Yenza Okungaphezu Kokuthi: “Nifudumale, Nisuthe”
“Uma . . . kusho omunye kini kubo [abazalwane abasweleyo] ukuthi: Hambani nibe-nokuthula, nifudumale, nisuthe, kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? . . . Nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.”—JAKOBE 2:15-17.
1. Kwenzeka kanjani ukuba umzalwane eNigeria eswele?
KUYE kwatholakala ukuthi uLebechi Okwaraocha wazalwa ngaphambi kuka-1880, ngakho useneminyaka engaphezu kweyikhulu. Wabambelela futhi wakhulekela ujuju wabazali bakhe baseNigeria. Khona-ke, lapho eseseminyakeni yama-80, waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Wasebenzisa akufunda futhi wabhapathizwa. Ngakho cishe useneminyaka engama-30 enguFakazi. Muva nje, abadala bebandla lakubo bavakashela yena nomkakhe oyiNgisi oneminyaka engama-72 ngemva kwezihlambi ezinkulu zemvula. Bobabili babedangele—phansi eqhugwaneni labo elalifulelwe ngotshani kwakugcwele amanzi, futhi babengenazo izihlobo ezazingabanika indawo yokuhlala noma zibasize balungise indawo yabo. Ukuba wawulapho, yini owawuyoyenza? Ngaphambi kokuba sithole lokho okwenzeka, ake sicabangele iseluleko esithile seBhayibheli.
2. Kungani sinesithakazelo ‘emisebenzini emihle’?
2 UKristu Jesu “wazinikela ngenxa yethu, ukuze . . . asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.” (Thithu 2:14) Lemisebenzi igxile ekushumayeleni ngoMbuso okusindisa ukuphila. (Marku 13:10; IsAmbulo 7:9, 10) Nokho, “imisebenzi emihle” yobuKristu ihlanganisa okungaphezu kokushumayela okubalulekile, ngoba umfowabo kaJesu ngamzali munye uJakobe uyachaza: “Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi-yicala lokwezwe.”—Jakobe 1:27.
3, 4. Yini esingayifunda kweyoku-1 Thimothewu izahluko 3-5 ‘ngemisebenzi emihle,’ okuholela kumiphi imibuzo?
3 Amabandla ekhulwini lokuqala ayehileleke kuzo zombili izinhlobo ‘zemisebenzi emihle.’ Kweyoku-1 Thimothewu isahluko sesi-3, ngemva kokubeka izimfanelo zababonisi nezinceku ezikhonzayo, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi ‘ibandla likaNkulunkulu ophilayo, liyinsika nesisekelo seqiniso.’ (1 Thimothewu 3:1-15) Wabonisa ukuthi amaKristu ayema ezimfundisweni eziyiqiniso ayengazisindisa wona nabawalalelayo. (1 Thimothewu 4:16) Khona-ke uPawulu waxoxa ‘ngemisebenzi emihle’ yokunakekela ngokwenyama abafelokazi abathembekile ‘ababesele bodwa.’—1 Thimothewu 5:3-5.
4 Ngakho-ke, ngaphezu kokushumayela kwethu, kumelwe sinakekele “imisebenzi emihle,” ‘njengokuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo.’ Yini abadala nezinceku ezikhonzayo abangayenza kulokhu, ‘njengabaholayo’? (Heberu 13:17) Abanye bethu bangabasiza kanjani kulokhu? Futhi yini thina ngabanye esingayenza ekufezeni “imisebenzi emihle” yaloluhlobo?
