Ukuqondisisa Izindaba
Ingabe Igama “Elinyanyekayo”?
Ukungalibizi igama laphezulu, nokulihumusha ngokuthi JHWH, kodwa kunalokho liphinyiselwe ngokuthi “Nkosi,” okuthile okumelwe kwamukelwe, kusho iCom-nuovi tempi yamaKatolika ephuma ngezikhathi ezithile. Lena kwakuyimpendulo yesicelo esaphakanyiswa “iNhlangano Yobungane BamaKristu AngamaJuda” aseRoma futhi sasayinwa ngokuhlangene izazi zenkolo nezihlakaniphi ezidumile zamaKatolika namaJuda. Lesicelo sanxusa ukuba “amafemu anyathelisayo nabahleli bamaphephandaba nomagazini” bayeke ukusebenzisa igama elithi “Jahweh” ngoba “liyanyanyeka kumajuda, abheka igama likaNkulunkulu njengelingaphimiseki.” LeNhiangano ithi isicelo sayo, sisekelwe “esikweni elidala lamaJuda eliye lalondolozwa ngaphandle kokuphazamiseka” kuze kube namuhla.
Kodwa ingabe amaKristu kumelwe aqondiswe amasiko amaJuda? Ingabe kungaba okulungile ngawo ukubekela igama likaNkulunkulu eceleni futhi agweme ukuliphimisela? IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba bonke bazi ukuthi yena, “ogama lakhe linguJehova,” ungoPhezukonke. (IHubo 83:18; Hezekeli 38:23; Malaki 3:16) UJesu wabeka isibonelo kulokhu. Kunokuba alandele amasiko amajuda ‘enza izwi likaNkulunkulu laba yize,’ wafundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9; 15:6) Futhi se kusele amahora ambalwa ngaphambi kokufa kwakhe komhlatshelo, wathi emthandazweni: “Ngibazisile igama lakho [abafundi], ngizakubazisa lona.”—Johane 17:26.
Isithembiso Somshado: Ingabe Siyisivumelwano?
Owesifazane osemusha waseBrazil neso ka lakhe babesanda kuqeda nje ukufaka ifenisha emzini wabo omusha. Izimemo zase zikhishiwe, futhi konke kwakubonakala kuwulungele umshado wabo, owawususalelwe izinsuku ezintathu kuphela. Elungiselela ukuphila kwakhe okusha, umakoti wayeyeke umsebenzi wakhe. Khona-ke, ngaphandle kwanoma isiphi isaziso, umkhwenyana wephula isithembiso. Eshaqekile futhi edumele, umakoti olahliwe wafuna usizo olungokomthetho, Ummeli wakhe wathi ‘isithembiso somshado siyisivumelwano sangaphambili, futhi uma sephulwe ngokungemthetho, lowo ongenacala kumelwe anxeshezelwe nganoma imuphi umonakalo awutholayo.’ Inkantolo yavuma futhi yatshela lensizwa ukuba inikeze owayeyingoduso yayo ‘isipho semali esilingana nemali eyamiswa ngokomthetho futhi ikhokhele izindleko zenkantolo nabameli.’ Ekhulumela lesinqumo, ummeli uNereu Mello, wabhala ephephandabeni laseSão Paulo iJornal da Lapa: “Isithembiso somshado siyisivumelwano esingathi sína futhi ukusephula akuthathwa kalula eMthethweni.”
Lombono wokubaluleka kwesithembiso somshado awuwona omusha. Ngaphansi koMthetho kaMose owesifazane othenjisiwe owayefeba, wayethola isijeziso esifanayo nowesifazane oshadile ophingayo. Kanjalo wayephathwa ngokwehlukile kunowesifazane ongashadile ofebile. (Duteronomi 22:23, 24, 28, 29) Emuva ngaleso sikhathi isithembiso somshado sasibhekwa njengesibophayo—njengokungathi umbhanqwana usushadile kakade. (Mathewu 1:19) NamaKristu namuhla abheka isithembiso somshado njengesinyathelo esingathi sína. Awasithathi kalula.—Qhathanisa noMathewu 5:37.
Ukufanelana Nezobuchwepheshe Banamuhla
Ngemva kokuba uMartin Luther amelane nokuthengiswa kokuhoxiswa kwesijeziso (ukukhululwa ezinhlotsheni ezithile zesijeziso sesono), iSonto lamaRoma Katolika lawulahla lomkhuba ngo-1562. Kodwa isikhulu saseVatican uPedro Albellan wagcizelela muva nje ukuthi imfundiso ngokuvumela ukuhoxiswa kwesijeziso “ayinakuyekwa noma ishintshwe.” Incwadi ebukeziwe yamaRoma Katolika ekhuluma ngokuhoxiswa kwesijeziso ibonisa ukuthi iVatican iye yaguqulela lenkolelo yasendulo kwezobuchwepheshe banamuhla. Ngokwe The Times yaseLondon, ababhishobhi manje “bangahoxisa ngokuphelele isijeziso sabathembekileyo babo ngomsakazo noma ngethelevishini izikhathi ezintathu ngonyaka lapho bedlulisela isibusiso egameni likaPapa.” Nokho, kunemingcele. “Kumelwe kwenziwe ngokoqobo,” kusho uLuigi De Magistris weVatican’s Sacred Apostolic Penitentiary, ihhovisi eliphathelene nokuhoxiswa kwezijeziso. “Ukubhekwa kwento ephindwayo akwanele.”
Kodwa kungakhathaliseki ukuthi kuyathengiswa noma kunikezwa umuntu noma ngeTV, ingabe ukuhoxiswa kwesijeziso ku ngokomBhalo? Lapho uJesu ngezinye izikhathi, exolela ngesihle izono, akashongo lutho ngesidingo sokuhoxiswa kwesijeziso. Ngisho nabaphostoli abazange basho lutho. “[I]gazi likaJesu iNdodana [kaNkulunkulu] lisihlambulula ezonweni zonke,” kwa bhala umphostoli uJohane. “Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.” (1 Johane 1:7, 9) Uma zonke izono zithethelelwa, yini esele okumelwe ikhokhelwe ngokujeziswa noma ngokuhoxiswa kwesijeziso?—Johane 3:36; Roma 5:10.