Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 4/15 kk. 8-9
  • Babusiswa Ngeziyalezo Ezengeziwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Babusiswa Ngeziyalezo Ezengeziwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufundisa Ngemifanekiso
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Imifanekiso Ephathelene NoMbuso
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UMbuso Usho Okungakanani Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Inetha Kanye Nezinhlanzi Kusho Ukuthini Ngawe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 4/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Babusiswa Ngeziyalezo Ezengeziwe

ABAFUNDI basanda kuthola incazelo yomfanekiso womhlwanyeli. Kodwa manje bafuna ukwazi okwengeziwe. Bayacela, “Sichasisele, umfanekiso wokhula ensimini.”

Yeka ukuthi sihluke kanjani isimo sengqondo sabafundi kuleso sesixuku esisogwinil Labantu abanaso isifiso esiqotho sokwazi incazelo yemifanekiso, bamane baneliswa nje izinto ezikhulu nyelwa kuyo. Eqhathanisa lezilaleli ezingasolwandle nabafundi bakhe abafuna ukwazi, uJesu uthi:

“Ngalesosilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso, nenezelwe nina.” Abafundi banika uJesu isilinganiso esiwukulalela nesithakazelo esiqotho, ngakho babusiswa ngokuthola iliyalezo ezengeziwe. Ngakho ekuphenduleni Isicelo sabafundi bakhe, uJesu uyachaza:

“Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhulangabantwana bomubi; kepha isithaesaluhlwanyela nguSathane, ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.”

Ngemva kokukhanyisa isici ngasinye somfanekiso, uJesu uchaza umphumela. Uthi, esiphelweni sesimiso sezinto, “abavuni” noma izingelosi, ziyohlukanisa amaKristu okuzenzisa afana nokhula ‘emadodaneni ombuso’ eqiniso. “Amadodana omubi” ayobe esephawulelwa imbubhiso, kodwa amadodana oMbuso kaNkulunkulu, “abalungileyo,” ayokhanya ngokukhazimulayo eMbusweni kaYise.

Ngokulandelayo uJesu ubusisa abafundi bakhe abafuna ukwazi ngemifanekiso emithathu eyengeziwe. Okokuqala, uthi: “Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyonsimu.”

“Futhi,” eqhubeka, “umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle; eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.”

UJesu ngokwakhe ufana nomuntu othola ingcebo efihliweyo futhi ufana nomthengi othola iparele lenani elikhulu. Kunjengokungathi, wathengisa ngakho konke, eshiya isikhundla esihloniphekile ezulwini ukuze abe umuntu ophansi. Khona-ke, njengomuntu emhlabeni, uyethukwa futhi ushushiswa ngenzondo, ukuze azibonakalise ekufanelekele ukuba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu.

Inselele Ibekwa phambi kwabalandeli bakaJesu ukuba nabo bathengise ngakho konke ukuze bazuze umklomelo omuhle kakhulu wokuba ababusi kanye noKristu noma wokuba ngaphansi koMbuso emhlabeni. Ingabe ukuba nengxenye eMbusweni kaNkulunkulu siyakucabangela njengento yenani elikhulu kunanoma yini enye ekuphileni, njengengcebo enenani eliphezulu noma njengeparele eliyigugu?

Okokugcina, uJesu ufanisa “umbuso wezulu” nenetha elibutha izinhlanzi zazo zonke izinhlobo. Lapho izinhlanzi zihlukaniswa, ezingafaneleki ziyalahlwa kodwa ezinhle ziyagcinwa. Ngakho-ke uJesu uthi, kuyoba njalo esiphelweni sesimiso sezinto; izingelosi ziyohlukanisa ababi kwabahle, ababi bagcinelwe ukulahlwa.

UJesu ngokwakhe uqalisa lomsebenzi wokudoba, ebiza abafundi bakhe bokuqala ukuba babe “abadobi babantu.” Ngaphansi kokuqapha kwezingelosI umsebenzi wokudoba uye waqhubeka amakhulu eminyaka kuze kube manje. Ekugcineni isikhathi siyofika sokuba kuphonswe “inetha,” elifanekisela izinhlangano ezisemhlabeni ezizisholo ukuthi zingezobuKristu.

Nakuba izinhlanzi ezingafaneleki zilahlelwa ekubhujisweni, siyajabula ngokuthi singabalwa phakathi ‘kwezinhlanzi ezinhle’ ezigcinwayo. Ngokubonisa isifi-so esifanayo esiqotho solwazi olwengeziwe nokuqonda njengoba kwenza abafundi bakaJesu siyobusiswa, hhayi nje kuphela ngeziyalezo eze ngezi we, kodwa ngesibusiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade. Mathewu 13:36-52; Marku 4:24, 25.

◆ Abafundi bahluke kanjani esixukwini esisogwini?

◆ Ubani noma yini emeIelwe umhlwanyeli, Insimu, imbewu enhle, Isitha, isivuno, nabavuni?

◆ Imiphi imifanekiso emithathueyengeziwe uJesu ayinikeza, futhi yini esingayifunda kuyo?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela