Amasiko Noma Izimiso ZeBhayibheli—Ikuphi Okubusa Ukuphila Kwakho?
INDODA engumJapane eyayivakashele elinye lamazwe aseAsia yabuka ngokushaqeka nangokungakholelwa. Eyayimvakashele, esebenzisa izinti zakhe zokudla, waphenduphendula inyama epuletini, wakhetha inyama engcono, wayeseyibeka esitsheni sesivakashi esinelayisi. Ekhaya lakubo eJapane, lokhu kwakungabhekwa njengesenzo sokungahloniphi. Akekho owayengasebenzisa izinti zakhe zokudla ukuba athathe ukudla esitsheni wonke umuntu okumelwe akhe kuso ngaphandle kokuba izinti ziphenduliwe ukuze indawo engena emlonyeni ingathinti ukudla. Nokho eqinisweni ayemvakashele wayefuna kuphela ukumjabulisa, hhayi ukumcasula. Lokho okwakungenakucatshangwa eJapane kwakuwuphawu lwenhlonipho kulelizwe!
Yeka indlela amasiko ahlukahlukene ngayo! Yeka indlela amasiko amaningi angenangqondo ngayo! Futhi ubani ongasho ukuthi imaphi angcono kakhulu? Nokho, amanye amasiko asekelwe ezinkolelweni eziyize noma ezimfundisweni zamanga. Ngalabo abanembeza babo baye baqeqeshwa yiBhayibheli, ngokusobala amasiko anjalo kumelwe agwenywe. Yini engasiza lowo ofisa ukuthokozisa uNkulunkulu ukuba anqume ukuthi yimaphi amasiko angagcinwa futhi ngokwezinga elingakanani? Ukulandela izimiso zeBhayibheli kungamsiza, ngoba umKristu wamukela iBhayibheli njengendinganiso yakhe kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi.
Ukusebenzisa Izimiso ZeBhayibheli
Ukuthi iZwi likaNkulunkulu linamandla amakhulu okusebenza enhliziyweni yomuntu othobekile futhi lilethe ngokwengeziwe ukuphila kwakhe ekuvumelaneni nendlela kaNkulunkulu kuye kwaboniswa ngokwanele. Umphostoli uPawulu wathi amaKristu aseThesalonika amukela izwi likaNkulunkulu “njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.” (1 Thesalonika 2:13) LeloZwi linamandla kakhulu kangangokuthi, njengoba eyoku-1 Korinte 6:9-11 iphawula, lalibangele abaningi eKorinte lasendulo, elaliphawulwa ngokuthalalisa kwalo ukuziphatha okubi, ukuba bashiye inkambo yabo yakuqala yokweba, ubufebe, ukudakwa, nobungqingili. Ingabe iZwi likaNkulunkulu liyasebenza nakuwe? Ingabe izimiso zalo zikubusa ngokugcwele ukuphila kwakho, zikwenza ukwazi ukunquma okumelwe ukwenze lapho ubhekene namasiko endawo?
Ngezinye izikhathi kuba sobala ukuthi isiko limelene ngokuqondile nezimiso zeBhayibheli. Ezimweni ezinjalo umuntu owazi izindinganiso zikaJehova nofisa ukuthokozelwa nguye uyowagwema amasiko anjalo. Ngokwesibonelo, isiko kungase kube elokushisa impepho emngcwabweni ukuze ofileyo noma “umphefumulo wakhe ohambile” uthole ukuthula noma ukuze bamfisele uhambo oluhle futhi bathokozise “umphefumulo” wakhe. Noma kungase kube ukuthi izifanekiselo zezindlu, amathelevishini, izimoto, nokunye, ziyashiswa ngombono wokumnikeza injabulo endaweni yemimoya. Nokho, umKristu okholelwa amazwi eBhayibheli athi abafileyo “abazi-lutho” uyazi ukuthi imikhuba enjalo isekelwe ezinkolelweni zamanga ngalokho uyayigwema.—UmShumayeli 9:5, 10; IHubo 146:4.
Nokho, lapho isiko lingaziphuli ngokuqondile izimiso zeBhayibheli kodwa limane lenze kube nzima kakhulu ukukhonza uJehova uNkulunkulu ngokugcwele, kunzima ukuqina futhi ubonise ukuthi izimiso zeBhayibheli zibusa ukuphila kwakho. Ukwazisa okukhulu ngemfundo, impumelelo yezinto ezibonakalayo, ukuba ngaphansi kwabazali uma usaphila, nokukhethelwa abazali umlingane womshado kuphakathi kwamanye amasiko agcwele kuyo yonke indawo angathinta ubuhlobo bomuntu noJehova. Izimiso zeBhayibheli zingasetshenziswa kanjani ezimweni ezifana nalezi?
[Isithombe ekhasini 3]
Ukushisa izifanekiselo emngcwabweni