Umhlangano Waminyaka Yonke—October 3, 1987
UMHLANGANO WAMINYAKA YONKE wamalungu eWatch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania ngo-October 3, 1987, uyoba seHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova, eliku-2932 Kennedy Boulevard, eDolobheni laseJersey, eNew Jersey, Umhlangano wokwandulela wamalungu kuphela uyoba ngo-9:30 ekuseni, bese ulandelwa umhlangano ovamile waminyaka yonke ngo-10:00 ekuseni.
Amalungu eNhlangano kumelwe azise iHhovisi likaNobhala manje nganoma yiluphi ushintsho emakhelini awo athunyelelwa ngawo phakathi nonyaka odlule ukuze izincwadi ezivamile zesaziso nezincwadi zokuvota zifike kubo ngokushesha ngemva kuka-August 15.
Izincwadi zokuvota, eZiyothunyelwa emalungwini kanye nesaziso somhlangano waminyaka yonke, kumelwe zibuyiselwe emuva ukuze zifike eHhovisi likaNobhala weNhlangano ngaphambi komhla ka-1 kuSeptember. Ilungu ngalinye kumelwe ligcwalise futhi Iibuyisele emuva incwadi yalo yokuvota ngokushesha, liphawule ukuthi lizoba khona mathupha emhlanganweni noma cha. Ukwaziswa okunikezwa encwadini ngayinye yokuvota kumelwe kUbe okuqondile kuleliphuzu, njengoba kuyothenjelwa kukho ekutholeni kusengaphambili labo ngempela abayoba khona mathupha.
Kulindeleke ukuba sonke isimiso, kuhlanganise nomhlangano ongokomthetho ongokwebhizinisi nowemibiko, uphathwe ngo-1:00 ntambama noma ngokushesha ngemva kwalokho. Asinakubabikho isimiso santambama. Ngenxa yendawo elinganiselwe, kuyongenwa ngama thi kithi kuphela. Awekho amalungiselelo ayokwenziwa okuxhumanisa lomhlangano waminyaka yonke ngocingo kwezinye izindawo.