Abadala Abahola Kahle
5. UPawulu wahlangabezana kanjani nesidingo esikhethekile, futhi yikuphi okufana nakho namuhla?
5 Lapho kuphakama isidingo esikhethekile eJudiya, uPawulu, umdala, wahola ekuhleleni inkonzo yosizo. Ukuhola okunjalo kwanciphisa noma ikuphi ukukhungatheka; izinto zazingabiwa ngokufaneleyo, kuye ngokwesidingo. (1 Korinte 16:1-3; IzEnzo 6:1, 2) Ngokufanayo, abadala banamuhla baye bahola ezinkonzweni zosizo ngemva kwezinhlekelele zezikhukhula zemvula, ukukhukhula kobishi, ukukhukhula kwamanzi, iziphepho, noma ukuzamazama komhlaba, kanjalo ‘bebheka nokwabanye.’—Filipi 2:3, 4.
6. Lapho kwenzeka inhlekelele eCalifornia, eU.S.A., basabela kanjani abadala?
6 IPhaphama! yesiNgisi kaOctober 8, 1986, yanikeza isibonelo sokusebenza kobuKristu obunjalo. Abadala basabela lapho udonga olubhidlikile oluvimba amanzi lubangela izikhukhula eCalifornia, eU.S.A. Labelusi abangokomoya bahlola ngokushesha umhlambi wabo ukuze babone ukuthi obani okwakungenzeka balahlekile noma badinga ukwelashwa, ukudla, noma izindawo zokuhlala. Abadala bahlela imizamo yabo nehhovisi eliyinhloko loFakazi BakaJehova. Kwamiswa ikomiti losizo, futhi njengoba oFakazi abakanye nabo babefika ukuzosiza, bahlelwa baba amaqembu ukuze bahlanze futhi balungise amakhaya onakele. Abadala bengamela futhi ukuthengwa nokwabiwa kwezinto ezidingekayo. Lokhu kubonisa ukuthi lapho izidingo ezinjalo ezikhethekile ziphakama, ‘umfundi ngamunye anganquma ngokwalokho angakwazi ukukunikela’ noma ukukwenza, kodwa kungaba ukuhlakanipha ukuthintana noma ukuthola iziqondiso kubabonisi bebandla.—Qhathanisa nezEnzo 11:27-30.
7. Kukuziphi futhi ezinye izidingo ezivamile okumelwe sisabele kuzo?
7 Nakuba wena (ungumdala noma ungeyena) ngezinye izikhathi ungase ukwazi ukusabela esidingweni esikhulu ngemva kwenhlekelele, kunezidingo ezengeziwe ezivamile ezingaba ezibaluleke ngokufanayo—zona kanye lezo ezisebandleni lakini. Ngenxa yokuthi lezidingo zingase zingayivusi imizwelo njengenhlekelele enkulu, zingase zithathwe kalula noma zinikezwe ukunakekela okuncane. Kodwa eqinisweni izidingo zebandla ziwuhlobo olukhulunyelwe kuJakobe 2:15-17. Yebo, ibandla lakini linganikeza inselele enkulu kakhulu ngokuthi ‘ukholo lwakho lunayo yini imisebenzi, noma lufile ngokwalo.’
8. Ababonisi bangakubonisa kanjani ukuhlakanipha ekusingatheni izidingo zebandla?
8 Ekuholeni, abadala kumelwe bazame ukuba ‘abahlakaniphileyo nabaqondayo.’ (Jakobe 3:13, qhathanisa neNW.) Ngokuhlakanipha bangavikela umhlambi kubakhohlisi abavakashela abazalwane (noma amabandla) beboleka imali noma beza nezindaba zokuthola “usizo.” Ngokuhlakanipha ababonisi abazwelani nobuvila, ngoba umthetho weBhayibheli uthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.” (2 Thesalonika 3:10-15) Nalapha, abafuni ‘ukuvala isihawu sabo’ noma baholele abazalwane babo ekwenzeni lokho. (1 Johane 3:17) Esinye isizathu sokuba babonise ukuhlakanipha siwukuthi iBhayibheli alisinikezi imithetho engenamingcele ngokunakekela abasweleyo nabahluphekayo. Izimo ziyehluka kuye ngesikhathi nangendawo.
9. (a) Abafelokazi abangamaKristu ababeswele banakekelwa kanjani ekhulwini lokuqala? (b) Luhlobo luni losizo abanjalo abangazuza kulo namuhla?
9 Ngokwesibonelo, kweyoku-1 Thimothewu 5:3-10 uPawulu wakhuluma ngabafelokazi abasweleyo ‘ababesele bodwa.’ Izihlobo zabo ezikholwayo zazinomthwalo wemfanelo oyinhloko wokubasiza; ukuwushalazela lowomsebenzi kwakungalimaza ukuma kwalezo zihlobo noNkulunkulu. Nokho, uma umfelokazi osweleyo wayengenakuluthola usizo ngalendlela, kwakunokwenzeka ngabadala ukuba balungiselele usizo oluthile olungokwenyama ebandleni. Ngokufanayo, ezikhathini zamuva amanye amabandla aye asiza ngokukhethekile abasweleyo abakubo. Nokho, amazwe amaningi manje asenamalungiselelo okukhokhwa kwentela esiza abagugile, abakhubazekile, noma labo abazimisele kodwa abangawutholi umsebenzi. Nokho, abadala abangamaKristu bangase bafune ukusiza ngenye indlela. Abanye abaswele ngempela futhi abazifanelekela ngokugcwele izinzuzo zomphakathi abazitholi ngoba abayazi indlela yokufaka isicelo noma basaba kakhulu ukubuza. Kanjalo abadala bangase babuze kumanxusa kahulumeni noma bathinte oFakazi abanokuhlangenwe nakho kulezindaba. Khona-ke bangase bahlele ukuba umzalwane ofanelekayo noma udade asize umuntu osweleyo amukele izinzuzo ezitholakalayo.—Roma 13:1, 4.
Ukuhlelela Usizo Olungokoqobo
10. Njengoba balusa umhlambi, yini abadala okumelwe bayinakekele?
10 Ngokuvamile ababonisi abaqaphile bayisihluthulelo ekuboneni ukuthi abahluphekayo nabasweleyo bayaluthola usizo kubazalwane nakodade abanothando. Abadala kumelwe baqaphele izidingo ezingokomoya nezingokwenyama njengoba belusa bonke abasemhlanjini. Ngokuqondakalayo, abadala bagcizelela “ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.” (IzEnzo 6:4) Ngakho-ke, bayozama ukuhlela izinto ukuze amalungu omhlambi agulayo noma alele esibhedlela ondliwe ngokomoya. Abadala bangase bahlele ukuba labo abangakwazi ukuba khona barekhodelwe imihlangano. Abadala nezinceku ezikhonzayo ezishintshanayo ekuhambiseni amakhasethi ziye zathola ukuthi ukuhambela kwazo kuzenza ziphe ezinye izipho ezingokomoya. (Roma 1:11, 12) Ngesikhathi esifanayo, bangahlola izidingo zomuntu zangalesosikhathi.
11. Bonisa indlela udade osweleyo alungiselelwa ngayo usizo.
11 Bangase baqaphele ukuthi ngezinye izikhathi udade okhubazekile noma ogugile angeza eHholo LoMbuso, noma athi ukuhlanganyela kancane enkonzweni yasensimini, uma udade othile emsizile ukuba ageze futhi agqoke. (Qhathanisa neHubo 23:1, 2, 5.) Ababonisi bangabela ngisho nomunye wabo ukuba enze amalungiselelo. Ngokufanayo, bangase bacele abangatholakala ebandleni ukuba bahambe nokhubazekile noma bamgibelise emotweni. Ukuba nesimiso salokhu kungenza izinto zihleleke ngisho nangokwengeziwe.
12. Abanye bangabambisana kanjani nababonisi ekusizeni abagulayo nabagugile?
12 Abadala bangase baphawule ezinye izindaba okunganikezwa usizo kuzo noma kwenziwe amalungiselelo othando. Ngokwesibonelo, udade ogugile noma ogulayo akakwazanga ukunakekela indlu yakhe njengoba ebelokhu enza. Ingabe ezinye izinceku ezikhonzayo nabanye bangasiza? Ukunquma kwabo utshani noma umeno kungamenza azizwe engcono, azi ukuthi indlu manje ayisesona isihlamba komakhelwane. Ingabe ingadi idinga ukuhlakulwa noma ukuniselwa? Ingabe omunye udade oyothenga angathanda yini ukudlula kogulayo futhi amthengele izinto ezidingekayo? Khumbula, abaphostoli babenesithakazelo ezicini ezinjalo eziwusizo, futhi bahlela abafanelekayo ebandleni ukuba basize.—IzEnzo 6:1-6.
13. Yini eyaba umphumela wokusiza kwabadala umzalwane waseNigeria okhulunyelwe ngaphambili?
13 Ukukhathalela okunjalo kobuKristu kwaboniswa abadala abakhulunyelwe ekuqaleni, abathi lapho benza ukuhambela kokwalusa, bathola uLebechi Okwaraocha nomkakhe besesimweni esidabukisayo. Ngokushesha indikimba yabadala yasingatha indaba futhi yazisa ibandla lokho eyayikucabanga—ukwakha kabusha indlu. Abazalwane nodade abahlukahlukene banikela ngezinto zokwakha futhi bahlanganyela ngokuzithandela ekwakheni. Esikhathini esingangesonto, bakha indlu encane elondekile, efulelwe ngothayela. Nanku umbiko ovela eNigeria:
“Abantu balelodolobhana bamangala futhi ngokuzithandela baletha ukudla neziphuzo kubazalwane nodade ababematasa besebenza amahora amade ukuze baqede umsebenzi ngaphambi kokuba line. Abantu abaningi balelodolobhana bakhononda ngamanye amaqembu ezenkolo ababethi aphanga abantu esikhundleni sokusiza abampofu. Lesenzo saba yindab’ uzekwayo emphakathini. Abantu balelodolobhana baye basamukela kakhulu, futhi izifundo eziningi zeBhayibheli zasekhaya ziye zaqaliswa.”
Ingxenye Yakho ‘Kulemisebenzi Emihle’
14. Yimuphi umbono wokwenza “imisebenzi emihle” kubazalwane bethu okumelwe sibe nawo?
14 Yebo, ngokuvamile singasabela ngasese nangokuqondile ezidingweni zasebegugile, abakhubazekile, abalele ezibhedlela, noma labo abasizungezile nawe abahlupheka ngezinye izindlela. Uma siyibona indlela yokubonisa ubuKristu bangempela, kungani singaqhubeki futhi sizame ukusiza? (IzEnzo 9:36-39) Isisusa sethu akukhona ukucindezela okuvela kwabanye, kodwa uthando lobuKristu. Okumelwe sikuhlanganise kuqala kunoma iluphi usizo olungokoqobo ukuba kwethu nesithakazelo sangempela nobubele. Yebo, akekho kithi ongahlehlisa iwashi lasebegugile, aphulukise ukugula ngezimangaliso, noma alinganise ukuma okungokwezomnotho kwabo bonke abasebandleni. Kodwa ngempela kumelwe sibe nomoya wokukhathalelana nowokuphana. Uma sinalokho, futhi senza ngokufanelekile, uyoqinisa isibopho sothando phakathi kwethu nalabo esibasizayo. Wenza kanjalo phakathi kukaPawulu no-Onesimu, owayengumKristu osemusha ‘owakhonza uPawulu esekuboshweni kwakhe.’—Filemoni 10-13; Kolose 3:12-14; 4:10, 11.
