Abeluleki Abanekhono—Bayisibusiso Kubazalwane Babo
“Ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala, nabeluleki bakho njengasekuqaleni.”—ISAYA 1:26.
1, 2. (a) IzAga 12:15 no-19:20 zikubonisa kanjani ukubaluleka kweseluleko? (b) Yini edingekayo kuqala uma sizokwamukela iseluleko, futhi yikuphi okuhlangenwe nakho okubonisa lokhu?
UTERRI uyindodakazi yabazali abangamaKristu. Esikoleni wayenomngane osemusha naye ‘owayeseqinisweni.’ Nokho, sebezoqeda esikoleni esiphansi uTerri waphawula ukuthi umngane wakhe wayengasenayo intshiseko ngokholo lwakhe njengakuqala. Njengoba bobabili babedlulela esikoleni esiphakeme, umngane wakhe wayengasayi njalo emihlanganweni yobuKristu futhi waqala ukuthola amaphutha kuyiWatch Tower Society nasebandleni. Nokho, uTerri wamthandazela kakhulu umngane wakhe futhi wayemeluleka njalo ukuba azame ukuhlala eqinile njengomKristu. Ekugcineni, imizamo kaTerri yavuzwa. Lapho esesebangeni lesishiyagalombili, umngane wakhe waphinda futhi waya njalo ezifundweni futhi ekugcineni wabhapathizwa. Yeka isibusiso ngaye! Futhi yeka umvuzo ngomngane wakhe othembekile uTerri!
2 Ngokucabangela lokhu okuhlangenwe nakho, ukhona yini ongangabaza isidingo sokuba amaKristu elulekane ngothando ngezikhathi ezithile? IBhayibheli liyasikhuthaza: “Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.” (IzAga 19:20; 12:15) Umngane kaTerri walandela lesoseluleko. Kodwa kuthiwani ukuba uTerri wayengenalo uthando, ukuphikelela, nesibindi sokuqhubeka enikeza usizo lwakhe phakathi naleyominyaka? Yebo, nganoma ubani kithi ukuze ‘ezwe iseluleko,’ kumelwe kube nomeluleki. Kumelwe abe ngubani?
Iseluleko—Sinikezwa Ngubani?
3. Obani uJehova abalungiselele ukuba banikeze iseluleko esifika ngesikhathi ebandleni lobuKristu?
3 UJehova uNkulunkulu wathembisa ukunikeza abantu bakhe abeluleki esikhathini sethu. Wathi: “Ngibuyisele . . . nabeluleki bakho njengasekuqaleni.” (Isaya 1:26) Lesithembiso sigcwaliseka ngokuyinhloko ngabadala abamisiwe ebandleni lobuKristu. Ukweluleka kuwuhlobo oluthile lokufundisa, futhi ikakhulukazi abadala ‘bayakufanelekela ukufundisa.’ (1 Thimothewu 3:2, NW) Mhlawumbe umphostoli uPawulu wayenabadala ngokuyinhloko engqondweni lapho ethi: “Uma umuntu ehlelwa yisiphambeko, nina-bomoya [“eninezimfanelo ezingokomoya,” NW] mbuyiseni onjalo ngomoya wobumnene.” (Galathiya 6:1) Kodwa ingabe abadala kuphela abanganikeza iseluleko?
4, 5. (a) Yiziphi ezinye izibonelo ezingokomBhalo ezibonisa ukuthi akubona abadala kuphela abanganikeza iseluleko? (b) Yiziphi ezinye izimo zosuku lwanamuhla eziyisibonelo lapho amaKristu ngaphandle kwabadala enikeza khona iseluleko?
4 Cha. UTerri wayengeyena umdala, nokho ekugcineni iseluleko sakhe saveza imiphumela emihle. Khumbula, futhi, umholi wempi waseAramu uNahamani. Wenza ngokuvumelana nokwaziswa okuhle ayekutshelwe intombazane encane engumIsrayeli kanye neseluleko esasivela ezincekwini zakhe. UDavide wasindiswa iseluleko esifika ngesikhathi sika-Abigayili, umkaNabali ekuthwaleni icala legazi. Futhi insizwa uElihu yaba neseluleko esihlakaniphile ngoJobe ‘nabaduduzi’ bakhe abathathu.—1 Samuweli 25:23-35; 2 AmaKhosi 5:1-4, 13, 14; Jobe 32:1-6.
