yini wena ekuvimbelayo ukuba ubhapathizwe? Yebo, ukuze ufaneleke kumelwe uqonde lokho okuhilelekile. Kumelwe ufune ngempela ukukhonza uJehova ngoba uyamthanda. Kudingeka futhi ukuba wenze ukuzinikela komuntu siqu kuye ngomthandazo. Ngaphezu kwalokho, kumelwe unamathele ezimfunekweni zikaNkulunkulu zokuziphatha futhi ube nokuhlangenwe nakho okwanele ekuhlanganyeleni ukholo lwakho nabanye. Uma usufaneleka ngaleyondlela, kubalulekile ukuqhubekela phambili futhi ubhapathizwe.—Mathewu 28:19, 20; IzEnzo 2:38.

6. Ukubhapathizwa kungafaniswa nani, futhi yini okumelwe kukulandele?

6 Nakuba ukubhapathizwa kuwubufakazi bokuthi uyathuthuka ngokomoya, khumbula ukuthi ubhapathizo lumane luyisinyathelo sokuqala. Ngokuzinikezela kuJehova, uba umfokazi kulelizwe elidala elibuswa uSathane. Ngakho ukuzinikezela kungafaniswa nokufaka isicelo sokuphila okuphakade esimisweni esisha sikaNkulunkulu, futhi umcikilisho ongokomthetho wokubhapathizwa ngamanye amazwi uyisibonakaliso esiqinisekisa leliqiniso phambi kofakazi. (Johane 12:31; Heberu 11:13) Kamuva kumelwe uphile ngokwethembeka ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho ukuze uthole isipho sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade.—Roma 6:23.

Kubonakala Ngokuziphatha

7. Umbono wakho ngezinto zezwe uhlangana kanjani nokukhula kwakho ngokomoya?

7 Ukuthi uyathuthuka ngokomoya noma cha kuyobonakala futhi ngesimo sakho sengqondo ngasezintweni zezwe. Yiziphi lezozinto? Zihlanganisa indlela yokuphila engenamingcele, imilaliso, inkululeko engokobulili, amabhayisikobho angcolile, umculo ovusa inkanuko, inhlamba, umdanso ovusa inkanuko, ukuqhosha ngohlanga nangobuzwe, njalonjalo. (1 Johane 2:16; Efesu 5:3-5) Abasha, kakhulukazi, kudingeka baqaphele. Khumbula, indlela oziphatha ngayo ngokuphathelene nalezinto iyokwembula isimo sempilo yakho engokomoya.—IzAga 20:11.

8. Kungani enye intsha ikungabaza ukubhapathizwa?

8 USathane uqikelela njalo ukuthi izindlela zezwe ezimbi zibonakale zikhanga kakhulu. Eqinisweni, oneminyaka eyi-15 wathi: “Lapho sibona ngokwengeziwe ubulili nemilaliso kuTV, kulapho kubonakala ngokwengeziwe kuyinto eyamukelekayo emphakathini.” Intsha engahlanganyeli ezindleleni zezwe yenziwa izizwe inomuzwa wokuthi ingonkom’ idla yodwa nokuthi iphuthelwa yizinjabulo. Ingabe uke uzizwe ngaleyondlela? Kuyenzeka ngenye ehlanganyela nebandla, futhi imanqikanqika. Lapho ebuzwa ngokubhapathizwa, omunye omusha wathi: ‘Angifuni manje ngoba ngingenza okuthile engingasuselwa khona ekuhlanganyeleni.’ Nokho ngeke ube phakathi nendawo noma ube manqikanqika phakathi kwemibono emibili engafani. Umprofethi kaNkulunkulu wake wathi: “Uma uJehova enguNkulunkulu, mlandeleni yena, kepha uma kunguBali, mlandeleni yena.”—1 AmaKhosi 18:21.

9. Isiphi isivikelo esitholakalayo ngokuthuthuka ngokomoya?

9 Ngempela, ngokugwema izindlela ezimbi zezwe, uphuthelwa yizinkathazo eziningi. Omunye wesifazane wavuma, “Umuzwa onamandla wokunengwa nokuhlaziswa ukuphila engangikuphila waba mkhulu kimi. Ngangizehlisile futhi ngazikhohlisa mina nomntwana engangimkhulelwe.” Yebo, ubucwazicwazi obusobala bezwe likaDeveli bumane buwutalagu nje, inkohliso. Abuzuzisi. Ukulandela izindlela zezwe kuholela ekukhulelweni okungaphandle komshado, emakhaya ahlukene, esifweni esithathelwana ngobulili, nasekukhungathekeni okukhulu nosizi. Ngakho-ke lalela iseluleko, yiba ngothuthukayo ngokomoya. ‘Deda kokubi, wenze okuhle.’—1 Petru 3:11.

10. Imuphi umyalo futhi yizibonelo zobani omusha othuthukayo ngokomoya angazilandela?

10 Omusha othuthukayo ngokomoya uyosithatha iseluleko somphostoli uPawulu: “Ebubini nibe-yizingane, kepha engqondweni nibe-ngabakhulileyo.” (1 Korinte 14:20) UThimothewu osemusha wasisebenzisa ngempela leseluleko. Ungacabanga yini ezenzela ubungane nentsha yezwe, eziphethe kabi yosuku lwakhe? Lutho neze! Abangane bakhe kwakuyizinceku zikaNkulunkulu ezazikanye naye. (IzAga 13:20) Lingisa isibonelo sakhe. Lapho sekuseduze ukuba uthathe inkambo engabazisayo, zibuze: Ingabe uThimothewu noma uJesu babengakwenza lokhu?

Kubonakala Ngesifundo SeBhayibheli

11. Imuphi umbono intsha yezwe ewuntulayo, futhi uzuzwa bese ulondolozwa kanjani?

11 Isihloko esasivela eItaly esakhishwa kuWorld Press Review sathi: “Ukukhungatheka nokungabi nathemba kwentsha kwanda nsuku zonke, futhi akekho ongayinikeza ikusasa elikhuthazayo.” Amehlo aphuphuthekisiwe alabo abasezweni likaSathane awaliboni izwe elisha likaNkulunkulu elithenjisiwe nekusasa elikhazimulayo elilindele labo abafanelekela ukuphila lapho. (2 Korinte 4:4; IzAga 29:18; 2 Petru 3:13) Kodwa intsha ethuthukayo ngokomoya inombono onjalo ogcinwa ugqamile futhi ukhanya ngesifundo seBhayibheli sasikhathi sonke.

12. (a) Yini okumelwe siyenze ukuze sizuze ulwazi lukaNkulunkulu? (b) Kungani lolulwazi luwufanele umzamo?

12 Ingabe izwe elisha likaNkulunkulu lingokoqobo kuwe? Lingaba ngokoqobo, kodwa ukulizuza kudinga umzamo wakho wangempela. Kudingeka uhlakulele uthando olujulile lokuqonda iBhayibheli ukuze uqhubeke “ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo.” (IzAga 2:1-6) Yini eyenza umfuni wamagugu aqhubeke efuna, mhlawumbe iminyaka eminingi? Unesifiso esijulile sengcebo lawomagugu azomlethela yona. Nokho ulwazi luyigugu kakhulu kunamagugu abonakalayo. UJesu wathi, “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wenaNkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) Uma ukukholelwa ngempela lokho uJesu akusho lapho, isifundo seBhayibheli siyoba umsebenzi wentshiseko oyokuzuzisa ngokuyigugu kakhulu kunamatshe ayigugu.—IzAga 3:13-18.

13. Ikuphi ukusikisela kokutadisha intaba ethuthukayo ngokomoya eyokulandela?

13 Uyothola ukuthi lapho utadisha ngokwengeziwe, kulapho nothando lwakho ngokudla okungokomoya luyokhula ngokwengeziwe. Funda izindlela ezinhle zokutadisha. Ungamane udwebele izimpendulo nje, kodwa bheka imibhalo yeBhayibheli ecashuniwe, futhi ulandelele imibhalo ehambisanayo ngezikhombo zeBhayibheli eziseceleni. Futhi ungenza ukucwaninga okwengeziwe usebenzisa amaindex, njenge Watch Tower Publications Index 1930-1985. Hlaziya indlela indaba esebenza ngayo nokuthi ingasetshenziswa kanjani. Xoxa nabanye ngalokho okufundayo. Lokhu kuyogxilisa amaphuzu engqondweni yakho futhi kuyokhuthaza abanye ukuba nabo bacwaninge. Ngokuzikhandla ngempela, uyobe ulalela iseluleko esanikezwa uThimothewu: “Nakekela lezozinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.”—1 Thimothewu 4:15; 2 Thimothewu 2:15.

