Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 7/15 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungubani UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Isizathu Sokuba Sazi Igama LikaNkulunkulu
    IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade (na)
  • IGama Elikhulu Kunawo Wonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 7/15 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

■ Ingabe uJehova noJesu yibo okubhekiselwe kubo kuzAga 30:4, ezinombuzo othi: “Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe?”

Lelivesi liyenza ibe sobala indIela umuntu amncane ngayo uma eqhathaniswa noPhezukonke, Umbuzo walo wobuciko ungabhekiselwa kunoma yimuphi umuntu, kodwa lemibuzo ingase iholele umuntu ocabangayo kuMdali.

Umlobi uAguri wabuza: “Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?”—IzAga 30:1, 4.

Akekho umuntu ongaphelele oke waya ezulwini futhi wabuya ehlakaniphile; futhi akekho umuntu onekhono lokuiawula umoya, izilwandle, noma amandla emvelo alolonga isimo somhlaba. Khona-ke uAguri, ngamanye amazwi, wabuza: ‘Ingabe niyalazi igama noma uhlu lozalo lwanoma imuphi umuntu owenze lezizinto?’ Kumelwe siphendule ngokuthi cha.—Qhathanisa noJobe 381-42:3; Isaya 40:12-14; Jeremiya 23:18; 1 Korinte 2:16.

Khona-ke, kumelwe sibheke ngale komuntu wemvelo ukuze sithole lowo onamandla angaphezu kwawomuntu okulawula amandla emvelo, Nokho, asilinganiselwe ekufundeni ngaye ngokuqaphela lokho akufezile. (Roma 1:20) Lokhu kungenxa yokuthi, ngendlela engokomfanekiso, uye wehla nokwaziswa okukhuluma ngaye nangemisebenzi yakhe. Uye wanikeza ukwaziswa akuqondile. Ngokwesibonelo, lokhu wakwenza ngesikhathi ‘ehla’ ukuze anikeze uMthetho kuMose eNtabeni iSinayi, (Eksodusi 19:20; Heberu 2:2) Uye futhi wasiza izinceku zakhe ukuba zazise igama lakhe elibalUlekile, uJehova, (Eksodusi 3:13, 14; 6:3) Kamuva, wabonakalisa iNdodana yakhe, eyethiwa ngokuthi uJesu futhi eyehla ngokoqobo ivela ezulwini nokwazisa okwengeziwe ngoMdali.—Johane 1:1-3, 14, 18.

Lokhu kumelwe kusisize sonke ukuba sifinyelele eziphethweni ezithile: NjengoAguri, ngeke sizuze ulwazi lweqiniso ngokusuka emithonjeni yethu. (IzAga 30:2, 3) Futhi ngeke simusho umuntu onamandla amakhulu kakhulu noma ulwazi. Khona-ke, kumelwe ngokuzithoba sibheke kuLowo okwazi ukusinikeza ukuhlakanipha esikudingayo. Lona ungoNgcwele, ogama lakhe singalazi neNdodana yakhe eyafa ukuze sihlengwe futhi sizuze ukuphila okuphakade.—Mathewu 20:28.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela