Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 4/1 k. 21
  • “Manibe-Ngcwele”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Manibe-Ngcwele”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imisebenzi Emihle Ekhazimulisa UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukusuka Ekucindezelekeni Ukuya Enjabulweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • “Emlonyeni Wezingane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • “[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 4/1 k. 21

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

“Manibe-Ngcwele”

UMYALO kaNkulunkulu oya kuma Kristu uthi “ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu, kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe-ngcwele nani ekuhambeni konke, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Manibengcwele, ngokuba mina ngingcwele.” (1 Petru 1:14-16) Ngokuvamile ukuziphatha okunjalo okungcwele kuwubufakazi obuhle kwabanye. (1 Petru 2:12) Kuwo wonke umhlaba, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa, abantu abaqotho benza izinguquko ezidingekile ukuze balethe ukuziphatha kwabo ekuvumelaneni naleseluleko.

◻ E-Ecuador indoda yanqamula isifundo sayo seBhayibheli lapho uFakazi owayefunda nayo ekhishwa ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi. Isidingo sayo esi ngokomoya sayiholela ekuhloleni ezinye izinkolo. Yazinza enkolweni yamaEvangelist futhi yathuthukela ephuzwini lokuba umfundisi esontweni layo. Nokho, unembeza wayo wayihlupha, njengoba yayingashadile nowesifazane eyayihlala naye. Lapho ithintana nabefundisi bamanye amasonto, bayiqinisekisa ngokuthi lokhu akuyona inkinga. Nokho, yaba nomuzwa wokuthi yayingenzi okuqondile, njengoba yena kanye uFakazi eyayifunda naye wakhishwa ekuhlanganyeleni ngenxa yokuziphatha okubi. Yayingaqondi ukuthi kungani isonto layo lalingayisoli. Kamuva, umasihlalisane wayo wathintana noFakazi BakaJehova futhi waqala ukufunda nabo, Lendoda yaqala ukufunda naye Bobabili manje baba khona emihlanganweni, bayathuthuka olwazini lwezimiso zeBhayibheli, futhi bathatha izinyathelo zokuba bashade ukuze bakhonze uJehova ngendiela ehlanzekile neyamukelekayo.

◻ Kokunye okuhlangenwe nakho kwase-Ecuador, uFakazi uyalandisa: “NgoFebruary 1984, owesifazane oweve emashumini angama-40 wasicela ukuba sifunde naye.” Yini eyashukumisa lesicelo? Umfowabo walo wesifazane wayebe omunye woFakazi BakaJehova, futhi wayehlabeke umxhwele kakhulu ngokuziphatha kwakhe okuhle. Phakathi nesifundo seBhayibheli sesibili, bathinta indaba yokubhema, okwakungenye yezinkinga zowesifazane, Nokho, esifundweni esilandelayo esikhathini esingangesonto kamuva washo ngokuziqhenya ukuthi kusukela ezwa ngombono weBhayibheli ngokubhema akakaze awuthinte ugwayil Wayenenye inkinga—indlu yakhe yayigcwele izithombe zenkolo. Kodwa ngokufunda uDuteronomi 7:26, othi: “Awuyikungenisa isinengiso endlini yakho . . . kuyinto eqalekisiweyo,” wazishisa zonke.

Kusukela lapho kuqhubeke, waqala ukuba khona emihlanganweni futhi akakaze aphuthe ngisho nakowodwa. Ngokushesha ngemva kwalokho, wakwazi ukunqoba inkinga yakhe enzima kunazo zonke—wazihlukanisa nobuhlobo bokuziphatha okubi nendoda eshadile. Manje, ngokokuqala ngqá ekuphileni kwakhe, wakwazi ukuthola injabulo yangempela, njengoba manje wakwazi ukukhonza uJehova ngonembeza ohlanzekile. Wabhapathizwa ngoApril 1985 futhi ngalesosikhathi wayeqhuba izifundo zeBhayibheli ezine nabanye. Umgomo wakhe olandelayo uwukuba yiphayona, njengoba enomuzwa wokuthi lena yindlela engcono kakhulu angabonisa ngayo ukwazisa kwakhe kuJehova, omkhulule ‘ekuphileni okuyize nokokuziphatha okubi.’

◻ Imiphumela emihle yokuziphatha okuhle yabonakala esikoleni samantombazane okufundwa kuhlalwa kuso eKenya, lapho ukuziphatha okuhle kukaFakazi kwaphawuleka ngendlela evelele. Isikole sasiqashe othisha abayisishiyagalolunye besilisa, kanye nomunye woFakazi BakaJehova. Kodwa ngamunye ngamunye kwadingeka ukuba axoshwe ngenxa yokuziphatha okubi kobulili nabafundi. Ngemva kwesikhathi kwasala oyedwa kuphela kwabayisishiyagalolunye—uthisha owayengomunye woFakazi BakaJehova!

Ngempela, kungenzeka ngabantu abebephila ukuphila kokuziphatha okubi ukuba bashintshe. Lapho siba ‘ngcwele ekuziphatheni kwethu konke,’ asinikezi nje kuphela ubufakazi obuhle kwabanye kodwa futhi senza inhliziyo kaJehova ithokoze. Ngakho, sizibonakalisa sikufanelekele ukuphila okuphakade.—IzAga 27:11.

[Ibhokisi ekhasini 21]

“Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibengcwele, ngokuba mina ngingcwele.”—Levitikusi 11:44.

[Ibhokisi ekhasini 21]

“Masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya.”—2 Korinte 7:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela