Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 2/1 kk. 8-9
  • Isifundo Ngesihawu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isifundo Ngesihawu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isifundo Ngomusa
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Isifundo Ngokuthethelela
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • UJesu Usesidlweni Endlini KaSimoni EBhethaniya
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 2/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Isifundo Ngesihawu

KUNGENZEKA ukuthi uJesu useseNayini, lapho esanda kuvusa khona indodana yomfelokazi, noma mhlawumbe uvakashela umuzi oseduzane. UmFarisi othiwa uSimoni ufisa ukumbonela eduze lomuntu owenza imisebenzi emikhulu kangaka. Khona-ke umema uJesu ukuba adle naye.

Ebheka lesisenzakalo njengethuba lokufundisa kulabo abakhona, uJesu uyasemukela isimemo, njengoba nje azemukela izicelo zokudla nabathelisi nezoni. Nokho, lapho engena endlini kaSimoni, uJesu akakutholi ukunakekelwa okuhle okuvame ukuboniswa ezivakashini.

Izicathulo zakhe ziyashisa futhi zingcolile ngenxa yokuhamba emigwaqweni yaseGalile enothuii, futhi kuyisiko lokwamukela izihambi ukugeza izinyawo zezivakashi ngamanzi apholile. Kodwa azigezwa izinyawo zikaJesu lapho efika. Futhi akakutholi ukwanga ko kwamukela, okuwumkhuba ovamile. Futhi awalethwa amafutha ayisiko lokwamukela izihambi ukuze agcobe izinwele zakhe.

Phakathi nesikhathi sokudla, laphoizivakashi zihlezi etafuleni, owesifazane ongamenyiwe ungena endlini ngokuthula. Waziwa emzini njengophila ukuphila kokuziphatha okubi. Cishe uye wazizwa izimfundiso zikaJesu, kuhlanganise nesimemo sakhe ‘ngabo bonke abasindwayo ukuba beze kuye abaphumuze.’ Futhi eshukunyiswe yilokho akubonile naku zwi le, manje usefuna uJesu.

Owesifazane uqhamuka ngemva kukaJesu etafuleni futhi uguqa ngasezinyaweni zakhe. Njengoba izinyembezi zakhe ziwela ezinyaweni zikaJesu, uzesula ngezinwele zakhe. Uthatha futhi amafutha anamakha emfumeni wakhe, futhi njengoba ezanga ngomusa izinyawo zikaJesu, uzigcoba ngamafutha. USimoni ubuka ngokukhononda. “Uma lo ebengumprofethi,” ezindla, “nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.”

Eqonda ukucabanga kwakhe, uJesu uthi: “Kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe.”

“Khuluma-ke, Mfundisi,” ephendula.

UJesu uyaqala: “Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile; icala lomunye lalingodenariyu abangamakhulu ayisihlanu, elomunye amashumi ayisihlanu. Bengenanto yokukhokha, wabayekela bobabili. Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?”

“Ngithi,” kusho uSimoni, mhlawumbe ngomoya wokunganaki embuzweni obonakala ungahambisani nendaba, “yilowo amyekela okukhulu.”

“Unqumé kahle,” kusho uJesu. Futhi ephendukela kowesifazane, uthi kuSimoni: “Uyambona lowesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi ezinyawo, kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo, yilokhu ngingenile, akayekanga ukwanga izinyawo zami. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.”

Khona-ke owesifazane uye wanikeza ubufakazi bokuphenduka okusuka enhliziyweni ngenxa yokuziphatha kwakhe okubi esikhathini esidlule. Khona-ke uJesu uyaphetha: “Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.”

UJesu akakuthalalisi noma akakubhekeli phansi ukuziphatha okubi. Kunalokho, lesenzakalo sembula ukucabangela kwakhe okunozwela abantu abenza amaphutha ekuphileni kodwa ababonisa ukuthi bayadabuka ngawo bese beza kuKristu ukuba abakhulule. Enikeza owesifazane ukuqabuleka koqobo, uJesu uthi: “Zithethelelwe izono zakho . . . Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ubenokuthula.” Luka 7:36-50; Mathewu 11:28-30.

◆ UJesu wamukelwa kanjani uSimoni?

◆ Ubani ofuna uJesu, futhi ngani?

◆ Imuphi umfanekiso uJesu awunikezayo, futhi uwusebenzisa kanjani?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela