Ukujabula Nekilasi LaseGileyadi Lama-82
“ASIWONA amaKristu esimo esihle sezulu. Ukuthi nje siyakujabulela ukuba lapha.” Ngalamazwi usihlalo wavula umhlangano okhethekile owathatha usuku lonke eHholo LoMhlangano LoFakazi BakaJehova eDolobheni laseJersey ngeSonto, ngosuku lokuqala kuMarch. Ngaphandle, imvula yayina kakhulu. Ngaphakathi, kwakuwusuku lokuthweswa iziqu kwabafundi abangama-24 bekilasi laseGileyadi lama-82. Ebheka ubuso obujabulayo babafundi, usihlalo uTheodore Jaracz, weNdikimba Ebusayo waqhubeka wathi: “Kusobala ukuthi banesithakazelo futhi bayajabula naokubalindele. Njengoba iBhayibheli lithi ‘jabula nabantu abajabulayo,’ ngiyaqiniseka ukuthi sonke sililwa ngendlela efanayo!” Ihlombe elananela lokhu kukhulumela lafakazela ukuthi bonke abayizi-4 557 ababekhona babevuma.
Isikhulumi sokuqala esimisweni kwakunguJohn Barr, naye oyilungu leNdikimba Ebusayo. Ecaphuna kakhulukazi iHubo 104, wabonisa ukuthi uJehova akadalanga nje kuphela zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, kodwa futhi wakhela isidalwa ngasinye indawo yokuba sihlale kuyo. Waqhubeka ethi: “Manje, njengoba niya esabelweni senu, cabangani: ‘UJehova uye wangibeka lapha.’ Ningakukhohlwa lokho.”
Ngokulandelayo kwakhuluma ilungu leKomiti yamaPulazi eWatchtower, uJohn Stuefloten. WakhumbUza abafundi: “Isaga siyasitshela: ‘Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha.’” (IzAga 9:9) Ezinyangeni eziyisihlanu abafundi bebenikwa ukudla okungokomoya okucebile. Ngokungangabazeki, ngalolusuku lokuthweswa kwe. ziqu bazizwa begcwele ngokomoya. “Kodwa,” kusho isikhulumi, “anikakaqali!” Wakhuthaza abafundi ukuba baqhubeke bekhula ekuhlakanipheni nasemseni ukuze babasize kangcono abanye.—IzAga 3:27.
UGeorge Gangas weNdikimba Ebusayo walandela nga,mazwi akhethwe kahle akhuluma ngenjabulo. Wakhumbuza ababethweswa iziqu ukuthi basebenzela “uNkulunkulu ojabulayo” futhi wathi: “Niyothola injabulo ezabelweni zenu zakwamanye amazwe.” Ngani? “Ngoba uJehova unithumela ukuba niyokhulula abantu ebugqilini.”
UGeorge Couch weKomiti yaseBethel eBrooklyn wakhuluma ngokukhathazeka. Wavuma ukuthi abafundi babengebona abangakwazi ukukhathazeka. Izinselele zokuza eGileyadi, ukuhlala eBethel yaseBrooklyn, nokushumayela eDolobheni laseNew York konke kwakubangela ukukhathazeka okuthile. Manje abafundi baae beshisekela izabelo zabo zezithunywa zevangeli. Kodwa ukukhathazeka okusesilinganisweni akusona isitha. “Ukukhathazeka kungasisiza ekusishukumiseleni ukuba senze okungcono kakhulu,” echaza, futhi wakhuthaza abafundi ukuba bathembele kuJehova futhi benze okusemandleni abo ezabelweni zabo.
Ngokulandelayo kwabe sekuza esiteji uJack Redford ongumfundisi esikoleni. Waxwayisa ngokugxeka okungafanelekile. Ephawula ngezibonelo ezingokweBhayibheli zezinqumo ezithathelwe phezulu ezabangela izinkinga kamuva, wacaphuna amazwi kaJesu: “Ningahluleli ukuba ningahlulelwa.” (Mathewu 7:1) Ikilasi lama-82 lalimelela uNkulunkulu oluthando. Abafundi babethunyelwa ezabelweni zabo ukuba babe nozwela, hhayi ukugxeka.
U-Ulysses Glass umfundisi waseGileyadi wacaphuna isaga seBhayibheli: “Ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe.” (UmShumayeli 9:11) Umphumela wendaba awuxhomeki njalo ekhonweni lethu elingokwemvelo. Emsebenzini wezithunywa zevangeli, ngokuvamile kuba yindaba yokholo nokuzimisela ukwamukela inselele. Isikhulumi satusa ikilasi lama-82 ngokuba ngelibekezelayo, elithembekile, nelingashintshashintshi. Izimfanelo ezinjalo zaziyobagcina besesimweni esihle.
Isikhulumi sokuphetha ekuseni, umongameli weWatch Tower Society uFrederick Franz, wathi ukwethweswa iziqu kwekilasi lama-82 kwakubonakalisa ukholo lwalabo abaqala isikole emuva ezinsukwini zobumnyama ngeMpi Yezwe II. Wakhuluma ngegama elithi Gileyadi, echaza ukuthi igama eliseBhayibhelini elisho ‘inqwaba yobufakazi.’ (Qhathanisa noGenesise 31:43-53.) Izithunywa zevangeli zaseGileyadi ezihlala zithembekile ezabelweni zazo zinjengenqwaba yobufakazi. Ziwubufakazi obuphilayo beqiniso.
Abafundi base bemukela iziqu zabo, futhi isimiso sasekuseni saphethwa ngokufundwa kwencwadi yokubonga evela ekilasini labangama-82. Abafundi baphawula ukuthi ‘isibusiso sikaJehova siyamcebisa umuntu.’ Benalowombono, bathi, “UJehova uye wasenza sazizwa singabantu abangama-24 abacebe kakhulu emhlabeni!”—IzAga 10:22.
Ntambama, ngemva kweSifundo esifushanisiwe seNqabayokulinda, abafundi banikeza isimiso esijabulisayo. Saphetha ngamazwi okwazisa avela enhliziyweni aqondiswe kubazali babo, abakusekela kwabo nokungabi nabugovu kwavumela abantwana babo ukuba bahambe babe yizithunywa zevangeli.
Isimiso sabafundi salandelwa umdlalo wedrama efanelana nesikhathi, okwathi emva kwayo usihlalo, uTheodore Jaracz, wanikeza ukukhulumela kokuphetha. Futhi yeka okuthile okumangalisayo iNhlangano eyayikugcinele lokhu kukhulumela kokuphetha! Isikhulumi samemezela ukuthi ngokushesha iNhlangano izovula isikole esisha, iSikole Sokuqeqeshelwa Inkonzo, sokuqeqesha abadala nezinceku ezikhonzayo ezingashadile eziqalayo. Bonke balalelisisa lapho usihlalo ememezela izimfuneko zokuya kulesikole esisha: ukuzimisela “ukukhonza nomaphi lapho kunendingeko khona ensimini yomhlaba wonke.”
Kwaduma ihlombe elinanela izindaba ezinhle zalesikole esisha. (Imininingwane eyengeziwe yalokhu inikezwe esihlokweni esilandelayo.) Isimiso sabe sesiphethwa ngengoma nomthandazo wokubonga kuJehova. Wonke umuntu wabe esephumela ngaphandle esikhathini sakusihlwa saseNew Jerseyesasiguqubele. Kwakunomkhizo owawuhamba nomoya, kodwa bambalwa ababewunakile. Zonke izinhliziyo zazisajabula nekilasi laseGileyadi lama-82 elalithweswa iziqu.
[Isithombe ekhasini 26]
Abafundi Abaneziqu Bekilasi Lama—82 Besikole SaseGileyadi SeWatchtower
Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwe kusukela kongaphambili kuya kongemuva, futhi amagama alotshwe kusukela ngakwesobunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.
(1) Gish, L.; Evans, E.; Dean, S.; Hanson, R.; Suomalainen, A.; DuBose, D.
(2) Wallenberg, P.; Wallenberg, M.; Bauer, O.; Suomalainen, H.; Taylor, B.; DiStefano, G.
(3) Scott, K.; Evans, M.; Taylor, A., Jr.; Lindby, J.; Hanson e.; Holmkvist, M.
(4) Sampson, T.; Gish, T.; Bali, D.; DuBose, J.; Dean, T.; Scott, D.