Kuboniswa Emihlanganweni Nasenkonzweni

14. Yini esizayo ekwenzeni imihlangano yobuKristu ijabulise ngokwengeziwe, futhi ungabakhuthaza kanjani abanye uma ukhona?

14 Uma usijabulela isifundo seBhayibheli futhi ulungiselele kahle, imihlangano yobuKristu iba ngejabulisa ngokwengeziwe. (IHubo 122:1; Heberu 2:12) Khona-ke ulangazelela ngisho nangokwengeziwe ukuhlanganyela ezingxenyeni ezihlanganyelwa yizilaleli nasekunikezeni izinkulumo eSikoleni SeNkonzo EsingokwaseZulwini. Kodwa lapho uba khona emihlanganweni, kunezinye izindlela zokugcwalisa umyalo ‘wokuvuselelana’ ukuze “kuvuswe uthando nemisebenzi emihle.” (Heberu 10:24, 25) Ngokwesibonelo, ingabe uthatha isinyathelo kuqala sokuba ukhulume nabanye? Amazwi obungane athi, “Sawubona, ngiyajabula ukukubona!” noma umbuzo oqotho, “Kunjani?” angakhuthaza kakhulu, ikakhulukazi uma evela kumuntu omusha.

15. Ungazenza kanjani utholakale ekwenzeni izinkonzo ezidingekile, futhi kungani kukuhle ukukhumbula isibonelo sikaKristu?

15 Kunomsebenzi omningi ohilelekile ekusebenzeni kwebandla. Ingabe ungahlanganyela? Cishe, uThimothewu osemusha wenzela uPawulu izinkonzo eziningi eziwusizo—wayethunywa, ethola izinto ezithile ezidingekile, ehambisa imibiko, njalonjalo. Uma ungakakwenzi lokho, kungani ungabatsheli abadala ngesifiso sakho sokuba usizo? Mhlawumbe uyocelwa ukuba unikeze izabelo zemihlangano, ugcine ihholo lihlanzekile, noma wenze enye inkonzo edingekile. Khumbula, uKristu wageza izinyawo zabafundi bakhe, ngakho awukho umsebenzi omehlisayo umuntu othuthukayo ngokomoya.—Johane 13:4, 5.

16. Yimuphi umsebenzi umagazini wamaKatolika owawuqaphela njengowumthwalo wemfanelo wamaKristu?

16 Uma sibheka kwezinye izinkolo, singabonga ngempela ngokuqeqeshelwa umsebenzi obaluleke kakhulu woku shumayela esikuthola emihlanganweni yethu. Ebhala ngoSeptember odlule ku-U.S. Catholic, uKenneth Guentert wathi: “Ngakhula ngezinsuku lapho amaKatolika kwakungamelwe afunde iBhayibheli ngoba ayezothola imibono engajwayelekile—njengokucabanga ukuthi amaKristu kumelwe ahambe engqongqoza eminyango ezama ukuphendula abantu. Khona-ke kwabe sekufika iVatican II, futhi ngaqala ukufunda iBhayibheli. Ngokuqinisekile; manje ngicabanga ukuthi amaKristu kumelwe ahambe engqongqoza eminyango ngomzamo wokuphendula abantu.” Wanezela: “Akukhona ukuthi lombono ungijabulisa kakhulu, niyaqonda; kodwa uma ufunda iTestamente Elisha, cishe akunakwenzeka ukugwema lesiphetho.”—Mathewu 10:11-13; Luka 10:1-6; IzEnzo 20:20, 21.