5 Ngokufanayo namuhla, ukweluleka akulona ilungelo elikhethekile labadala kuphela. Abazali beluleka abantwana babo njalo. Intsha enjengoTerri ngokuvamile iyaphumelela ekwelulekeni ontanga bayo. Futhi iBhayibheli likhuthaza ngokuthe ngqó odade abavuthiwe ukuba babe “abafundisi bokuhle,” ikakhulukazi kwabesifazane abasha ebandleni. (Thithu 2:3-5) Eqinisweni, cishe sonke sinesibopho sokusizana ngalendlela. Umphostoli uPawulu wathi: “Vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.”—1 Thesalonika 5:11.
Imigomo Yeseluleko SobuKristu
6. Yimiphi eminye imigomo yeseluleko sobuKristu?
6 Iyini eminye yemigomo yeseluleko sobuKristu? Iwukusiza othile ukuba athuthuke futhi aqhubeke esendleleni eqondile, ukuxazulula izinkinga, ukunqoba ubunzima, futhi mhlawumbe nokulungisa inkambo engalungile. UPawulu wabhekisela kwezinye izinhlobo zokweluleka lapho enxusa uThimothewu ukuba ‘asole, akhuze, ayale ngakho konke ukubekezela nokufundisa [“nekhono lokufundisa,” NW].’ (2 Thimothewu 4:1, 2) Ngempela kudinga ikhono ukweluleka umuntu ngendlela yokuba aqonde ngaphandle kokuzwa ubuhlungu.
7, 8. (a) Yiziphi ezinye izimo iseluleko esilindeleke kuzo ebandleni lobuKristu? (b) Kukuziphi izimo lapho umKristu engenakulindela khona iseluleko kodwa asidinge?
7 Kumelwe sinikezwe nini iseluleko? Abazali ngokuvamile banezikhathi zokweluleka abantwana babo, futhi ngokuvamile abantwana basuke bekulindele. (IzAga 6:20; Efesu 6:4) Ebandleni, umfundi ulindela iseluleko lapho eye wanikeza inkulumo eSikoleni SeNkonzo Esingokwasezulwini. Futhi ummemezeli osemusha woMbuso ulindela usizo neseluleko njengoba ethuthukela ekuvuthweni njengesikhonzi esingumKristu. (1 Thimothewu 4:15) Ngezinye izikhathi abantu abafuna usizo neseluleko baya kwabadala noma kwabanye ebandleni.
8 Nokho, ngezinye izikhathi iseluleko kumelwe sinikezwe kulabo abangasilindele noma abangasifuni. Mhlawumbe othile ulahlekelwa yintshiseko enkonzweni kaJehova, ‘uyakhukhuleka’ njengoba kwakwenzeka kumngane kaTerri. (Heberu 2:1) Umuntu angase abe nokungezwani okungathi sína nomunye umuntu ebandleni. (Filipi 4:2) Noma othile angase adinge usizo endabeni yokuzilungisa noma yokugqoka ngokufanele, noma ekukhetheni abangane noma umculo.—1 Korinte 15:33; 1 Thimothewu 2:9.
9, 10. (a) Kungani ukunikeza iseluleko sobuKristu kungase kudinge isibindi? (b) Nokho kungani umKristu kumelwe anikeze iseluleko lapho sidingeka?
9 Lapho umprofethi uHanani enikeza iNkosi yakwaJuda uAsa iseluleko, uAsa wasicasukela kangangokuthi “wamfaka endlini yezitokisi”! (2 IziKronike 16:7-10) Umuntu kwakumelwe abe nesibindi ukuze eluleke inkosi ngalezozinsuku. Namuhla, abeluleki kungase kudingeke futhi babe nesibindi, njengoba ukunikeza iseluleko ekuqaleni kungase kubangele ukucasuka. Omunye umKristu onokuhlangenwe nakho wasihoxisa iseluleko esidingekayo kumngane osemusha. Sasiyini isizathu? Wachaza: “Kwamanje singabangane abahle, futhi ngifuna ukukugcina kunjalo!” Nokho, eqinisweni, ukuhoxisa usizo lapho ludingeka akulona uphawu lomngane omuhle.—IzAga 27:6; qhathanisa noJakobe 4:17.
10 Eqinisweni, okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi uma umeluleki enekhono, ngokuvamile imizwa ebuhlungu ingancishiswa, futhi ngokuvamile umgomo weseluleko ungafinyelelwa. Kudingani ukuba umeluleki onekhono? Ukuze siphendule lokhu, ake sicabangele izibonelo ezimbili, esinye esihle nesibi.
UPawulu—Umeluleki Onekhono
11. Kungani abantu abaningi baseKorinte babesamukela iseluleko sikaPawulu ngisho nakuba ngokuvamile ayekhuluma ngokunamandla?
11 Umphostoli uPawulu wayenamathuba amaningi okunikeza iseluleko, futhi ngezinye izikhathi wayekhuluma ngezinto ezingathi sína. (1 Korinte 1:10-13; 3:1-4; Galathiya 1:6; 3:1) Nokho, iseluleko sakhe sasiphumelela ngoba labo ayesiqondise kubo babazi ukuthi uPawulu wayebathanda. Njengoba atshela abaseKorinte: “Ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi-ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.” (2 Korinte 2:4) Abantu abaningi baseKorinte basamukela iseluleko sikaPawulu ngoba babazi ukuthi sasinganikezwa ngezisusa zobugovu, njengoba “uthando . . . aluzifuneli okwalo.” Futhi, babeqiniseka ngokuthi wayengakhulunyiswa ukucasuka komuntu siqu ngoba “uthando . . . alucunuki, alunagqubu.”—1 Korinte 13:4, 5.
12. Iyiphi imfanelo eyokwenza kube lula ngomeluleki ongumKristu ukuba athole imiphumela emihle? Bonisa.
12 Namuhla, futhi, kulula kakhulu ukwamukela ngisho neseluleko esinamandla uma sazi ukuthi lowo oselulekayo uyasithanda, akakhulunyiswa ukucasuka komuntu siqu, futhi akanazo izisusa zobugovu. Ngokwesibonelo, uma umdala ekhuluma nentsha ebandleni kuphela lapho eyigxeka, kalula nje intsha ingazizwa ichukuluziwe. Kodwa kuthiwani uma umdala enobuhlobo obuhle nentsha? Kuthiwani uma ephuma nayo enkonzweni yasensimini, engeneka eHholo LoMbuso, futhi eyikhuthaza ukuba ixoxe naye ngezinkinga zayo, amathemba, nokungaqiniseki, mhlawumbe ngezikhathi ezithile ayimemele ngisho nasekhaya lakhe (ngemvume yabazali bayo)? Khona-ke, lapho kumelwe ayinikeze iseluleko, intsha iyothambekela ngokwengeziwe ekusamukeleni, yazi ukuthi sivela kumngane.
Ubumnene Nokuthobeka
13. (a) Ekugcineni iseluleko sobuKristu kumelwe sisekelwe kuphi? (b) Ngakho-ke, yini okumelwe bayigweme labo abanikeza iseluleko ebandleni lobuKristu?
13 Kunesinye isizathu esasenza ukuba iseluleko sikaPawulu siphumelele. Wayethembela ekuhlakanipheni kokwesaba uNkulunkulu, hhayi emibonweni yakhe. Njengoba akhumbuza umeluleki uThimothewu: “Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni.” (2 Thimothewu 3:16; qhathanisa neyoku-1 Korinte 2:1, 2.) Abeluleki abangamaKristu namuhla ngokufanayo basekela lokho abakushoyo emiBhalweni. Kuyiqiniso ukuthi, emkhayeni, abazali abalicaphuni njalo iBhayibheli lapho beluleka abantwana babo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi abazali abangamaKristu bakhuthaza ukulalela, ukuhlanzeka, ukukhathalela abanye, ukufika ngesikhathi, noma okunye, ngaso sonke isikhathi kumelwe kube nesisekelo esingokomBhalo salokho abakushoyo. (Efesu 6:1; 2 Korinte 7:1; Mathewu 7:12; UmShumayeli 3:1-8) Ebandleni, kumelwe siqaphele ukuba singazami ukuphoqelela imibono yethu siqu noma lokho okuthandwa yithi kwabanye. Futhi abadala kumelwe bagweme ukujika imiBhalo bayenze ibonakale isekela umqondo othile abanemizwa enamandla ngawo. (Qhathanisa noMathewu 4:5, 6.) Ngaso sonke isikhathi kumelwe kube nesizathu esiqotho seBhayibheli nganoma isiphi iseluleko abasinikezayo.—IHubo 119:105.
14, 15. (a) Yisho enye imfanelo eyenza kube lula ukwamukela iseluleko. (b) Kungani kubaluleke kakhulu ngomeluleki ukuba abe nalemfanelo?
14 Iseluleko siphumelela ngokwengeziwe, futhi, uma sinikezwa ngomoya wobumnene. UPawulu wayekwazi lokhu. Kungakho, lapho ekhuluma ngomuntu owehlelwa yisiphambeko ngaphambi kokuba asiqaphele, uPawulu akhuthaza abantu abafanelekayo ukuba ‘bambuyise onjalo ngomoya wobumnene.’ (Galathiya 6:1, qhathanisa neNW.) Waxwayisa futhi uThithu ukuba akhumbuze abanye ukuba “bangahlambalazi-muntu, bangabi-yizilwi, babe-ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.”—Thithu 3:1, 2; 1 Thimothewu 6:11.
15 Kungani kunesidingo sobumnene? Ngoba imizwelo engalawulwa iyathelelwana. Amazwi okucasuka abangela amanye amazwi okucasuka, futhi kunzima ukubonisana lapho abantu becasuke kakhulu. Ngisho nalapho lowo owelulekwayo esabela ngokucasuka, lesi akusona isizathu sokuba umeluleki enze okufanayo. Kunalokho, isimo sokuba mnene sikameluleki singasiza ekuthobiseni izinto. “Impendulo ethambileyo [“emnene,” NW] iyabuyisa ukufutheka.” (IzAga 15:1, 2) Lokhu kunjalo kungakhathaliseki ukuthi umeluleki ungumzali, umdala, noma omunye umuntu.
16. Kungani kumelwe ukuba umuntu abe nenhlonipho ngaso sonke isikhathi lapho enikeza iseluleko?
16 Ekugcineni, cabangela lokho uPawulu akusho kumdala osemusha uThimothewu: “Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu, abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.” (1 Thimothewu 5:1) Yeka iseluleko esihle! Cabanga ngendlela owesifazane osemdala abengazizwa ngayo uma umdala osemusha, mhlawumbe osemusha ngokwanele ukuba abe yindodana yakhe, ubemeluleka ngendlela yokukhaca noma yokweyisa. Kungaba okungcono kakhulu ngomeluleki ukuba acabange isikhashana: ‘Ngokucabangela ubuntu neminyaka yalomuntu, kungaba iyiphi indlela enothando nephumelela ngokwengeziwe yokunikeza leliphuzu leseluleko? Ukuba bengisesimweni sakhe, mina bengiyofuna ukutshelwa kanjani?’—Luka 6:31; Kolose 4:6.
Iseluleko SabaFarisi
17, 18. Isiphi esinye isizathu esenza iseluleko sabaFarisi sangaba usizo?
17 Masibuye manje esibonelweni esihle sikaPawulu futhi sicabangele isibonelo esibi—leso sabaholi benkolo bamaJuda bosuku lukaJesu. Babenikeza izeluleko eziningi, kodwa ngokuvamile isizwe sasingazuzi kuzo. Ngani?
18 Kwakunezizathu eziningi. Phakathi kwezinye, cabanga ngesikhathi lapho abaFarisi besola uJesu ngoba abafundi bakhe bengazihlambanga izandla zabo ngaphambi kokudla. Yebo, omama abaningi beluleka abantwana babo ukuba bahlambe izandla zabo ngaphambi kokudla, futhi njengomkhuba wezempilo, lokhu kutuseka kakhulu. Kodwa abaFarisi babengakhathazekile ngokuyinhloko ngenxa yempilo. Kubo, ukuhlamba izandla kwakuyisiko, futhi babecasulwa ukuthi abafundi bakaJesu babengalilandeli lelisiko. Nokho, njengoba uJesu aqhubeka ebabonisa, kwakunezinkinga ezinkulu kunaleyo kwaIsrayeli okwakumelwe bazinakekele. Ngokwesibonelo, abanye babesebenzisa isiko labaFarisi njengendlela yokugwema ukulalela uMthetho wesihlanu kweyishumi: “Yazisa uyihlo nonyoko.” (Eksodusi 20:12; Mathewu 15:1-11) Ngokudabukisayo, ababhali nabaFarisi babenaka kakhulu izinto ezincane kangangokuthi ‘babeyeka okunzima komthetho: ukwahlulela nesihawu nokukholwa.’—Mathewu 23:23.
19. AmaKristu osuku lwanamuhla angakugwema kanjani ukuwela ogibeni lokuzifunela okwawo?
19 Abeluleki namuhla kumelwe baqaphele bangalenzi iphutha elifanayo. Kumelwe bagweme ukufuna ukuba kulungelwe bona, behileleka kakhulu ezintweni ezincane baze bakhohlwe “okunzima.” Ezindabeni ezincane, sikhuthazwa ukuba ‘sibekezelelane’ ngothando. (Kolose 3:12, 13) Ikhono lokuqonda isikhathi okumelwe sigweme ngaso ukwenza okuthile kube yimpikiswano nesikhathi okudingeka ngaso ngempela iseluleko kungokuthile okunikela ekubeni komuntu “nezimfanelo ezingokomoya.”—Galathiya 6:1, NW.
20. Kungani isibonelo somuntu siqu sibaluleke kangaka endabeni yokunikeza iseluleko?
20 Kunokuthile futhi okwakwenza labo beluleki benkolo bekhulu lokuqala bangaphumeleli. Babelandelela isimiso sokuthi “yenza njengoba ngisho, hhayi njengoba ngenza.” UJesu wathi ngabo: “Maye nakinina-zazimthetho, ngokuba nithwesa abantu imithwalo ethwaleka kalukhuni! Nina-ke uqobo lwenu aniyithinti leyomithwalo nangowodwa weminwe yenu.” (Luka 11:46) Yeka ukungabi naluthando! Namuhla, abazali, abadala, noma abanye abanikeza iseluleko kumelwe baqiniseke ngempela ukuthi bona ngokwabo bayakwenza lokho abatshela abanye ukuba bakwenze. Singabakhuthaza kanjani abanye ukuba babe matasa enkonzweni yasensimini uma thina singabeki isibonelo esifanele? Noma singabaxwayisa kanjani ngokuthanda izinto ezibonakalayo uma izinto ezibonakalayo zibusa ukuphila kwethu siqu?—Roma 2:21, 22; Heberu 13:7.
21. (a) AbaFarisi babebasabisa kanjani abantu? (b) Amasu abaFarisi angasebenza kanjani njengesixwayiso kubeluleki abangamaKristu?
21 Abaholi bamaJuda behluleka futhi njengabeluleki ngoba babesebenzisa izindlela zobushiqela. Ngesinye isikhathi, bathuma amadoda ukuba ayobopha uJesu. Lapho lamadoda, ehlabeke umxhwele kakhulu ngendlela kaJesu yokufundisa, ebuya elambatha, abaFarisi bawasola, bethi: “Kanti nani nidukisiwe na? Ukhona yini ezikhulwini nakubaFarisi oke wakholwa nguye na? Kodwa lesisixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.” (Johane 7:45-49) Ingabe lesi kwakuyisisekelo esifanele sokusola—ukusebenzisa kabi igunya nokusebenzisa amagama ahlambalazayo? Kwangathi abeluleki abangamaKristu bangebe nalo icala lokweluleka okunjalo! Kumelwe bakugweme ngempela ukwesabisa abanye noma ukudlulisela lomqondo: ‘Kumelwe ungilalele ngoba ngingumdala!’ Noma lapho bekhuluma nodade, mabangagudlisi ukuthi: ‘Kumelwe ungilalele ngoba nje ngingumzalwane.’
22. (a) AmaKristu kumelwe asinikeze kanjani iseluleko futhi ngani? (b) Yimuphi omunye umbuzo okudingeka ukuba kuxoxwe ngawo?
22 Yebo, ukweluleka kuyisenzo sothando sonke—ikakhulukazi abadala abamisiwe—okumelwe sisinikeze amaKristu esikanye nawo ngezikhathi ezithile. Iseluleko akumelwe sinikezwe nganoma yisiphi isizathu. Kodwa lapho sidingeka, kumelwe sinikezwe ngesibindi. Kumelwe sibe nesisekelo esingokomBhalo futhi sinikezwe ngomoya wobumnene. Ngaphezu kwalokho, kulula ukwamukela iseluleko esivela kothile osithandayo. Nokho, ngezinye izikhathi kungaba nzima ukwazi lokho esingakusho lapho sinikeza iseluleko. Ngakho singasinikeza kanjani iseluleko ngendlela eyophumelela? Lokhu kuzocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.
Ungachaza?
◻ Obani abanelungelo nomthwalo wemfanelo wokunikeza iseluleko sobuKristu?
◻ Kungani kungase kudinge isibindi ukunikeza iseluleko?
◻ Kungani iqiniso lokuthi uPawulu wayewathanda amaKristu aseKorinte lenza kwaba lula ngawo ukwamukela iseluleko sakhe?
◻ Kungani umeluleki ongumKristu kumelwe abe mnene futhi azithobe?
◻ UmKristu angakugwema kanjani ukwenza iseluleko sakhe sibonakale sicindezela?
[Isithombe ekhasini 13]
UPawulu wanxusa uThithu ukuba akhumbuze abanye “babe-ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke”