Izithunywa Zevangeli ZaseGileyadi—Zizinikele Enjongweni Eyodwa
“NGESONTO elidlule beningabafundi, ngesonto elizayo niyoba yizithunywa zevangeli!” Lawomazwi awuchaza kahle umuzwa wabafundi abangama-23 ababethweswa iziqu bekilasi lama-81 lesikole seBhayibheli saseGileyadi seWatchtower. Ngabo, kanye nabanye abayizi-4 262 ababekhona, umsebenzi wokuthweswa iziqu owawuseHholo loMhlangano loFakazi BakaJehova eDolobheni laseJersey, ngoSeptember 7, 1986, uyoba usuku olungenakukhohlakala.
UMartin Poetzinger wavula ngomthandazo, kwase kuthi uCarey Barber, usihlalo womsebenzi wokuthweswa iziqu, wethula isimiso ngokuphawula ukuthi eminyakeni edlule izinkulungwane zalabashumayeli eziye zaqeqeshwa eGileyadi zizinikela enjongweni eyodwa: yokuthunywa emikhawulweni yomhlaba njengezithunywa zevangeli zeqiniso zishumayela ithemba loMbuso. Yeka injabulo esinayo ngokuthi lezithunywa zevangeli ezintsha, zinomoya wegama elithi “Gileyadi,” ziyoba yingxenye ‘yenqwaba yobufakazi’!
Eqhubeka nesimiso, uMilton Henschel wachaza ukuthi labafundi ababethweswa iziqu, njengabaphostoli bosuku lukaJesu, baye balolongelwa umsebenzi omkhulu. Isisebenzi esiyisithunywa sevangeli uPawulu wawuchaza kahle umuzwa wakhe ngokuqondene nalomsebenzi lapho ethi: “Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi.”—1 Korinte 9:19.
Lamazwi kaPawulu abonisani? Ukuthi lezithunywa zevangeli ezintsha kumelwe zibe nesithakazelo kubantu. Kumelwe kube isifiso sazo ukusiza zonke izinhlobo zabantu ngesigijimi seqiniso esisindisa ukuphila—ngisho nalabo okungenzeka bazihlanganise kakhulu nenye inhlangano engokwenkolo.
Isikhulumi esilandelayo, uTheodore Jaracz, wakhumbuza izithunywa zevangeli ezintsha ukuthi, ngokungafani nezivakashi ezihambela ukuyobona indawo, babethunyelwa emadolobheni amaningi ahlukahlukene omhlaba ukuba bashumayele izindaba ezinhle. Wabakhuthaza ukuba bakhumbule isibonelo sikaJesu, nesabafundi bokuqala kanye naleso sezithunywa zevangeli zosuku lwanamuhla, eziningi zazo eziqhubekayo zikhonza ngokwethembeka ezabelweni zazo ezihlukahlukene. Wachaza, “Nibe-mqondo munye. Ningavumeli ukuphishekela izinto ezibonakalayo ukuba kuniphazamise. Uma ‘nineso elihle,’ khona-ke nimqondo munye.” (Luka 11:34) Wenezela, “njengezithunywa zevangeli zaseGileyadi, nizinikele enjongweni eyodwa—yokufuna abanesithakazelo bese nishumayela izindaba ezinhle.”
Iseluleko esingesikhathi sanikezwa uMax Larson oseKomitini yeFektri ngokuqondene nezinyathelo zokuthathwa lapho umuntu ehlangabezana nezinkinga esabelweni sakhe sokuba isithunywa sevangeli. “Ungadikibali bese uyeka,” echaza. “Bhekana nezinkinga zakho.” Kanjani? “Ngokuthola umqondo kaNkulunkulu ngalezozinkinga.” (1 Korinte 2:11-16) ULarson wagcizelela ukubaluleka kokuthandazela usizo kuJehova futhi wagcizelela isidingo ngezithunywa zevangeli sokuhlola njalo ubuhlobo bazo noJehova.
ULon Schilling oseKomitini yamaPulazi eWatchtower wagcizelela ukubaluleka kokuthuthukisa nokulondoloza isimo sengqondo esiqondile. “Imiqondo yenu iyosebenza kanjani lapho nibhekene nenselele noma isimo esidinga ukwenziwa koshintsho?” ebuza. “Njengabantu abanokuziphatha okukhululekile, ngamunye wethu unomthwalo wemfanelo ngendlela izinto ezihamba ngayo.” Waphawula ukuthi uNkulunkulu “akasilawuli ngesimiso esithile saphezulu sokulawula ukude.” Khona-ke, izithunywa zevangeli akumelwe zilindele kuNkulunkulu okungaphezu kwalokho okufanelekile. Labo abakuvumayo ukuqondiswa uJehova uNkulunkulu ngeZwi lakhe, umoya wakhe, nangenhlangano yakhe bayokwazi ukulondoloza isimo sengqondo esiqondile.
“Ukhaliphe kangakanani umbono wakho ngezinto ezibalulekile?” Lowombuzo waphakanyiswa u-Ulysses Glass, omunye wabafundisi besikole saseGileyadi. Ngemifanekiso ewuchungechunge, lomfundisi osenesikhathi eside wabonisa ukuthi “umbono olinganiselwe, onokuhlakanipha, ongantengantengi ngezinto ezibalulekile ngaso sonke isikhathi uyokwenza (izithunywa zevangeli) ukuba zibeke izithakazelo zoMbuso kuqala.” Ephakamisa isitembu sokuposa ukuba bonke basibone, wathi, nakuba sibiza kancane, ukubaluleka kwesitembu sokuposa kuhlanganisa imfanelo yaso yokunamathela entweni eyodwa ize ifike lapho. Wathi, “zifaniseni naleso sitembu sokuposa, futhi ninamathele entweni eyodwa—emsebenzini wenu wokushumayela—kuze kube yilapho nifinyelela ngokulondeka lapho niya khona, ngale kosizi olukhulu.”
UJack Redford, umfundisi weSikole saseGileyadi nowayeyisithunywa sevangeli, waxoxa enkulumweni yakhe yokuphetha ngezinkinga ezithile izithunywa zevangeli ezintsha ezaziyobhekana nazo. Wagcizelela ukuthi ngokuba nokwethembela okuphelele kuJehova banganqoba noma isiphi isiphazamiso, kungaba ukufunda ulimi olusha, ukukhumbula ekhaya, ukuhlala nabanye abantu, ukuzivumelanisa nesimo sempucuko esihlukile, noma ukuxazulula izinkinga zokungafani kobuntu. Iphuzu aliqokomisa lalithi: “Ningazami ukukwenza ngamandla enu. Eyoku-1 Korinte 3:9 ithi, ‘Thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu.’” Waziqinisekisa: “Yenzani ingxenye yenu futhi ningaqiniseka ngokuthi uJehova uyokwenza ingxenye yakhe.”
“Isikole seBhayibheli saseGileyadi seWatchtower siyisipho sikaNkulunkulu!” Ngalawomazwi uFrederick W. Franz, umongameli weNhlangano, wethula inkulumo yokuphetha esimisweni sasekuseni. Wathi, iSikole saseGileyadi “sasenzelwe ukulungiselela abantu abayokhonza njengoFakazi, ubufakazi obuphilayo beqiniso lokuthi uMbuso kaNkulunkulu ngoJesu Kristu manje wawususebenza.” Wabe esekhumbuza ikilasi lama-81 ukuthi ukuzinikela kwalo kulenjongo eyodwa kubeka kulo umthwalo wemfanelo omkhulu “ngoba niya ensimini yokufakaza esikhathini esibi kakhulu emlandweni wesintu. Ngakho-ke uJehova uye wasithwesa umthwalo wemfanelo wokumemezela izindaba ezinhle zalowoMbuso nokukhombisa sonke isintu esisemagumbini akude omhlaba indlela kaNkulunkulu yokusinda.”
Injabulo nokwazisa ilungelo lokufunda eSikoleni saseGileyadi yayisobala njengoba abafundi ababethweswa iziqu babemukela iziqu zabo. Benenjongo ekhanyayo yokuba izithunywa zevangeli, ikilasi lama-81 laseGileyadi, encwadini elayibhalela iNdikimba Ebusayo nomkhaya waseBethel, lalizimisele ukukhonza ngokwethembeka izithakazelo zikaJehova uNkulunkulu futhi ‘zihubele igama lakhe’ phakathi kwezizwe. (2 Samuweli 22:50) Ntambama, isimiso saseGileyadi saphethwa ngomthandazo nguLyman Swingle ngemva kokwethulwa kwemiboniso yokufakaza ezabelweni zesikhathi esidlule, eNew York nasemsebenzini wezithunywa zevangeli, kanye nedrama yosuku lwanamuhla eyayivusa amadlingozi.
Abafundi ababethweswa iziqu abangama-23 babeyilangazelela ngokujulile injabulo enkulu yenkonzo yezithunywa zevangeli. Ngani? Kunjengoba omunye wababethweswa iziqu achaza:
“UJesu wathi, ‘hamba uthengise ngempahla yakho, ungilandele, . . . futhi ushumayele umbuso kaNkulunkulu.’ [Mathewu 19:21; Luka 9:60] Umgomo wenkonzo yezithunywa zevangeli washukunyiswa isifiso sethu sokusiza abaningi ngangokunokwenza ngokomoya, nomaphi lapho sasidingeke khona futhi sasingasetshenziswa ngokwezinga elikhulu.”—Fredrick Steiner, owabelwa eGuatemala.
Ingabe ungayandisa inkonzo yakho kuNkulunkulu futhi uyenze ikhiqize ngokwengeziwe? Uma kunjalo, khona-ke sebenza kanzima, njengoba nje labafundi ababethweswa iziqu benza kanjalo ukuze bafanelekele umsebenzi wezithunywa zevangeli. Injabulo yabo enkulu, neyakho ngokufanayo, itholakala enkonzweni yokuzinikezela kuNkulunkulu ngakho konke ukuphila.—Malaki 3:10.
[Ibhokisi ekhasini 22]
“Inkulumo kaMzalwane uLarson kimina yagcizelela ngempela isidingo sokuzimisela ukwenza ushintsho. Ukuze ngifeze indima yami njengesithunywa sevangeli, kumelwe ngigweme ‘isimo sengqondo esingokwenyama’ futhi kunalokho, ngifune umqondo kaJehova nalowo weNdodana yakhe, uJesu.”—nguAlain Saint-Jean, owabelwa eNew Caledonia.
[Ibhokisi ekhasini 23]
“Inkulumo kaMzalwane uGlass yangisiza ukuba ngibone ukubaluleka kokuba nombono oqondile ngezinto ezibalulekile. Akumelwe siphambukiswe izinto ezingabalulekile. Kumelwe sibe nokulinganisela.”—nguHumphrey Hermanus, owabelwa eSuriname.
[Ibhokisi ekhasini 24]
“Ngesikhathini ngilalele uMzalwane uRedford, ngaba nomuzwa wokulondeka ngokwazi ukuthi izinkinga esiyobhekana nazo azizintsha. Abanye baye baphumelela ekuzinqobeni, ngakho kungokufanayo nangathi uma sincika emandleni kaJehova hhayi awethu.”—Veronica Lipham, owabelwa ePapua New Guinea.
[Ibhokisi ekhasini 24]
IMINININGWANE YEKILASI:
Inani lamazwe amelelwe: 7
Inani lamazwe ababelwa kuwo: 12
Isilinganiso seminyaka: 30,3
Isilinganiso seminyaka eqinisweni: 13,4
Isilinganiso seminyaka enkonzweni yesikhathi esigcwele: 9,3
[Izithombe ekhasini 23]
AbakwaCOSTA, uAlan noBetty baseUnited States
AbakwaGANSLMEIER, uAnton noRita baseJalimane
AbakwaGONZALES, uJohn noCynthia baseUnited States
AbakwaGRAULICH, U-Uwe noKatherine baseJalimane
AbakwaHERMANUS, uHumphrey noLudmila baseNetherlands Antilles
AbakwaJOHANSEN, uBård noEster baseNorway
AbakwaKLOOSTERMAN, uOtto noYvonne baseNetherlands
AbakwaLARSON, uGary noAnnette baseCanada
AbakwaLIPHAM, uMark noG. Veronica baseUnited States
OwakwaSAINT-JEAN, uAlain waseFrance
AbakwaSTEINER, uFrederick noHelen baseUnited States
OwakwaSZYMANSKI, uCynthia waseUnited States
OwakwaWILKE, uDavid waseUnited States