Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w10 8/15 kk. 6-7
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isifundo Ngokuthethelela
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isifundo Ngesihawu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Isifundo Ngomusa
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Uzongithethelela Yini UNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
w10 8/15 kk. 6-7

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani uJesu ayengatshela owesifazane owayaziwa ngokuba isoni ukuthi izono zakhe zithethelelwe?—Luka 7:37, 48.

Ngesinye isikhathi uJesu ehleli esidlweni endlini yomFarisi ogama lakhe linguSimoni, owesifazane othile ‘wahlala ngemuva ezinyaweni zakhe.’ Wamanzisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe futhi wazisula ngezinwele zakhe. Wabe esemanga izinyawo ngesisa wazigcoba ngamafutha anamakha. Ukulandisa kweVangeli kusitshela ukuthi lona wesifazane ‘wayaziwa emzini ukuthi uyisoni.’ Yiqiniso, wonke umuntu ongaphelele uyisoni, kodwa imiBhalo ivame ukusebenzisa leli gama ukuchaza umuntu ozono zakhe zimbi kakhulu noma odume ngokona. Cishe lona wesifazane wayeyisifebe. UJesu wawasho kumuntu onjalo la mazwi: “Izono zakho zithethelelwe.” (Luka 7:36-38, 48) Wayesho ukuthini ngalokho? Njengoba umhlatshelo wesihlengo wawungakenziwa, wayengathethelelwa kanjani?

Ngemva kokuba lona wesifazane egeze futhi wagcoba izinyawo zikaJesu, kodwa ngaphambi kokuba amthethelele, uJesu wasebenzisa umfanekiso ukuze achazele uSimoni ommemile iphuzu elibalulekile. Efanisa isono nesikweletu esikhulu okunzima ukusikhokha, uJesu wathi kuSimoni: “Amadoda amabili ayekweleta umbolekisi othile; enye yayikweleta odenariyu abangamakhulu amahlanu, enye abangamashumi amahlanu. Lapho engenalutho ayengakhokha ngalo, wawathethelela ngokukhululekile womabili. Ngakho-ke, iyiphi kuwo eyomthanda kakhulu?” USimoni waphendula: “Ngicabanga ukuthi yileyo ayithethelele okuningi ngokukhululekile.” Wathi kuye: “Wahlulele kahle.” (Luka 7:41-43) Sonke sikweleta uNkulunkulu ukumlalela, ngakho lapho singamlaleli futhi sona, sisuke sehluleka ukumkhokhela lokho esimkweleta kona. Ngokwenza kanjalo sizandisela isikweletu. Nokho, uJehova, unjengombolekisi ozimisele ukuthethelela amacala. Yingakho uJesu akhuthaza abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu bathi: “Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.” (Math. 6:12) ULuka 11:4 ubonisa ukuthi la macala ayizono.

UNkulunkulu wazithethelela ngaphansi kwamiphi imibandela izono esikhathini esedlule? Ubulungisa bakhe obuphelele buthi inkokhelo yesono ukufa. Yingakho u-Adamu akhokha ngokuphila kwakhe. Nokho, ngaphansi koMthetho uNkulunkulu awunikeza isizwe sakwa-Israyeli, isoni sasingathethelelwa ngokunikela ngomhlatshelo wesilwane kuJehova. Umphostoli uPawulu wabhala: “Cishe izinto zonke zihlanzwa ngegazi ngokoMthetho, futhi ngaphandle kokuba kuthululwe igazi akukho ukuthethelelwa okuba khona.” (Heb. 9:22) Ayikho enye indlela amaJuda ayeyazi umuntu ayengathola ngayo intethelelo kaNkulunkulu. Akumangazi-ke ukuthi izibukeli zangosuku lukaJesu zawahlaba amazwi akhe awasho kowesifazane. Labo ababehleli noJesu etafuleni bakhuluma ngaphakathi kubo bathi: “Ungubani lo muntu oze athethelele ngisho nezono?” (Luka 7:49) Izono zalona wesifazane oyisoni zazingathethelelwa ngasiphi isisekelo?

Isiprofetho sokuqala esashiwo ngemva kokuvukela kombhangqwana wokuqala sakhuluma ngenjongo kaJehova yokuvusa ‘inzalo’ eyayiyolinyazwa esithendeni uSathane “nenzalo” yakhe. (Gen. 3:15) Lokhu kulinyazwa kwenzeka lapho uJesu ebulawa izitha zikaNkulunkulu. (Gal. 3:13, 16) Igazi likaKristu elachitheka liyisihlengo esikhulula isintu esonweni nasekufeni. Njengoba kungekho lutho olungavimba uJehova ekufezeni injongo yakhe, lapho nje kushiwo amazwi akuGenesise 3:15, ngokombono kaNkulunkulu kwase kufana nokuthi isihlengo sase sikhokhiwe. Wayesengathethelela noma ubani obonisa ukholo ezithembisweni zakhe.

Ngezikhathi zangaphambi kobuKristu, uJehova wabheka abantu abaningana njengabalungile. Phakathi kwabo kwakuno-Enoke, uNowa, u-Abrahama, uRahabi noJobe. Ngokholo babheka phambili ekugcwalisekeni kwezithembiso zikaNkulunkulu. Umfundi uJakobe wabhala: “U-Abrahama waba nokholo kuJehova, kwabalelwa kuye njengokulunga.” Ekhuluma ngoRahabi wathi: “Ngendlela efanayo uRahabi isifebe, akushiwongo yini ukuthi ulungile ngemisebenzi?”—Jak. 2:21-25.

Inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide, yenza izono eziningi ezinkulu kodwa yayinokholo oluqinile kuNkulunkulu weqiniso futhi yayibonisa ukuphenduka okuqotho isikhathi ngasinye lapho yonile. Ngaphezu kwalokho, imiBhalo ithi: “UNkulunkulu wammisa [uJesu] njengomnikelo wokuhlawulela ngokholo egazini lakhe. Lokhu kwakungenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu, ngoba wayethethelela izono ezenzeka esikhathini esidlule ngesikhathi uNkulunkulu ebonisa unembe; ngenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu kule nkathi yamanje, ukuze abe ngolungileyo ngisho nalapho ethi ulungile umuntu onokholo kuJesu.” (Roma 3:25, 26) Ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo kaJesu owawusazonikelwa esikhathini esizayo, uJehova wayengazithethelela izono zikaDavide ngaphandle kokuyekethisa izimfuneko zakhe zobulungisa.

Kusobala ukuthi kwasebenza isimo esifanayo nakowesifazane owagcoba izinyawo zikaJesu. Wayephile ukuphila okuxekethile kodwa esephendukile. Wasiqaphela isidingo sokuba asindiswe esonweni futhi wabonisa ngezenzo ukuthi uyamazisa ngempela umuntu uJehova ayelungiselele ngaye insindiso. Nakuba wawungakenziwa lowo mhlatshelo, wawuqinisekile kangangokuba inani lawo lase lingasetshenziswa kubantu abafana naye. Kungakho uJesu athi kuye: “Izono zakho zithethelelwe.”

Njengoba lokhu kulandisa kubonisa ngokucacile, uJesu akazange azigweme izoni. Wenza okuhle kuzo. Ngaphezu kwalokho, uJehova uzimisele ukuthethelela izoni eziphendukayo. Yeka isiqinisekiso esihle nesithinta inhliziyo kithina bantu abangaphelele!

[Isithombe ekhasini 7]

Kwabalelwa kubo njengokulunga

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela