“Lencwadi Kumelwe Ithole Umklomelo”
Incwadi elandelayo yamukelwa ivela e-East Orange, eNew Jersey, eU.S.A.
“Mnumzane:
“Muva nje ngiye ngaba nenjabulo yokufunda lencwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution Or by Creation? Ngayithatha ngingaqondile ngesikhathi ngisebenza ekamelweni lokuthumela ngeposi emsebenzini wami. Ngangicabanga ukuthi lencwadi imane nje iyakhanga. Abantu abenza lomsebenzi omangalisayo kufanele batuswe. Angibatusi ngenjongo yokubajabulisa, kadwa ngempela ngibatusa ngobuqotho.
“Nginamadadakazi amabili othandekayo, enye ineminyaka eyishumi nanye futhi enye ineminyaka eyisikhombisa ubudala. Ngiyaqiniseka ukuthi lencwadi iyoba yithuluzi eliwusizo emfundweni yabo yokuqala abayitholayo manje. lencwadi yabhalwa kahle ngamagama amakhulu—abonakala kahle emehlweni kaBaba Othandekayo Osegugile. Lencwadi kumelwe ithole Umklomelo ngoba inemibala emihle, imifanekisa ifokwe ngobuchwepheshe futhi ibhalwe ngendlela ecace kakhulu enobuciko. . . . Sizani ningitshele ukuthi ngingayi-oda kuphi futhi kanjani. Ngifuna izincwadi ezintathu, khona-ke sizani ningithumelele amafomu oku-oda ngokushesha ngangokunokwenzeka nokuthi ziyimalini.” (Lencwadi itholakala ngesiNgisi nangesiBhunu kuphela.)
Ungathola isiboniselo salencwadi enhle kakhulu ngokugcwalisa bese uthumela isigqebhezana esingezansi kanye nomnikelo ka-R4,50.
Sizani ningithumelele incwadi enamakhasi angama-256 ethi Life—How Did It Gel Here? By Evolution or by Creation? Ngifaka u-R4,50.