17. Kukanjani inkonzo ingajabulisa ngokwengeziwe kuwe?

17 Yebo, amaKristu okuqala ayeshiseka ekushumayeleni endlini ngendlu, futhi ngokusobala intsha enjengoThimothewu yayiphuma iye enkonzweni nabantu abadala. Nokho, kuyiqiniso, ngabathile namuhla lokhu akuwona umsebenzi ojabulisa kakhulu. Kungani? Ukuba nekhono kuyisici esibalulekile. Ngokwesibonelo, uma uphumelela kahle emdlalweni othile, ingabe awuwujabuleli ngokwengeziwe? Kungokufanayo nangenkonzo. Njengoba uba nekhono ngokwengeziwe ekusebenziseni iBhayibheli nasekuxoxeni ngezihloko zeBhayibheli, inkonzo izoba umthombo wenjabulo, ikakhulukazi uma uthola othile ongahlanganyela naye ulwazi olunikeza ukuphila. Ngakho yiba ngothuthukayo ngokomoya! Zijwayeze izintshumayelo zasendlini ngendlu. Thola ukusikisela kwabanye. Cela usizo lukaJehova.—Luka 11:13.

Ngokuba Nobuhlobo Nabantu Abadala

18. Luhlobo luni lobuhlobo uJesu noThimothewu abalujabulela nabantu abadala?

18 Lapho engomusha oneminyaka eyi-12, uJesu wakujabulela ukusebenzisa isikhathi enasebekhulile, exoxa ngezinto ezingokomoya. Abazali bakhe bake “bamfumana ethempelini ehlezi phakathi kwabafundisi, ebezwa, ebabuza.” (Luka 2:46) Kwakungokufanayo nakuThimothewu. Lapho umphostoli uPawulu nabangane bakhe behambela eListra, uThimothewu ngokusobala wakujabulela ukuhamba nabo futhi wanakekela ngobuqotho izimfundiso zabo. Wayenobuhlobo obuhle futhi nabazalwane bendawo abamtusa kakhulu.—IzEnzo 16:1-3.

19. Kungani ngokukhethekile uPawulu akhetha uThimothewu njengomngane ayezojikeleza naye, futhi uThimothewu waba kanjani usizo?

19 Nakuba ngokuzithandela uThimothewu wenzela abanye izinkonzo ezingokwenyama, uPawulu wamkhetha njengomngane ayezojikeleza naye kakhulukazi ngenxa yekhono lakhe lokukhonza izidingo zabantu ezingokomoya. Ngenxa yalokho, lapho isixuku siphoqelela uPawulu ukuba ahambe eThesalonika, wathumela uThimothewu osemusha ukuze aduduze futhi aqinise abafundi abasha. Ngakho akukhona nje kuphela ukuthi uThimothewu wayekushisekela ukufunda kwasebekhulile nokujabulela ukuba nabo; kodwa futhi wayewusizo lwangempela kubo ngokomoya.—IzEnzo 17:1-10; 1 Thesalonika 3:1-3.

20. Yini okuyoba ukuhlakanipha ngawe ukuyenza, futhi yiziphi izinkonzo ongazenzela abantu abadala?

20 Uyobe uhlakaniphile ngokulingisa uJesu noThimothewu futhi ushisekele ukuzuza kokuhlangenwe nakho nasolwazini lwabantu abadala. Zijwayelanise nabo futhi ubabuze imibuzo. Kodwa futhi bonisa ukuthuthuka kwakho ngokomoya ngokuba usizo kubo. Ingabe bakhona asebegugile noma abakhubazekile abayokwazisa ukuba ubayele ezitolo noma ubenzele ezinye izinkonzo ezidingekile? Mhlawumbe ungamane ubavakashele, ubafundele, futhi uhlanganyele okuhlangenwe nakho oye wakujabulela enkonzweni.

Indima Yabazali Nabanye

21. Ibaluleke kangakanani indima yabazali, futhi yini engenakugcizelelwa ngokweqile?

21 Impilo engokomoya yentsha ixhomeke kakhulu ekufundiseni nasesibonelweni esinikezwa abazali bayo. (IzAga 22:6) Ngokuqinisekile uJesu wazuza esiqondisweni esanikezwa abazali basemhlabeni abesaba uNkulunkulu. (Luka 2:51, 52) Futhi nakanjani uThimothewu wayengeke abe insizwa ethuthukayo ngokomoya uma wayengaqeqeshwanga unina nonina-khulu. (2 Thimothewu 1:5; 3:15) Ukubaluleka kwemfundo yeBhayibheli ya sikhathi sonke akunakugcizelelwa ngokweqile! Njengabazali, ingabe niyakunikeza lokhu? Noma ingabe akunakwa?

22. (a) Uma abazali bebheka isifundo seBhayibheli somkhaya njengesibalulekile, abantwana bathinteka kanjani? (b) Isiphi isiqondiso abazali okumelwe basinikeze abantwana babo?

22 Enye insizwa endlunkulu yomhlaba yoFakazi BakaJehova ichaza ukuthi kuyo yonke iminyaka yokukhula, isici esihlala njalo sokuphila komkhaya wakubo kwakuyisifundo seBhayibheli samasonto onke nabantwana. “Ngezinye izikhathi ubaba wayebuya ekhathele kakhulu emsebenzini kangangokuba wayozela, kodwa noma kunjalo isifundo sasiqhutshwa, futhi lokho kwasisiza ukuba sazise ukubaluleka kwaso.” Bazali, cishe akunakwenzeka ukuba abantwana benu bazazise kakhulu izinto ezingokomoya uma nina ningazazisi. Ngakho vezani imigomo yokuphayona neyenkonzo yezithunywa zevangeli neyaseBethel. Basizeni ukuba baqaphele ukuthi inkonzo iwumsebenzi onekusasa nokuthi alikho ikusasa elingokoqobo emisebenzini yezwe.—Qhathanisa neyoku-1 Samuweli 1:26-28.

23. Abanye ebandleni bangayisiza kanjani intsha ukuba ithuthuke ngokomoya?

23 Nabanye, bangayisiza intsha ukuba ithuthuke ngokomoya. Ningaqikelela ukuba nixoxe nayo emihlanganweni. Futhi, zamani ukuyihlanganisa kweminye yemisebenzi yenu. Umdala, ngemvume yabazali, angase alungiselele ukuhamba nomusha lapho eyobeka khona inkulumo noma amhlanganise ekuvakasheni. (Jobe 31:16-18) Lokho okungabonakala kukuncane kungasho okukhulu. Umbonisi ojikelezayo, ephawula ukuthi umfana owayelalele inkulumo yakhe wayengenalo iBhayibheli, kamuva wamupha isipho salo. Umfana wahlabeka umxhwele, hhayi kuphela ngesipho kodwa futhi nangesithakazelo esaboniswa kuye. Eminyakeni engama-30 kamuva, umfana, manje naye osengumdala, usasikhumbula ngenjabulo leso senzo sothando somzalwane.

24. Yini esijabulayo ngokuyiqaphela, futhi kumelwe kube yini ukuzimisela kwethu?

24 Akujabulisi yini ukuqaphela ukuthi kunamakhulu ezinkulungwane ‘abasha abanjengamazolo’ abamemezela isigijimi soMbuso esiqabulayo nokuthi okungenani kunesibalo esilinganayo sezintombi ezakha ‘isixuku esikhulu esibika izindaba ezinhle’? Kwangathi bonke bangazikhandla ekuthuthukeni ngokomoya, futhi kwangathi sonke singabasiza kulokho.—IHubo 110:3; 68:11.

Imibuzo Yokubukeza

◻ Yini engasiza omusha ukuba anqume ukuthi uzobhapathizwa nini?

◻ Kungani ukuziphatha komusha kuyindinganiso yokuthuthuka kwakhe ngokomoya?

◻ Yini engasiza intsha ukuba ijabulele imihlangano nenkonzo yasensimini?

◻ Yibuphi ubuhlobo intsha okumelwe ibuhlakulele nabantu abadala?

◻ Abazali nabantu abadala bangayi siza kanjani intsha?

[Isithombe ekhasini 16]

Yini ekuvimbelayo ukuba ubhapathizwe?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela