Iyini Injongo Yesiprofetho?
LABO abathi izindlela zabo ezihlukene zokukhulekela ziyizambulo ezivela emithonjeni enamandla angaphezu kwawomuntu bayavuma futhi ukuthi kukhona amandla angaphezu kwawemvelo amabi namahle. Lokhu kuvuma kuphakamisa lemibuzo: Ingabe ngayinye yalezindlela zokukhulekela zembulwa zivela emthonjeni omuhle? Noma ingabe zinomthombo omubi? Iyiphi ephefumlelwe uNkulunkulu weqiniso?
Inkolo Yokuqala
Isintu siqashelwa njengesiwumkhaya owodwa, futhi lokhu kuyavumelana nendaba yeBhayibheli yabantu ababili bokuqala, uAdamu noEva. UJehova, uMdali, wazazisa kubo. Wembula kuAdamu noEva indima yabo enjongweni yakhe nobuhlobo babo beqiniso naye. UNkulunkulu wenza uAdamu umprofethi wakhe wokuqala, waba nomthwalo wemfanelo wokudlulisela izambulo zaphezulu kumkakhe futhi kamuva enzalweni yabo, okungukuthi, kuso sonke isintu.—Genesise 1:27-30; 2:15-17.
Lena kwakuwukuphela kwenkolo, eyambulwa uJehova uNkulunkulu okuyindlela eyodwa yokukhulekela. Yayiboniswa ngokuthobela intando kaNkulunkulu. Kwakungadingeki micikilisho, namihlatshelo, nazindawo zokukhulekela.
Inkolo Yamanga Iyavela
“Isambulo” sokuqala esiphikisayo savela engelosini eyayifuna ukukhulekelwa. Yaveza indlela ehlukile enkolweni yeqiniso futhi yaheha uAdamu noEva ukuba bahlanganyele nayo ekuhlubukeni kuMdali wabo. Lokhu kwayenza uSathane, umphikisi kaJehova. “Isiprofetho” sakhe senza sengathi sibanikeza ukuzikhethela nenkululeko ekubusweni uNkulunkulu. Kunalokho, sabangela ukugqilazwa uSathane nesono, esaletha ukufa.—Genesise 3:1-19; Mathewu 4:8-10; Roma 5:12.
Ngokuhamba kwesikhathi ezinye izingelosi ezihlubukayo, noma amademoni, zazihlanganisa noSathane. Ngokungangabazeki lezi zaqalisa imiqondo yenkolo yamanga eyanikela ekonakalisweni kwesintu. Ezinsukwini zomzukulu ka-Adamu uEnoshe, “abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.” NgokweTargum of Palestine, lokhu kwakwenziwa ngendlela engcolile njengengxenye yokukhulekelwa kwezithixo kwangalesosikhathi.—Genesise 4:26; 6:1-8; 1 Petru 3:19, 20; 2 Petru 2:1-4.
Inkolo yamanga yashanelwa ngoZamcolo wosuku lukaNowa, kusala kuphela indlela eyiqiniso yokukhulekela eyayiqhutshwa umprofethi kaJehova, uNowa. (Genesise 6:5-9, 13; 7:23; 2 Petru 2:5) Nokho, amademoni asala futhi aqalisa kabusha iziprofetho-mbumbulu nemiqondo engokwenkolo. Abangela izizukulwane zikaNowa ukuba zicunule uJehova ngokwakha umuzi waseBabele njengesikhungo sokukhulekela kwamanga. Kodwa uNkulunkulu wasanganisa ulimi lwabo futhi “wabahlakazela emhlabeni wonke.”—Genesise 11:1-9.
Kusitshelani konke lokhu? Sonke siyinzalo kaNowa noAdamu. Ngakho wonke amasiko anomsuka owodwa futhi aye alondoloza umqondo othile ngoNkulunkulu njengomkhondo wolwazi obulokhu ukhona kusukela osukwini lukaNowa. Kodwa lomqondo oyisisekelo wonakaliswa imibono yenkolo yamanga eyazuzwa kulabokhokho abahlakazeka eBabele (kamuva elavuselelwa njengeBabiloni) baya kuzo zonke izingxenye zomhlaba. Lokhu kubonakala ezinkolelweni ezivamile ngemimoya yabafile, ukukhulekelwa kokhokho, nemikhuba yokufundwa kwezinkanyezi, ukubhula, nobuthakathi.—Daniyeli 2:1, 2.
Injongo Yesiprofetho
Ingabe lokhu kusho ukuthi izinkolo zanamuhla zisekelwe kuphela emiqondweni eyazuzwa njengefa kuleyonkathi yakudala? Cha. USathane namademoni basaziphefumlela iziprofetho zamanga ukuze bakhohlise futhi bahlukanise isintu, bafiphaze izambulo eziyiqiniso ngoNkulunkulu, futhi basungule imiqondo nezinkolo zamanga. (1 Thimothewu 4:1; 1 Johane 4:1-3; IsAmbulo 16:13-16) IBhayibheli lithi: “Kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakubakhona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo.”—2 Petru 2:1.
