Emlonyeni Wengane
ABAZALI bakaMia, intombazane eneminyaka emithathu ubudala, abangamalungu aseDutch Reformed Church eNingizimu Afrika, babefuna othile owayezobheka uMia lapho besemsebenzini. UFakazi wayengakwenza kodwa watshela abazali ukuthi usuku ngalunye wayefundisa izingane zakhe siqu iBhayibheli. Abazali bavuma ukuthi uMia wayengahlanganiswa kulokhu. UMia wafunda ngePharadesi likaJehova elithenjisiwe futhi wakuthanda lokho ayekufunda. Lapho eseneminyaka emine wenqaba ukuya emshadweni owawusesontweni, ethi: “Baba, leli iBabiloni Elikhulu.”
Lapho eseneminyaka eyisithupha umfundisi wambuza ukuthi wayengowaliphi isonto. Wathi, “oFakazi BakaJehova.” “Abazali bakho?” “BasengabaseDutch Reformed, kodwa ngokushesha bazoba oFakazi BakaJehova.” Umfundisi waphendula ngolaka: “Hlukana nabantu bami!”
Namuhla uMia uneminyaka eyisikhombisa ubudala futhi uyajabula ngokuthi wangena eqinisweni eneminyaka emithathu. Abazali bakhe baye babonisa isifiso sokubhapathizwa.