Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 6/15 k. 32
  • ‘Kuyilokho Ebengikufuna’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Kuyilokho Ebengikufuna’
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 6/15 k. 32

‘Kuyilokho Ebengikufuna’

Ukuphila kwabantu kungashintshwa into encane. Lokhu kuboniswa intombazane encane yaseArgentine eyabhalela indlunkulu yomhlaba yeWatch Tower Society eBrooklyn, eNew York okulandelayo:

“Mhleli Othandekayo:

Siza ungazise ngokushesha ukuthi ngingawuthola kanjani umagazini owunyathelisayo weNqabayokulinda. Umakhelwane wami wangiboleka lomagazini futhi lokho engakufunda kuwo kuyilokho esenginesikhathi eside ngikufuna. Yeka okuhle kangaka eyangenzela khona! Yanginika induduzo enkulu. Uyabona, ngineminyaka eyi-15 futhi ngingedwa emhlabeni. Anginayo umuntu ongikhathalelayo, futhi umagazini wakho wangigcwalisa ngethemba. Umakhelwane wangicela ukuba ngiwubuyise umagazini njengoba wawungenye yezinto ayezishiyelwe umama wakhe owayesanda kufa.”

Intombazane encane yaphetha incwadi yayo ngokuchaza ukuthi impofu kakhulu kodwa ingenza konke okusemandleni ukuze ikhokhele umagazini. Incwadi yayo yathunyelwa eArgentina, futhi ngokushesha ngemva kwalokho ummeleli weWatch Tower Society wafika kulentombazane. Yenza isikhokhelo sakho kokubili INqabayokulinda nePhaphama! Yathuthuka ngokushesha olwazini lweBhayibheli futhi yabhapathizwa. Manje ihlanganyela nezinkulungwane zabazalwane bayo nodade baseArgentina enkonzweni yobuKristu.

Nawe, futhi, bangathunyelwa ekhaya lakho omagazini INqabayokulinda nomngane wayo iPhaphama! ngokugcwalisa futhi uthumele isigqebhezana esingezansi.

Sizani ningithumelele isikhokhelo seNqabayokulinda nePhaphama! Ngifaka u-R9-75.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela