Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w87 1/1 kk. 14-15
  • “Bayakulwa Nawe, Kepha Abayikukwahlula”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Bayakulwa Nawe, Kepha Abayikukwahlula”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxenye 4—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • UJehova Ubusisa Abagcini Bobuqotho ECyprus
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ingxenye 5—Ofakazi Kuze Kube Sekugcineni Komhlaba
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • UJehova Uyasikhathalela Njalo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
w87 1/1 kk. 14-15

“Bayakulwa Nawe, Kepha Abayikukwahlula”

INKOSI eBusayo uJehova yatshela uJeremiya osemusha ukuthi yayizomenza “umuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi” kunanoma ubani owayengase afune ukuwubhubhisa. Ezikhathini zanamuhla, thina njengoFakazi BakaJehova sinokuqinisekiswa okufanayo okuvela kuNkulunkulu wethu. Yebo, ngaphansi kwethonya likaSathane, ‘bayakulwa nathi,’ kodwa abayikusahlula. ‘Ngokuba nginani, usho uJehova, ukuba nginophule.’—Jeremiya 1:18, 19.

Emadolobhaneni angaphandle eziQhingini zaseSolomon, izihambi zisuke zizifaka engozini, ikakhulukazi uma ziletha inkolo entsha. Lokho kwakungokuhlangenwe nakho kwamaphayona akhethekile amabili angoFakazi BakaJehova. Izakhamuzi ezinolaka zaziwakhombe ngemicibisholo. Zazinikezwe iziyalezo zokuba ziwacibishele! Njengoba isimo sasiba bucayi, ngokushesha ikhehla elithile langenela, lithi: “Izivakashi zami lezi ningazilimazi.” Izakhamuzi zadangala lapho seliwayisa ekhaya lalo. Lelikhehla lalizwile ngoFakazi; manje lazitholela incwadi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, futhi kwaqaliswa isifundo seBhayibheli. Ngokushesha laqala ukuya emihlanganweni. Namuhla abazalwane bangafakaza ngokukhululeka kuleyondawo, bebonga ngokubakhulula kukaJehova kokuqala.

Ngokuvamile ukukhululwa kuza ngokwaziwa ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Ngenxa yokushumayela endlini ngendlu, abantu bafinyelela ekwazini ukuthi obani abangoFakazi nokuthi siyini isimo sabo ezimpikiswaneni zangalesosikhathi. Edolobhaneni elincane ePeru, amaphekula abeka izakhamuzi icala lokuwakhohlisa. Ahlanganisa amadoda alelidolobha futhi awamisa uhele ukuze adutshulwe. (Amadolobhana onke aye aqothulwa ezimweni ezifanayo.) Kodwa ngalesikhathi, omunye wamaphekula wabona umzalwane futhi wathi kubabulali: “Leyondoda akusiyo enye yawo. Ngiyazi inguFakazi KaJehova, futhi abazigaxi kwezombangazwe.” Umzalwane wakhululwa. Ngokuqinisekile, uJehova uyabavikela abakhe!

Insimu esesiqhingini saseCyprus ibika ukuthi iSonto lamaGreki lobuOrthodox belishiseka kakhulu ekuzameni ukukhinyabeza umsebenzi woFakazi BakaJehova. Isonto lisakaza amapheshana abeka oFakazi icala lezinto eziningi futhi lenqabela abantu balo ukuba babe nanoma iziphi izingxoxo noFakazi. Izazi zenkolo ezithile ziye zazihlela nokuzihlela ukuze zihambele abantu ababefunda noFakazi BakaJehova, bezama ukubadumaza. Isibonelo salokhu siyilokho okwenzeka ePhafu, lapho umphostoli uPawulu noBarnaba bake banqoba khona ukuphikiswa okufanayo. (IzEnzo 13:6-12) Umpristi oyisazi senkolo wazama ukubonisa abantu abathathu abahlukene ukuba bayeke ukuhlola iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Nabo, ngokufanayo futhi ngokwehlukene, bahlela ukuba umzalwane azohlanganyela nabo engxoxweni nalompristi. Ngenxa yalokho, bobathathu manje bahlanganyela ngentshiseko noFakazi. Umpristi wathi, ‘Angisoze ngibe nenye ingxoxo noFakazi BakaJehova.’

Abanye abapristi baze bafinyelela ezingeni lokubashaya oFakazi lapho babenza umsebenzi wendlu ngendlu kwelinye lamadolobhana. Ngokumangalisayo, ezinsukwini ezimbalwa kamuva, isivunguvungu sahlasela idolobhana, sadiliza uphahla lwezindlu eziningi. Ezinye izakhamuzi zathi: ‘Lesi isijeziso esivela kuNkulunkulu ngalokho abapristi abakwenzile koFakazi BakaJehova.’ Kulelidolobhana, abantu abaqotho basabamukela abazalwane bethu emakhaya abo. Kwesinye isenzakalo, lapho umzalwane ayehambisa omagazini bamuva kumuntu othakazelayo, kwenzeka ukuthi omunye wabapristi owayeshaye abazalwane adlule futhi watshela umzalwane ukuba ahlukane ‘nomhlambi wakhe.’ Umuntu othakazelayo wathi kumpristi, ‘Ngimdala ngokwanele ukuba ngazi lokho engikwenzayo.’ Ngakho abefundisi ngeke babanqobe oFakazi BakaJehova; imizamo yabo iyabaphendukela, futhi abantu abaningi bathatha ukuma kwabo ngakuJehova.

Ezweni eligcwele izimpi eAfrika ePhakathi, umbonisi wesifunda wamiswa amasosha ukuze enze ukuhlola okuvamile. Amelana nokuthile okwakusencwadini ayeyiphethe futhi amthatha amyisa ekamu lamaphoyisa, lapho ashaywa futhi wahlushwa khona ngamasosha amathathu. Nakuba engazange abekwe icala futhi engazange agwetshwe, waboshwa unyaka. Wagcinwa egunjini eliminyene enezinye iziboshwa ezingama-40 izinyanga eziyisithupha. Ngenxa yendawo eminyene, kwakumelwe bashintshane ngokulala, amahora amathathu ngesikhathi. Kwakumelwe bame ngezinyawo ingxenye yonke esele yesikhathi. Ngesikhathi umzalwane wethu elapho, kwafa iziboshwa eziyi-137, futhi wanikezwa umsebenzi wokufaka izidumbu emasakeni ukuze zigcwatshwe.

Lombonisi wesifunda waqinisa amandla akhe angokomoya ngokusebenzisa isikhathi esiningi efakaza eziboshweni ezikanye naye. Imibiko yakhe ibonisa amahora angaphezu kwangama-30 ngenyanga asetshenziselwe ekushumayeleni; ngesikhathi esejele waqhuba izifundo zeBhayibheli ezine. Omunye wabantu ayebafundela waqala ngisho nokufakaza kwabanye. Kulo lonke uvivinyo lwakhe, uJehova wamnakekela lomzalwane, wanikeza abanye leseluleko: “Lapho usejele, shiyela konke ezandleni zikaJehova. Lindela yena. Methembe. Ungakhathazeki kakhulu. Thembeka.”

Endaweni ethile eZimbabwe, abantwana boFakazi BakaJehova baxoshwa esikoleni ngenxa yokungahlanganyeli ezenzweni zezombangazwe. Enganelisiwe yilokhu, amaqembu odlame akuleyondawo ashisa ngisho nezindlu zabazali futhi achitha amasimu abo. Imikhaya yoFakazi yaphoqeleleka ukuba ibaleke ukuze isindise ukuphila kwayo, ishiya ngemuva izinkomo nezinye izinto. Nokho, indaba yayiswa kuziphathimandla eziphakeme zakwahulumeni ezalungiselela ngomusa ukuba imikhaya ibuyele emakhaya ayo. Yabuyiselwa izinkomo zayo, futhi uhulumeni uthathe izinyathelo zokukhokhela abazalwane ngokulahlekelwa kwabo. OFakazi BakaJehova bakwazisa ngempela lapho “amandla ombuso” ngaleyondlela ezibonisa ‘eyizikhonzi zikaNkulunkulu kube-kuhle.’ (Roma 13:1-4) Kukho konke, kwanikezwa ubufakazi obuhle, futhi abantu bendawo manje babonisa isithakazelo esikhulu esigijimini soMbuso. Kunjengoba omunye wabazalwane ekubeka, ‘Siyazi ukuthi uJehova angenza izimo ezinjalo zisebenze njengobufakazi egameni lakhe.’

Unyaka wenkonzo odlule waba nesibusiso sikaJehova emsebenzini waseMalawi. Kwakusezindaweni kuphela lapho abantu bendawo besenenzondo lapho oFakazi bahlangabezana khona nokuphathwa kabi. Umbiko olandelayo ufakazela lokhu: “Kunesimo esihle ezingxenyeni eziningi zensimu. Kodwa kwelinye ibandla, imikhaya yoFakazi emibili yaphathwa kabi kakhulu yintsha enodlame. Inhloko yomunye walemikhaya yashaywa kanzima yaze yaquleka amahora amane. Ngemva kwalokho, yayiswa ekamu lamaphoyisa, lapho iphoyisa elalisebenza laqhubeka futhi nokuyishaya kanye nabanye ababeboshwe nayo. Nokho, kamuva, iphoyisa elihlukile langena emsebenzini. Leli lalinomusa. Lakhulula abazalwane labathumela emakhaya, futhi babonga uJehova ngalokhu kukhululwa okungalindelwe. Kamuva kwatholakala ukuthi imbangela yalesenzakalo kwakuyinzondo yomuntu siqu evela ezihlotsheni eziseduze. Inani lababekhona eSikhumbuzweni kulonyaka lalikhuthaza. Kwakunabayizi-23 476. Lokhu kubonisa ukuthi kusenabantu abanjengezimvu okumelwe basizwe babe abafundi bakaJesu Kristu eMalawi.”

Izwe elithile eMpumalanga-Yurophu lithumela lombiko wokwazisa: “Siyabonga ngokusondelana eduze esinakho neNdikimba Ebusayo ngayo yonke imithombo yenhlangano kaJehova yasemhlabeni. Ngayo sivunyelwa ukuba sibone indlela uBaba wethu wasezulwini aqoqa ngayo izimvu zakhe namuhla, iNdodana yakhe nangazo zonke izingelosi, nangendlela esingaba nenhlanganyelo encane kukho. Yeka ilungelo okuyilo! UBaba wethu ubusise imizamo yethu ngokwanda. Isikhathi esiningi esisetshenziswa ensimini, amaphayona asizayo amaningi ashumayela ngentshiseko izindaba ezilungileyo, nenani elikhulu lezincwadi elake labolekiswa noma lahanjiswa ensimini liyimiphumela yalesibusiso.”

Uphondo lweJubili lwanamuhla luye lwezwakala kakhulu nangokucacile. Uhlu lombiko olwandulela lesihloko lubonisa indlela oFakazi BakaJehova ezingxenyeni zonke zomhlaba abaluphendula ngayo lolubizo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela