Ingabe Kumelwe Ugqame?
ITHELEVISHINI iqala ukudlala njengoba amakhamera ethwebula umdlali odumile. Uqala ukudlala njengoba emamatheka kancane ngobungcweti. Silalela umculo ngenjabulo. Ikhamera isondela eduze, isivumela ukuba sibone isimo sobuso bakhe neminwe enekhono njengoba edlala umculo.
Yebo, umdlali okujabulelayo ukugqama. Kodwa lapho umbukiso usuphelile, phawula uhlu olude lwamagama oluvezwayo—iorchestra, umculisi, ochwepheshe besound, abathwebuli bezithombe, abaqondisi, abakhiphe umbukiso, izingcweti zokulungisa, nabanye abaningi. Bonke badingekile ekwenzeni umbukiso ube yimpumelelo. Bonke bayasekela.
Isimo esifanayo sikhona ebandleni lobuKristu. Abanye abantu basetshenziswa ngokuvelele impela kodwa abanye bafeza indima engavelele njengabamemezeli abavamile besigijimi soMbuso. Nokho, ingabe laba kumelwe babe nomuzwa wokuthi ngandlela-thile ababalulekile ngoba bengagqamile? Ingabe kumelwe baphazamiseke ngokungafanele uma bengakutholi ukuvelela?
“Bayakwabelwa Ngokulingeneyo”
Indaba ehilela iNkosi uDavide yembula okuningi. IBhayibheli libonisa ukuthi wake wahola ibutho lamadoda angama-400 eya ukuyokhulula. Aphuma ukuyokhulula imindeni yawo nempahla yawo eviyweni. Nokho, angamakhulu amabili asala ukuze aqaphe impahla. Lapho ibutho elaliyokhulula libuya linqobile nabesifazane, izingane, nempahla, kanye nempango eningi, kwaphakama inkinga: Obani ababeyokwabelwa kuleyompango yempi? Ingabe yilabo kuphela abalwa ngokoqobo ababeyobalwa njengabakufanele ukuhlanganyela ezinzuzweni? UDavide wanikeza impendulo eyabhekwa njengesandulela esingokomthetho, ‘umthetho kwaIsrayeli.’ Wathi: “Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba-njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.” (1 Samuweli 30:24, 25) UJehova owaqondisa uDavide ukuba enze lomthetho. Futhi wabonisa ukwazisa kukaJehova okujulile ngalabo abakhonza ezindimeni ezisekelayo.
Kodwa ingabe lesimiso siyasebenza ebandleni lobuKristu? Umphostoli uPawulu uphendula ngomfanekiso. Eqhathanisa ibandla nomzimba womuntu, uthi: “Iso alinakusho esandleni ukuthi: Angikudingi; nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: Anginidingi.” Yebo, emzimbeni womuntu zonke izingxenye—ngisho nozwane oluncane—zinomsebenzi obalulekile. UNkulunkulu ubonisa ukuhlakanipha okufanayo ekuhleleni ibandla lakhe. “UNkulunkulu umisile abathile ebandleni,” abela abantu abahlukene imithwalo yemfanelo ehlukahlukene.—1 Korinte 12:21, 28.
Ngakho-ke, amanye amaKristu ekhulwini lokuqala ayejabulela isilinganiso esithile sokuvelela. Ngokwesibonelo, uPetru wayegqame kakhulu. Wayengumkhulumeli wabaphostoli ngosuku oluwumlando lwePentekoste. (IzEnzo 2:14) Waba nelungelo lokusiza abeZizwe bokuqala abaguqulelwa ekubeni amaKristu. (IzEnzo 10:44-48) Eqinisweni, izincwadi ezimbili zeBhayibheli zinegama lakhe! Kanti abanye abaphostoli akukhulunywanga ngabo. UMathewu, uNathanayeli (uBartolomewu), uThadewu (uJuda, indodana kaJakobe), uSimoni othiwa isishisekeli, noJakobe, indodana ka-Alfewu (uJakobe oMncane), kukhulunywa kancane ngabo. Nokho, bayisekela ngokwethembeka iNkosi yabo emkhankasweni wayo wokushumayela nokufundisa.
Inkonzo Engagqamile, Neyomphefumulo Wonke
Isimo esifanayo sikhona namuhla. Ebandleni lobuKristu, uJehova usalokhu ‘abela amalunga ngendlela athanda ngayo.’ Lokhu kuphumela ekubeni abanye bagqame kakhulu kunabanye. Kodwa kumelwe sibe yini isimo sethu sengqondo ngamalungelo ethu enkonzo, kungakhathaliseki ukuthi ayini? EyabaseKolose 3:23, 24 ikubeka ngalendlela: “Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini.”
OFakazi abaningi namuhla bathola injabulo yangempela ekukhonzeni ezindimeni ezingagqamile, ezisekelayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngoEdmundsen, uFakazi okhonza ePietermaritzburg, eNingizimu Afrika. Wabhapathizwa ngo-1946 futhi wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ngo-1950. Akakaze ngempela agqame. Nokho, uye waba nenjabulo yokubona izingane nabazukulu bakhe abayi-15 beba oFakazi abazinikezele, babhapathizwa, kanye nabanye abazukulu bakhe nezingane zabo ezingama-27 beba khona emihlanganweni yebandla! Futhi namuhla, nakuba ekhubazekile ngokungezwa kahle nokungaboni kahle, ushumayela ngokwethembeka njengephayona elisizayo. Phela, nakuba eseneminyaka engama-84 usakhonza njengomdala ebandleni futhi unikeza izinkulumo zeningi! Nokho, inkonzo kaEdmundsen, isiyonke, ibingavelele. Kodwa njengezinkulungwane eziningi zezinceku ezithembekile zikaNkulunkulu, uye wanikeza inkonzo eyigugu, nenenjongo kuJehova.
Yebo, ukukhonza esikhundleni esingavelele kudinga ukuthobeka. Kodwa lokhu kusinikeza futhi isikhathi sokuthuthukisa ubuntu bethu namakhono ngaphambi kokuba sithweswe imithwalo yemfanelo enzima. INkosi uJosiya yaba inkosi yakwaJuda ineminyaka eyisishiyagalombili. (2 AmaKhosi 22:1) Kodwa ingabe yayisiyilungele kangakanani leyondima? Ngakolunye uhlangothi, uMose waba ongavelele iminyaka engama-40 engumalusi kwaMidiyani ngaphambi kokuba abe umkhululi. Phakathi nalesosikhathi, wathuthukisa izimfanelo ezinjengobumnene. (Numeri 12:3) Wafunda ukulindela uJehova. Futhi ekugcineni lapho uJehova embiza ukuba ahole uIsrayeli iminyaka engama-40 eyalandela, wayesewulungele lowomthwalo wemfanelo!
Ngakho umuntu onomuzwa wokuthi amakhono akhe awasetshenziswa ngokugcwele ebandleni akumelwe adumale. Mhlawumbe uJehova unomuzwa wokuthi kumelwe kuthuthukiswe ukubekezela noma ukuthobeka okwengeziwe ngaphambi kokuba onjalo anikezwe amalungelo engeziwe. Futhi, khumbula ukuthi iningi lezinceku zikaNkulunkulu zikhonza ezikhundleni ezingavelele. INqabayokulinda iye yaba ingxenye evelele yesimiso sokutadisha soFakazi BakaJehova iminyaka engaphezu kwekhulu. Kodwa abalobi bayo abaziwa. Futhi, cabanga ngezinkulungwane eziningi ezikhonza emakhaya aseBethel noma njengamaphayona nezithunywa zevangeli. Abagqamile. Nokho bajabulela ukuphila okumatasa, okuvuzayo futhi bezwa ukwaneliseka okujulile okuvela ekuzinikezeleni kwabo ekusizeni abanye.—IzEnzo 20:35.
Umphumela Ngalabo Abakhonza Ngokuthobeka
Kubaphostoli bokuqala abayi-12, munye kuphela owabonakala eyisehluleki—imbuka uJuda Iskariyothe. Abanye bajabulela umklomelo okhazimulayo. KusAmbulo 21:10, 14 iBhayibheli lichaza “umuzi ongcwele” njengowakhiwe ematsheni ayi-12 ayisisekelo. Kwelinye nelinye, kubhalwe igama lomphostoli weWundlu. Ngokuthakazelisayo, ababili balabaphostoli babebizwa ngokuthi oSimoni. Lowo owayebizwa ngokuthi uSimoni Petru wayegqame kakhulu; lowo owayaziwa ngokuthi uSimoni umZelothe (isishisekeli), wayengenjalo. (IzEnzo 1:13) Eqinisweni, kuncane kakhulu okushiwoyo ngaloSimoni. Kodwa bobabili oSimoni bathola umvuzo ofanayo—ilungelo lokuba amalungu ayisisekelo kahulumeni wasezulwini ngaphansi kweNkosi uJesu Kristu!
Yebo, akusibo bonke abagcotshiwe abayovuswa abayokhonza ngokuvelele “njengamatshe ayisisekelo.” UJehova uyosebenzisa amalungu kahulumeni wakhe kunoma isiphi isikhundla ayowabona ukuthi asifanelekela kahle kakhulu. Labo abanamathemba okuphila phakade ePharadesi emhlabeni ngokufanayo bangaqiniseka ngokuthi ngaphansi kwalelolungiselelo iNkosi yethu iyosisebenzisa ngendlela enhle kakhulu ngangokunokwenzeka. Kunezindawo ezijabulisayo ezisizungezile, abangane abathembekile, izinhlobonhlobo zomsebenzi ojabulisayo, nokungabikho kokukhungatheka noma isithukuthezi, ubuntu bethu namakhono kuyothuthukiswa ngokugcwele!
Ngakho kungakhathaliseki ukuthi sibizelwe umvuzo wasezulwini noma sibheke phambili ekuphileni emhlabeni owenziwe waba muhle, masaneliswe inkonzo yethu esiyabelwe enhlanganweni kaJehova futhi sisebenze kuyo ngomphefumulo wonke. Lena inkambo yokuhlakanipha nenjabulo. Kunokushisekela ukugqama, hlakulela isimo sengqondo esithobekile seNkosi uDavide, eyathi: “Kunye engikucele kuJehova, ngiyakufuna khona: ukuba ngihlale endlini kaJehova izinsuku zonke zokuphila kwami ukubona ubuhle bukaJehova, ngibuke ithempeli lakhe [“ngokwazisa,” NW].”—IHubo 27:4.