Ngakolunye uhlangothi, uJehova uye walondoloza inkolo yeqiniso eyaqala e-Edene. Uye wanezela ukwaziswa ukuze andise ulwazi lwethu ngaye nolomthwalo wethu wemfanelo ekufezekeni kwenjongo yakhe. Ngakho iziprofetho zeqiniso zenza laziwe iqiniso ngoNkulunkulu, intando yakhe, nezindinganiso zakhe zokuziphatha. Zicacisa ubuhlobo bomuntu naye ukuze abuyisele isintu ekuvumelaneni nenjongo yakhe, kuholele ekugcwalisekeni kwayo okuphelele.—Isaya 1:18-20; 2:1-5; 55:8-11.
Ekuqaleni kokuhlubuka komuntu, uJehova washo isiprofetho esanikeza ithemba enzalweni ka-Adamu noEva. Wembula ukuthi kuyoba khona umsindisi, “inzalo,” oyobhubhisa uSathane nabalandeli bakhe. (Genesise 3:15) Kamuva iziprofetho zasiza ekuboniseni “lenzalo” ethenjisiwe, noma “ogcotshiweyo” kaNkulunkulu, futhi zembula ukuthi iyoba nendima eyinhloko ekugcwalisekeni kwezinjongo zikaNkulunkulu.—IHubo 2:2; 45:7; Isaya 61:1.
Ngakho injongo eyinhloko yesiprofetho kwakuwukwenza izinjongo zikaNkulunkulu zaziwe, ‘nogcotshiweyo,’ noma “uKristu,” ezaziyogcwaliseka ngaye. Njengoba lona okhethiweyo abonakala enguJesu Kristu, ingelosi kaJehova yathi: “Khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya [noma, yibo obuphefumlela] wokuprofetha.” (IsAmbulo 19:10) Lesimemezelo sicacisa amaphuzu amabili. Elokuqala, akukho mmeli wesiprofetho seqiniso oyofuna ukukhulekelwa ngoba ukukhulekela kweqiniso kungokukaJehova uNkulunkulu kuphela. (Mathewu 4:4; Johane 4:23, 24) Elesibili, injongo eyinhloko yazo zonke iziprofetho zeqiniso kufanele ibe ukwambula izehlakalo namaqiniso aphathelene noJesu. Lokhu kuveza indima eyisihluthulelo uJehova amabele yona ekufezekeni kwenjongo yaKhe yokungcwelisa igama laKhe nokubuyisela umhlaba endaweni yawo efanelekile elungiselelweni laKhe lezinto.—Johane 14:6; Kolose 1:19, 20.
Ngenxa yalesizathu, izigijimi eziphefumlelwe ezivela kuNkulunkulu zakhomba ngokuyinhloko kuJesu. Wonke umoya, noma injongo, yesiprofetho esinjalo seqiniso kwakuwukufakazela yena. Ngaphezu kwalokho, ukugcwaliseka kweziprofetho kuJesu kwabonisa ukuthi zonke ziyiqiniso. Kungakho iBhayibheli lithi ‘iqiniso lavela ngoJesu Kristu.’ “Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo.”—Johane 1:17; 2 Korinte1:20; IzEnzo 10:43; 28:23.
Kungani KumaIsrayeli?
UJehova waqala ‘ukufakaza ngoJesu’ ngesiprofetho sakhe esiphathelene ‘nenzalo’ ethenjisiwe. Kamuva uNkulunkulu wembula ukuthi uhlu lwasemhlabeni ‘lwenzalo’ lwalungoNowa, uShemi, uAbrahama, uIsaka (hhayi uIshmayeli), noJakobe. Lamadoda ahlala ethembekile enkolweni yeqiniso, ezibonakalisa engabaprofethi abathembekile bakaJehova lapho zonke izizwe zazonakaliswé ukukhulekela onkulunkulu bamanga. (Genesise 6:9; 22:15-18; Heberu 11:8-10, 16) Uhlu lwaqhubeka ezizukulwaneni zalamadoda—isizwe sakwaIsrayeli futhi ikakhulukazi umkhaya kaDavide, inkosi yakwaIsrayeli evelele kunawo wonke.—2 Samuweli 7:12-16.