15. Singabasiza kanjani abathile abahluphekayo abaswele ngempela?
15 Ngezinye izikhathi singasabela ezidingweni ezingokwenyama ngesipho somusa, kungakhathaliseki ukuthi sithunyelwe singenagama noma sinikezwe ngasese. Ingabe umzalwane uye walahlekelwa umsebenzi futhi akakwazanga ukuthola omunye? Ingabe udade ubhekene nezikweleti zezokwelapha ezingalindelekile; ingabe uhlangabezane nengozi noma uphangiwe? Izimo ezinjengalezi zingaphakama lapho sikhona. Lapho senza “isipho,” uBaba wethu obona ekusithekeni uyobona futhi atuse. (Mathewu 6:1-4) Noma, esikhundleni sokunikela imali, njengoJobe, singakwazi ukulungiselela abampofu izingubo nokudla noma silungiselele abafelokazi noma izintandane ukudla osekuphekiwe.—Jobe 6:14; 29:12-16; 31:16-22.
16. Kungayiphi enye indlela engokoqobo usizo olunganikezwa ngayo ngezinye izikhathi? Bonisa.
16 Okuhlangenwe nakho kwakho noma kojwayelene nabo kungaba umthombo wosizo lwangempela. Umzalwane waboleka imali kuMzalwane uW——. Impendulo yakhe yomusa yayiwukuthi: ‘Kungani unomuzwa wokuthi ngingaba nemali yokuyibolekisa?’ Nansi impendulo eyanikezwa: ‘Ngoba uyiphatha kahle imali yakho.’ Ngokuqonda, uMzalwane uW——, owayejwayele ukuboleka abasweleyo imali, wasikisela: ‘Mhlawumbe okudinga ngempela usizo oluthile ekufundeni ukuphatha imali yakho, futhi ngingakujabulela ukusiza uma ufuna usizo lwami.’ Usizo olunjalo balwazisa ngokukhethekile abazalwane okudingeka balungise izinga labo lokuphila lifanelane nezimo ezintsha noma abazimisele ukusebenza kanzima ngisho nasohlotsheni lomsebenzi ongemuhle kangako. Yebo, uma imali ebolekiswayo idingeka ngempela, kungaba kuhle ukugcina umbhalo wayo osayiniwe ukuze kungaphakami izinkinga kamuva. Nokho, abazalwane abaningi abangathambekele ekubolekeni imali bangalwazisa ngokujulile usizo lomuntu siqu ngohlobo lokwelulekwa noma ukuxoxa ngokuhlangenwe nakho. (Roma 13:8) Okuhlangenwe nakho kwaseNtshonalanga Afrika okuhilela uEmmanuel kuyakubonisa lokhu:
Nakuba uEmmanuel ayengumgundi wezinwele oqeqeshiwe, abantu ababeza kuye babeyingcosana, futhi kwakumdumaza ukungakwazi kwakhe ukuziphilisa. Khona-ke umdala oqaphile wasebandleni wabuza uEmmanuel ukuthi wayengakucabangela yini ukwenza olunye uhlobo lomsebenzi. Waphendula ngoyebo, ngoba wayengenakuvumela ukuqhosha ngemfundo kumvimbele. Umdala wakhuluma nabangane futhi watholela uEmmanuel umsebenzi njengonogada esibhedlela. Uye wenza kahle kulomsebenzi futhi uye wakwazi ukusiza abanye ebandleni.
17. Ungakwazi kanjani ukusiza umzalwane osesibhedlela? (IHubo 41:1-3)
17 Lapho umKristu okanye naye esesibhedlela noma ekhaya lokuhlenga, kuba namathuba akhethekile okusiza. Nalapha, isithakazelo esiqotho nokukhathalela kubalulekile. Lokhu ungakubonisa ngokuzimisela kwakho ukufundela isiguli izincwadi zobuKristu ezakhayo noma ukuxoxa ngokuhlangenwe nakho okukhuthazayo. Nokho, ingabe zikhona izidingo ezingokwenyama ongasiza ngazo? Kwezinye izindawo, izindawo zokwelapha zibiza kakhulu kangangokuthi isiguli asigezwa noma sondliwe uma isivakashi singakwenzi lokho. Ngakho, uma odokotela bevuma, ungasilethela ukudla okunomsoco noma usisize sigeze izinwele zaso noma sigeze. Ingabe siyoyazisa ingubo efudumele noma izicathulo? (2 Thimothewu 4:13) Noma ungazinikela yini ukuba unakekele indaba ethile ehlupha isiguli? Mhlawumbe sikhathazekile ngendlela esingashintsha ngayo isheke laso futhi sikhokhe izikweleti. Unganikeza usizo ngisho nangokumenzela izinto ezincane, njengokuqiniseka ukuthi iposi alinqwabelani endlini yakhe, ukuthi izitshalo ziyaniselwa, noma ukuthi izinja zondliwe.
18. Yini ozimisele ukuyenza ngokuqondene nabazalwane abaswele?
18 Akungabazeki, ukuthi ngamunye wethu angazithola izindlela angathuthukisa ngazo ekwenzeni kwethu okungaphezu kokumane sithi, “Nifudumale, nisuthe.” (Jakobe 2:16) Cabanga ngabazalwane nodade ebandleni lakini. Ingabe abathile abahluphekayo baswele ngempela ngokwezinto ezibonakalayo, bayagula, bakhubazekile, noma sebehlala besokhukhweni? Yini ongayenza ngendlela engokoqobo ukuze usize laba abafelwa uKristu, amalungu athandekayo ebandla lakini? Ukuba nalesimo sengqondo kuyokusiza ukuba uzimisele kangcono ukusabela ngokushesha lapho kuphakama ubunzima.
19. (a) Kungani ukulinganisela kubaluleke kangaka kulesici? (b) Ikuphi okuhle kakhulu esingakwenzela abanye, futhi ngani? (IHubo 72:4, 16)
19 Ngokuzikhandla ekusizeni abazalwane bethu, siyobe sibonisa ukuthi ukholo lwethu alufile. Lolokholo olufanayo lusishukumisela ukuba sisebenze kanzima ekushumayeleni kobuKristu. Sidinga ukulondoloza ukulinganisela phakathi kokusiza abanye ngokwenyama nokuhlanganyela njalo ekushumayeleni kobuKristu. (Qhathanisa noMathewu 15:3-9; 23:23.) Iseluleko sikaJesu kuMarta noMariya sibonisa lokho kulinganisela. Wathi ukuba umuntu wayeqhathanisa izinto ezibonakalayo nokudla okungokomoya, lokhu kwamuva ‘kuyisabelo esihle,’ esingenakwaphucwa. (Luka 10:39-42) Abagulayo nabampofu bayohlala bekhona kulesimiso sezinto. Singabenzela izinto ezinhle, futhi kumelwe sibenzele. (Marku 14:7) Nalapha, inzuzo enhle kakhulu nehlala njalo esingayenza iwukufundisa abanye ngoMbuso kaNkulunkulu. Yilokho uJesu agxila kukho. (Luka 4:16-19) Kuyindlela abampofu, abagulayo, abahluphekayo, abangathola ngayo usizo oluhlala njalo. Yeka indlela okujabulisa ngayo ukusiza abazalwane bethu nabanye ukuba bathembele kuNkulunkulu futhi “babambe ukuphila okuyikho.”—1 Thimothewu 6:17-19.
Uyakhumbula?
◻ Imiphi “imisebenzi emihle” ebaluleke kakhulu okumelwe ifezwe yibandla lobuKristu?
◻ Abadala bebandla bangakunikeza kanjani ukunakekela okulinganiselwe ‘emisebenzini emihle’ ngokuqondene nezimo ezingokwenyama zabazalwane babo?
◻ Iziphi izinyathelo eziwusizo ezingathathwa abadala?
◻ Iziphi izinto eziyinzuzo ongazenza ukuze usize abazalwane bakho noma odade abaswele?
[Ibhokisi ekhasini 17]
Ibandla Lanakekela
Umbhangqwana owathuthela ebandleni elincane endaweni esemaphandleni wanikeza lombiko ocabangisayo:
‘Eminyakeni emithathu edlule mina nomkami sathengisa ngekhaya lethu futhi sathuthela ebandleni elikude elalidinga usizo oluvuthiwe ngenxa yokuthi kwakukade kunezinkinga. Ngokushesha ngase nginezikhundla ezine zomthwalo wemfanelo. Sasibathanda abazalwane futhi sasifuna ukusebenza nabo. Ngalezozinyanga umoya webandla wathuthuka, futhi kwafika abadala ababili abahle.
‘Umkami waqala ukuba nezinkinga zempilo, futhi ngonyaka odlule wadinga ukuhlinzwa okukhulu. Ngosuku angena ngalo esibhedlela, ngaphathwa yisifo sokusha kwesibindi. Ezinyangeni ezimbili kamuva, ngase ngiphundlekile ngoba ezomnotho kuleyo ndawo zazibucayi kakhulu. Saphelelwa yizimali zethu, ngaphelelwa umsebenzi, futhi sobabili sasizama ukuhlumelela impilo yethu. Ngangidumazekile ngoba kwakuza umhlangano wesigodi futhi nganginengxenye esimisweni. Nganginesabelo futhi emhlanganweni wesifunda emasontweni ambalwa. Kodwa ngingenamali, ngangingazi ukuthi ngangingaya kanjani kulemihlangano noma nginakekele ngisho nomkhaya wami. Ngolunye usuku ekuseni umkami waya enkonzweni yasensimini, futhi ngahlala phansi ukuba ngibukeze isimo sethu.
‘Njengoba ngangilunguza ngefasitela, ngazibuza, Likuphi ithemba lami kuJehova? Ngangitshele umkami ukuba angakhathazeki, kodwa manje ngangiqala ukungabaza. Khona-ke ngase ngiba “nokholo oluncane” kuJehova futhi ngamncenga ukuba asize. Njengoba ngangiqeda ukuthandaza, umzalwane wangqongqoza emnyango. Wayefuna ukuba ngiyophuza ikhofi kwakhe. Ngamchazela ukuthi kwakungenakwenzeka, ngoba kwakumelwe ngilungiselele ingxenye yomhlangano ngalobobusuku. Nokho, waphikelela kakhulu ethi kwakuyothatha imizuzu embalwa kuphela. Ngakho sahamba. Sabuya ngemva kwengxenye yehora, futhi njengoba ngangiphuma emotweni yakhe ngazizwa ngingcono.
‘Lapho ngingena endlini, ngaphawula ukuthi itafula lasekhishini laligcwele ukudla. Ngacabanga ukuthi kumelwe ukuba umkami wayehambile wayothenga. “Kodwa ake ume kancane, wayengaya kanjani ngoba asinamali.” Ngase ngibona imvilophu. Ngaphambili yayithi:
‘“Kuvela kubazalwane benu nodade, abanithanda kakhulu. Ningafaki lutho lwalokhu ebhokisini lomnikelo. Sekuye kwanakekelwa kakade ngenxa yenu.”
‘Ngehluleka ukubamba izinyembezi. Ngacabanga ‘ngokholo lwami oluncane,’ futhi lokho kwangenza ngakhala ngokwengeziwe. Khona-ke umkami wabuya ekhaya. Ngamane ngakhomba ukudla nezinye izipho. Naye wakhala kakhulu, nodade ababili ababefike naye. Sazama ukuchaza ukuthi sasingenakwamukela okuningi kangaka, kodwa odade basitshela ukuthi akekho owaziyo ukuthi ubani onikeleni. Lonke ibandla laba nengxenye, futhi lafuna ukukwenza ngoba laba nomuzwa wokuthi sasiye salifundisa indlela yokupha abanye. Lokhu kwamane kwaletha izinyembezi ezengeziwe!’
Kamuva, lapho ebhala lendaba, umsebenzi walomzalwane wawususesimweni esihle. Yena nomkakhe babehlanganyela enkonzweni yamaphayona asizayo.
[Ibhokisi ekhasini 18]
Isibonakaliso Sothando LobuKristu
Ibandla loFakazi BakaJehova entshonalanga yeUnited States labhekana nesimo esingavamile esalenza labonakalisa uthando lobuKristu, njengalelo olutuswa emiBhalweni. Ensimini yabo, uhulumeni wavula isikhungo sokunakekela izisulu zesifo sengqondo ezikhubazeke kakhulu. Omunye wabokuqala abahlala kulesikhungo kwakunguGary, oneminyaka engama-25, owayengasenakunakekelwa ekhaya. Lesifo samkhubaza imilenze nezingalo, futhi nendlela yakhe yokukhuluma yaphazamiseka.
UGary useneminyaka eyisikhombisa enguFakazi obhapathiziwe. Ngolunye usuku ekulesikhungo esisha, wafuna ukuya emihlanganweni yebandla. Abazali bakhe babehlala eduze, futhi kwaqhubeka isikhashana bemyisa. Kodwa ngenxa yeminyaka yabo, abanye abazalwane ebandleni baqala ukusiza. Othile wayeneveni. Ngakho yena, umkakhe, namadodakazi abo amabili babelunga futhi basuke ekhaya kusasele imizuzu engama-45 ngaphambi kwesikhathi somhlangano ukuze badlule bathathe uGary. Babembuyisela esikhungweni ngemva komhlangano, ngaleyondlela bafike ekhaya sekwephuze kakhulu.
Nokho, kwaqalisa okuthile kulesikhungo. Ezinye izisulu zesifo sengqondo zabonisa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli. Ngokushesha ababili babo bamukela isifundo seBhayibheli. Kamuva, nabanye babonisa isithakazelo. Babengayiswa kanjani bonke ezifundweni? Omunye umkhaya kulelobandla wathenga iveni, futhi ibhizinisi loFakazi bakulendawo lenza kwatholakala iveni yesithathu. Nokho, lamalungiselelo ngezinye izikhathi ayenganele noma ayenikeza izinkinga. Ingabe ibandla lalingenza okwengeziwe?
Abadala baxoxa ngalokhu base besikisela ukuba kuthengwe iveni eyayiyoyisa ngokukhethekile abakhubazekile lapho beya nalapho bebuya emihlanganweni. Ibandla lavuma futhi lanikela ngenjabulo. OFakazi abathile abaseduze naleyondawo abezwa ngalokhu nabo banikela. Iveni yatholakala futhi yalungiswa ukuze izihlalo zabakhubazekile zikwazi ukuhamba nayo.
Manje, iqembu elihlukile leSifundo Sencwadi Sebandla lihlanganyela inyanga ngayinye ekushayeleni iveni lapho liya emihlanganweni yebandla neyesifunda. Abayisihlanu kwabavela kulesikhungo sesifo sengqondo baba khona njalo, abane babo manje bangoFakazi ababhapathiziwe. Baye baziwa futhi bathandwa abazalwane nodade abaningi abajabulela okuhlangenwe nakho kokusiza. Kanjani? Ngokubabambela amaculo nokubaphenyela imibhalo phakathi nemihlangano. Emihlanganweni yesifunda neyesigodi, basiza ngisho nangokufunza nokunakelela labo abangenakukwazi ukuzenzela lokhu bona ngokwabo. Lokhu kuye kwaveza ubudlelwane obujabulisa ngempela. Futhi kuthiwani ngoGary? Manje ukhonza njengenceku ekhonzayo kulelibandla eliye lanikeza ubufakazi obungaka bothando.—IzEnzo 20:35.