Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 2/1 k. 31
  • Zinqatshelwe Izingane Ukuba Zize Emihlanganweni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zinqatshelwe Izingane Ukuba Zize Emihlanganweni?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 2/1 k. 31

Zinqatshelwe Izingane Ukuba Zize Emihlanganweni?

‘IZINSANA nezingane akumelwe zilethwe endlini kaNkulunkulu.’ Lena kwakuyimizwa yomhlaziyi owaziwayo weBhayibheli uAdam Clarke. Yebo, wamvumela umame ompofu ‘owayengenamuntu wokumbhekela ingane yakhe lapho engekho.’ Abanjalo bangavunyelwa ukuletha izingane zabo esontweni “nakuba kuphazamisa ibandla, nabanye abefundisi, ukuzwa ingane ikhala.”

UClarke wasekela ukubandlulula kwakhe izingane embhalweni weBhayibheli okuNehemiya 8:2, ofundeka kanje: “UEzra umpristi wawuletha umthetho phambi kwebandla, abesilisa nabesifazane nabo bonke ababenengqondo yokuzwa.” Nokho, incazelo enjalo iyawuphikisa umqondo okuDuteronomi 31:12: “Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana . . . ukuba bezwe, bafunde.”—Bheka futhi eyesi-2 Thimothewu 3:15.

Ngenxa yalokhu, akubonakali ukuthi lapho ehlela lomhlangano, uNehemiya wayecabanga ukuvimbela noma ubani. Kunalokho, ngokunokwenzeka inhloso yesimemo yayiwukuhlanganisa bonke labo “ababenengqondo yokuzwa,” ukuze akhuthaze ukuhlanganyela okugcwele! Yeka ukuthi kwakuyoba okungenangqondo kangakanani ukucela abazali ukuba bashiye izingane zabo zingabhekiwe!

Ngokuthakazelisayo, oFakazi BakaJehova namuhla bakhuthazwa ukuba beze nezinsana nezingane zabo emihlanganweni yobuKristu. Iqiniso, ngezinye izikhathi lokhu kungase kubangele ukuphazamiseka okuncane nesilinganiso esithile sokucindezeleka ngabazali. Kodwa abazali abangama Kristu benza umzamo wokuqeqesha izingane zabo ukuba zihlale zithule. Ngesikhathi esifanele izingane zabo ziyoba “nengqondo yokuzwa” futhi zingenise ukwaziswa okunikeza ukuphila.—Heberu 10:24, 25.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela