Ukuqondisisa Izindaba
Ingxoxo Phakathi KwamaKatolika Nabasekeli BobuMarx
EBudapest, eHungary, ngo-October 1986, abefundisi bamaKatolika abayi-15 nezazi zawo zefilosofi bahlangana nongqondongqondo abayi-15 bobuMarx. Umhlangano wawubizwe uMnyango Wabangakholwayo weVatican noMnyango Wesayensi waseHungary ukuze kuxoxwe ngokuzIphendukela kwemvelo kwezindinganiso zokuziphatha.
Phakathi kwamaKatolika ayekhona kwakunomBhishobhi oMkhulu waseFrance uPoupard, usihlalo woMnyango Wabangakholwayo, kanye nomBhishobhi oMkhulu waseAustria uKoenig, oyingcweti ekuxhumaniseni iSonto lamaKatolika nezizwe zobukhomanisi. Abameleli bobuMarx babehlanganisa abaholi beInstitute of Philosophy yaseHungary nabeInstitute of Scientific Atheism yaseSoviet.
ILe Monde yansuku zonke yaseFrance yabika: “Ongqondongqondo bobuMarx bayaqaphela ukuthi babhekene nenhlekelele yezindinganiso zokuziphatha, ababona ukudlondlobala kwayo ngesi balo sabazibulalayo, ukusetshenziswa kwemilaliso, nokusetshenziswa kotshwala. Ngokwabameleli bamaKatolika, ekufuneni kwabo ikhambi [abamelelI bobuMarx] bathembela ekubambisaneni kwamasonto obuKristu. Ngasohlangothini lwamaRoma [Katolika], Injongo ekabiIi kwakuwukuhlola kangcono indlela umuntu nezindinganiso zokuziphatha okufaneleka ngayo emphakathini wobuMarx ‘nokuhlola isisekelo sokuziphatha sobunye obuqinile phakathi kwamaKristu asemazweni [obukhomanisi] aseNtshonalanga nabameleli bobuMarx.’”
Ikhambi leqiniso ezinkingeni zokuziphatha zanamuhla ngeke Iitholakale ekuhlanganeni phakathi kwemiqondo eshayisanayo, Kunalokho, liyotholakala lapho uMbuso kaJehova ezandleni zeNdodana yakhe, uJesu, ugumbuqela isimiso sezinto samanje, esikhundleni saso wakha umhlaba omusha ngaphansi kwalowoMbuso wasezulwini.—Daniyeli 2:44; IsAmbulo 21:4, 5.
Inkululeko Yeqiniso?
Ukuthanda isimiso senkululeko sabefundisi—inhlangano evuna ubudlova njengendlela ‘yokukhulula abampofu nabacindezelwe,’ ikakhuiukazi eMazweni Asathuthuka, kuyanda. Lena kwakuyindaba emqoka eMhlanganweni Wesibili Wezizwe Zonke weEcumenical Association of Third World Theologians owawuseOaxtepec, eMexico, ngoDecember 8-13, 1986. Kungani lezazi zenkolo ngokwemigomo yazo zizimisele ngokwengeziwe ngenguquko emphakathini kunanini ngaphambili?
Nakuba ngo-1985 iVatican yakhulula umyalo owawusola isimiso senkululeko sabefundisi, i-Instruction on Christian Freedom and Liberation eyakhishwa ngo-1986 yathi “kungokomthetho ngokuphelele ukuba labo abacebile noma abanamandla ngokwezombangazwe abacindezelwayo bathathe isinyathelo.” “Ukuzama uhlomile” manje kwamukelwa ‘njengokungagcinwa kuphendukelwe kukho.’
Nokho, ngenkathi esemhlabeni, Ingabe uJesu Kristu wahileleka ezinhlanganweni zezwe zomphakathi? Cha, ngokuphambene, lapho umphostoli uPetru ephendukela ‘enkembeni’ ukuze avikele iNdodana kaNkulunkulu, uJesu wamkhuza ngokuthi: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngokuba bonke abaphatha Inkemba bayakubhubha ngenkemba,” (Mathewu 26:52) IBhayibheli Iithembisa ukuthi Inkululeko yeqiniso iyoza ngokungenela kwaphezulu lapho uNkulunkulu engakhululi nje izwe ebumpofwini, embangweni wezizwe zonke, ekubandlululaneni kwezinhlanga, nasekucindezelekeni kuphela kodwa futhi nasezinyembezini, ebuhlungwini, ekudabukeni, nasekufeni. (IsAmbulo 21:4) Ngokuqinisekile, lena kuyoba inkululeko yeqiniso!
Ukubhapathizwa Kwabantwana Kuyenqatshwa
Umfundisi wasejalimane ongumProthestani ovela eFrankfurt muva nje wazise iziphathimandla zesonto ukuthi manje usezokwenqaba “ukubhapathiza abantwana abangazi lutho besifunda sakhe.” Echaza ukuthi kungani ukubhapathizwa kwakhe njengosana kwakungahambisani negama elithi ubhapathizo, uKlaus Hoffmann oneminyaka engama-58 wathi: “Akuzange kuyigcwalise imfuneko emqoka yobhapathizo olungokweBhayibheli, okungukuthi ukholo, futhi akubanga nophawu olufanele, okungukuthi ukucwiliswa.” Esekela umbono wakhe, wakhetha ukuphinde abhapathizwe futhi ngaleyondlela “enze ubhapathizo olungokweBhayibheli lokucwiliswa,” kubika Iphephandaba laseJalimane iFrankfurter Allgemeine Zeitung.
Okokuqala, Izikhulu zesonto zamphuca yonke imisebenzi uHoff-mann, kodwa Isahlulelo sashintshwa ‘wanikezwa izinyanga ezintathu ngenjongo yokuhlola.’ Kwaba namiphi imiphumela? Iphephandaba libika ukuthi ukuhlola kwakhe lendaba kwamane kwaqinisekisa “ukuthi eBhayibhelini akusekelwa ukubhapathizwa kwezinsana. Futhi, Imibhalo yama Kristu okuqala ayisho lutho ngokuqaliswa kwalesenzo kwaze kwaba yikhulu lesithathu leminyaka.”
Akumangalisi ukuthi iziphathimandla zenkolo zithi isisekelo salesenzo isiko. Nokho, naphezu kwalamaqiniso, ukubhapathizwa kwezinsana kuyaqhubeka kwenziwa engxenyeni enkulu yeLobukholwa. Ingabe ukusekelwa kwakho abefundisi kukwenza kube okuqondile? UJesu wafundisa abalandeli bakhe ukuba babhapathize, hhayi abantwana, kodwa abakholwayo ababefundiswe ukugcina yonke imiyalo yakhe. Yena ngokwakhe wayengeyena umntwana kodwa “wayeneminyaka engabangamashumi amathathu” lapho ecwiliswa emanzini oMfula iJordani.—Luka 3:21-23; Mathewu 28:19, 20.