Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 12/15 kk. 3-4
  • UKhisimusi—Isikhathi Somkhosi Kubantu BaseMpumalanga

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UKhisimusi—Isikhathi Somkhosi Kubantu BaseMpumalanga
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kumelwe Ugubhe UKhisimusi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • UKhisimusi—Kungani Uthandwa Kangaka EJapane?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • UKhisimusi Usho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Kungani Ofakazi BakaJehova Bengawugubhi Ukhisimusi?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 12/15 kk. 3-4

UKhisimusi—Isikhathi Somkhosi Kubantu BaseMpumalanga

AMAHLAHLA amakhulu kaKhisimusi, izibani ezikhazimulayo, imibhalo enemibala—kubonakala kuzo zonke izitolo ezinkulu. Izigqi zamaculo kaKhisimusi zizwakala ngokuduma emishinini yokukhulisa izwi, nezimemezelo zikhuthaza abantu ukuba bathenge okwengeziwe. Abesilisa nabesifazane abagqoke izingubo zikaSanta Claus behla benyuka emigwaqweni benikeza izipho ngendlela yokumema abathengi. Ingabe lokhu kwenzeka ezweni “lobuKristu?” Cha, lokhu kuseJapane, lapho abantu abangaphansi kwephesenti elilodwa bethi bangamaKristu.

Ngokufanayo, esiqhingini saseTaiwan esingumakhelwane, kokubili “amaKristu” nabangewona amaKristu bagubha uKhisimusi ngokuphana kwabo izipho okuyisiko. Futhi kubantu baseMalaysia abangamaShayina, iziqhumane zikaKhisimusi zenezela isici esisha emkhosini weholide “lobuKristu.”

Kungani labantu begubha uKhisimusi? Ingabe bayakholelwa kuKhisimusi? Noma ingabe bayakholelwa emikhosini kaKhisimusi? Ubufakazi bubonisa ukuthi isimiso esithi “yidla, uphuze futhi ujabule” siwumbiko abawuthola emikhosini kaKhisimusi. Abaningi balandela “ubuKristu” ngoDecember 24 no-25 kodwa babuyele endleleni yabo—yobuBuddha, ubuShinto ubuTao, noma kunoma yikuphi—ngosuku olulandelayo. Nokho, kungenzeka kanjani ngabantu bezizinda zenkolo ezihlukene kanjalo ukuba bahlanganyele eholideni “lobuKristu?”

Lapho umfana omncane eJapane ebuzwa ukuthi uyakholelwa yini kuSanta Claus, waphendula, ‘ngiyakholelwa kuSanta ngoba wanginika izinto eziningi zokudlala.’ Impendulo yakhe iveza ukucabanga kwabaningi eMpumalanga: ‘Yiba nomqondo ovulekile. Ungagxili kakhulu enkolweni. Uma kukhona engakuthola kuyo, kujabulele. Kodwa kugcine kusendaweni yakho ukuze kungathinti ezinye izici zokuphila kwakho.’

Lendlela yokucabanga ibonakala kahle ekuhloleni okwenziwa iphephandaba elikhulu laseJapane. Omunye wemibuzo eyabuzwa wawuthi: “EJapane, kuvamile ngalowomuntu ofanayo ukuba ahlanganyele emikhosini ehlukahlukene yenkolo enjengeomiyamairi [umkhosi wobuShinto wokugubha ukukhula kwabantwana], iohigan [inkonzo yobuBuddha yaphakathi nonyaka yokukhumbula okhokho], noKhisimusi. Ucabanga ukuthi lokhu akuvumelekile?” Abangamaphesenti ayi-19 kuphela baphendula ngokuthi “akuvumelekile.” Ngisho naphakathi kwalabo abathi bangamaKristu, abangamaphesenti angama-60 baba nomuzwa wokuthi akukho lutho olungalungile ekugubheni imikhosi yezinkolo ezihlukahlukene.

Lesisimo sengqondo siphumela esicini esingokwenkolo esingavamile—abaningi bathi bangabalandeli bezinkolo ezingaphezu kweyodwa. NgokweAgency for Cultural Affairs, ingqikithi yabalandeli bamaqembu ezenkolo eJapane yayiyizi-207 080 000 ekupheleni kuka-1982, kuyilapho inani labantu baseJapane ngo-1982 lilinganiselwa ezi-118 600 000 kuphela. Lokhu kusho ukuthi ingqikithi yamalungu ezinkolo eJapane yafinyelela kumaphesenti ayi-170 azo zonke izakhamuzi!

“Akunakwenzeka!” abantu abanamasiko okukholelwa kuNkulunkulu oyedwa bangase bababaze. Kodwa isimo esifanayo ezimweni ezingokwenkolo sikhona endleleni yaseNtshonalanga yokugubha uKhisimusi. Kungenzeka kanjani lokhu? Futhi uma kunjalo, ingabe wena kumelwe ugubhe uKhisimusi?

[Isithombe ekhasini 3]

Ingqikithi yamalungu ezinkolo eJapane: 207 080 000

Isibalo esiyingqikithi sabantu baseJapane: 118 600 000

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela