“Ukuhamba Kwazala Induna”
PHAKATHI nehlobo (eNyakatho) lika-1984, uGerard, insizwa yaseFrance, yathatha uhambo lwezinyanga eziyisithupha—uhambo lwebhayisekili elidlula eUnited States naseCanada. IziNtaba ezinhle ezinamaDwala zayijabulisa, amapaki anokuthula ayithokozisa, kodwa lokho eyakubona eMontmagny, eQuebec, eCanada, kwayihlaba umxhwele kakhulu kunakho konke; kwashintsha inkambo yokuphila kwayo.
NgeSonto, ngoSeptember 16, uGerard wayehamba ethengisa edabula iMontmagny lapho eqaphela izimoto eziningi ezazipakwe ngasemgwaqweni. Ngokulandelayo, wabona amakhulu abantu begcwele esakhiweni. “Kwenzekani lapha?” ebuza omunye wezisebenzi owayeqondisa izimoto. Nakuba lendoda yayimatasa, yazinika isikhathi sokuchazela uGerard ukuthi zonke lezisebenzi zazingoFakazi BakaJehova ababesebenzisa impela-sonto yabo ukuze bakhe ihholo lemihlangano yabo engokwenkolo. Njengoba uGerard ayengazi, wayefi-ke phakathi namahora okugcina amatasa esakhiwo seHholo LoMbuso elathatha Izinsuku ezimbili. Konke akubona nakuzwa kwamhlaba umxhwele. Ngalolosuku wabhala encwadini yakhe yezenzakalo zemihla ngemihla: “Kusihlwa ngahlangana noFakazi BakaJehova. Bakha indlu ngezinsuku ezimbili. Kwakunabangaphezu kwe-1 000 babo. Ukuhamba kwazala induna.”
Ngokushesha ngemva kwalokho uGer ard wabuyela eFrance. Eminyakeni emibili kamuva, ngoJuly 26, 1986, wathumela incwadi eHholo LoMbuso loFakazi BakaJehova eMontmagny. Wabhala:
‘Nisakhumbula nikhuluma nomgibeli webhayisekili owayesuka eFrance phakathi nosuku lwesibili lwesakhiwo senu seHholo LoMbuso? Ngalolosuku owayeqondisa izimoto wahlwanyela imbewu. Ezinyangeni ezithile kamuva oFakazi bangivakashela eFrance, futhi ngavuma ukutadisha iBhayibheli nabo. Njengoba ngizalwa emkhayeni wamaKatolika aqotho, ukufunda kwakungelula. Kodwa uJehova wakhulisa imbewu. Emasontweni amabili adlule ngabhapathizwa emhlanganweni waseNantes. Ngiyambonga uJehova ngokungivumela ukuba ngithole iqiniso, futhi ngiyabonga ngakho konke umzalwane angifundisa khona ngaleloSonto, ngoSeptember 16, 1984. Ngidlulisa imikhonzo yobuzalwane evela esihambini esaphendulelwa eqinisweni.’
Yeka injabulo ibandla laseMontmagny elaba nayo ngemva kokuzwa incwadi kaGerard ifundwa eHholo lalo LoMbuso! Bonke abasiza ekwakheni ihholo bathola ukuba iqiniso kwamazwi kaSolomoni: “Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi.” (UmShumayeli 11:1) Yebo, imiphumela emihle yezakhiwo zamaHholo OMbuso ihlala njalo futhi ifinyelela kude ngezindlela eziningi.