Ebonisa ukuthi kungani akhetha uIsrayeli, uJehova wathi: “Kanikhethanga ngokuba nanibaningi kunezinye izizwe . . . [kepha] ngokuba ebeyakugcina isifungo asifungela oyihlo,” uAbrahama noIsaka noJakobe. (Duteronomi 7:6-8; 29:13) Ngokusobala sinye kuphela isizwe esasingaveza uhlu ‘lwenzalo’ ethenjisiwe. Nokho, inkolo yeqiniso kwakungeyona eyamaIsrayeli kuphela. Nakuba izambulo zeqiniso zazinganikezwanga ezinye izizwe, abantu ngabanye kuzo babengahlanganyela noIsrayeli ekukhulekeleni, futhi abanye balaba baze bafakwa ngisho nasohlwini ‘lwenzalo.’ (Numeri 9:14; Ruthe 4:10-22; Mathewu 1:5, 6) Izambulo ezihlukene ezanikezwa ngokobuzwe noma ngokohlanga zaziyomane zibangele ukwahlukana okukhulu ngokwenkolo, kuyilapho kuyintando kaJehova ukuphinde ahlanganise isintu ekukhulekeleni okukodwa.—Genesise 22:18; Efesu 1:8-10; 2:11-16.
Izimfuneko zikaNkulunkulu ziyafana kuzo zonke izizwe. Njengoba engaguquki ezindinganisweni zakhe zokuziphatha nenjongo, ukusebenzelana kwakhe noIsrayeli kwabonisa ukuthi uyozisingatha kanjani izimo ezifanayo noma nini. (Malaki 3:6) Ngakho uIsrayeli wasebenza njengesibonelo sazo zonke izizwe. Ngaye uNkulunkulu wabonisa izinzuzo zokukhulekela kweqiniso nobuwula bokukhulekela kwamanga. Lapho amaIsrayeli ehlala ethembekile kuye, wawavikela futhi wawabusisa. Uma ephendukela konkulunkulu bamanga bezinye izizwe, ayeba ngaphansi kokucindezelwa yilezo zizwe, njengoba uJehova ayexwayisile.—Duteronomi 30:15-20; Daniyeli 9:2-14.
UIsrayeli wasebenza futhi njengesibonelo esingokwesiprofetho, futhi uDavide waba umfuziselo ongokwesiprofetho kaJesu, owazuza njengefa isivumelwano soMbuso kaNkulunkulu esenziwa noDavide. (1 IziKronike 17:11, 14; Luka 1:32) UMthetho owanikwa uIsrayeli, nemihlatshelo yakhe nobupristi, kwafanekisela umhlatshelo kaJesu futhi kwakhomba eMbusweni wakhe wasezulwini nobupristi. Ngaleyondlela uMthetho waba “umlayi wethu wokusiyisa kuKristu.”-Galathiya 3:19, 24; IzEnzo 2:25-36; Heberu 10:1-10; IsAmbulo 20:4-6.
Incwadi Yesiprofetho Seqiniso
Lokhu kwaziswa okubalulekile kwakungenakulondolozwa ngokuqondile ngesiko lokudlulisela ngamazwi omlomo noma ngezambulo ezihlukene ezizweni ezihlukene. Indlela engcono kakhulu yokulondoloza nokudlulisela kuzo zonke izizwe umbhalo olotshiwe. Futhi iBhayibheli liyayifeza lendima. Yilo kuphela eliqukethe izambulo zikaNkulunkulu eziphefumlelwe futhi lilondoloza umlando nokulandisa okungokwesiprofetho kokusebenzelana kwakhe nabantu. Yilo kuphela elikhomba kuJesu Kristu njengoMmeleli kaNkulunkulu wensindiso futhi liqukethe iziprofetho zokugcina ngokuphathelene nokufezwa kwesabelo sakhe sobuMesiya esikhathini esizayo. Ngakho leli yiZwi likaNkulunkulu elilotshiwe, eliphefumlelwe neliphelele.—Roma 15:4; 1 Korinte 10:11; 2 Petru 1:20, 21.
Kusukela iBhayibheli seliphelelisiwe, labo abaye baqamba “iziprofetho” ezintsha, izinkolo, namahlelo akunakwenzeka ukuthi baphefumlelwa uNkulunkulu. Iziprofetho zeqiniso azinikezwanga ukuze kwambulwe izinkolo ezintsha. Zenza ukuba inkolo yeqiniso eyodwa iqhubeke ikhona futhi zazisa ngokufezeka kwenjongo kaJehova kwesikhathi esizayo. Ukugcwaliseka kwazo kunikeza ubufakazi bobuNkulunkulu bakhe obuhlukile namandla, okubonisa ukuthi yena yedwa angabikezela izehlakalo amakhulu eminyaka kusengaphambili futhi azigcwalise ngokungenziphutha.—Isaya 41:21-26; 46:9-11.
Ngakho bonke abafisa ukujwayelana nesiprofetho seqiniso futhi baqhube inkolo yeqiniso badinga ukuphendukela eBhayibhelini. Liyincwadi kaNkulunkulu yesiprofetho—isigijimi sakhe esiphelele kubantu.—2 Thimothewu 3:16, 17.
[Izithombe ekhasini 7]
Uhlu ‘lwenzalo’ ethenjisiwe
uNowa
uShemi
uAbrahama
uIsaka
uJakobe
uDavide
uJesu