Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 6/15 kk. 5-7
  • Ithemba Lakho—UNkulunkulu Noma Ingcebo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ithemba Lakho—UNkulunkulu Noma Ingcebo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingcebo Eyigugu Esingayijabulela Manje
  • Hamba Ngokuhlakanipha Manje
  • Ukuzimisela Ngokuceba Ngokomoya
    I-Phaphama!—2007
  • Hlanganyela Ingcebo Engokomoya Nabanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Ingabe Ingcebo Ingakwenza Ujabule?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Isibusiso SikaJehova Siyacebisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 6/15 kk. 5-7

Ithemba Lakho—UNkulunkulu Noma Ingcebo?

“Kwase kuyiminyaka eminingi ecashe endlini yakhe ehlotshiswe ngokwedlulele eyayibiyelwe ngothango oluxhunywe ngamaketanga futhi luvalwa ngamasango amabili ensimbi ayehluthulelwe.”

UMBIKO wezindaba wamchaza kanjalo umfelokazi owayecebile owafela ezandleni zabaphangi abeba amatshe ayigugu nesigidi sama-dollar endlini yakhe. Ngemva kokuba isidumbu sakhe sesitholakele, amaphoyisa asebenzisa inqola yokuthwala ukudla ukuze akhiphe enye imali eyizigidi eziyisihlanu zama-dollar endlini yakhe. Amaphoyisa futhi athola izinkulungwane ‘zezipho zosuku lokuzalwa’ ezazinamakhadi ayebhalwe ukuthi “KuJesu Kristu” nokuthi “KuNkulunkulu.”

Lona wesifazane owayeyindlalifa wayebonakala engenabo abangane, ehlala ngokwesaba njalo. Zibuze, Zazibaluleke kangakanani izigidi ayezazisa kangaka? Ngaphezu kwalokho, Wayecebe kangakanani kuNkulunkulu? Ngokuqinisekile uyazi ukuthi awunakuzizuzela uNkulunkulu ‘ngezipho zosuku lokuzalwa,’ nokuthi ukuthula kukaNkulunkulu akuveli engcebweni. Lokho kungabonakala eselulekweni seBhayibheli sokuba ‘singathembeli engcebweni engemiyo, kepha sithembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.’—1 Thimothewu 6:17.

Kungani ingcebo ingaqinisekile kangaka? Nokho, mhlawumbe uyazi ukuthi ayiqiniso kangakanani amazwi kaJesu: “Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho kona inundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.” (Mathewu 6:19) Njengoba uqaphela, ngaso sonke isikhathi kunengozi yokuthi umlilo uyoshisa indlu. Abanye abantu bazibekela amagugu abo emabhange, kodwa ingabe amasela awazange ebe nakuwo? Ngisho nemoto entsha iyagqwala.

Kuthiwani ngomnotho wezizwe? Emazweni amaningi ukwehla kwamandla emali kufana nesela; kunciphisa izinto umuntu anazo. “Ngemva kokuba ukwehla okukhulu kwamandla emali kuhlasele elaseJalimane ngasekuqaleni kwawo-1920, abathengi badinga imali eningi . . . ukuze bathenge ukudla . . . Amanani eJalimane akhuphuka adlula kumaphesenti ayisigidi sesigidi kusukela ngoAugust 1922 kuya kuNovember 1923.” (The World Book Encyclopedia) Yeka ukuthi ukwethembela emalini kungadumaza kanjani!

UJesu waxwayisa ngokuhlakanipha: “Zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni inundu nokugqwala, nalapho amasela engafohli khona, ebe.” (Mathewu 6:20) Iyini ‘le ngcebo’? Yenza irekhodi lethu ngabanye lemisebenzi emihle, ukuceba kwethu kuNkulunkulu. Ungase ubuze, ‘Kudingani lokho kimi?’ Ngokwengxenye, iBhayibheli liphendula ngokuthi kusho ‘ukwenza okuhle, ukuceba ngemisebenzi emihle, ukuphana, ukwabelana.’—1 Thimothewu 6:18.

Emhlabeni wonke namuhla, kunezigidi zoFakazi BakaJehova ezingakufakazela ngeqiniso ukuthi ukuhlanganyela nabanye izinto ezingokomoya nezingokwenyama—ikakhulukazi ukusiza abantu ukuba bafunde ngethemba loMbuso ngokuhlanganyela ekushumayeleni, ekufundiseni, nasemisebenzini yokwenza abafundi—kuyimisebenzi emihle evunyelwe uJehova futhi kuletha ukwaneliseka kwangempela. Ngisho nokufa akusoze kwaphanga umuntu imivuzo elethwa ukuzibekela ingcebo enjalo ezulwini. Kungani kunjalo? UJesu wathembisa: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila.”—Johane 11:25.

Ingcebo Eyigugu Esingayijabulela Manje

Ngemva kokuba athi kufanele sithembele “kuNkulunkulu,” uPawulu uqhubeka athi ‘uNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho.’ (1 Thimothewu 6:17) Ngaphandle kwezidingo zokuphila zansuku zonke, oPhezukonke unikeza ngothando ingcebo eyigugu kulabo abavunyelwa nguye. Iyini lengcebo?

Phawula lokho okushiwo izAga 3:18-18: “Ubusisiwe [“uyajabula,” NW] umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo, ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva, nokutholakalayo kukho kunegolide. Kuyigugu kunamarubi, nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho. Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo. . . . Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo, nababambelela kukho babusisiwe.” Ngakho “ukuhlakanipha” kuyingcebo edlula inani lengcebo yomhlaba wonke.

“Ukuhlakanipha” kuwukusetshenziswa kolwazi ngendlela efanele. Kuyikhono lokusebenzisa ngokuphumelelayo ulwazi nokuqonda ukuze uxazulule izinkinga, ugweme, noma uvike, izingozi, usize abanye ukuba benze kanjalo. Awuvumi yini ukuthi namuhla sidinga ukuhlakanipha okunjalo ukuze sibhekane ngokuphumelelayo nezinkinga zokuphila futhi silondoloze ukuma okuhle loNkulunkulu?

Uma zichaza ukuhlakanipha, izAga 3:13-18 ziqokomisa injabulo. Ingabe injabulo ayiwona umcebo esiwufisayo sonke? Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuyosinikeza lenjabulo ngoba injabulo yeqiniso ingeza ivela eMthonjeni wayo kuphela, uJehova uNkulunkulu. Okuhlangenwe nakho kuye kwabonisa ukuthi injabulo yeqiniso ayinakufinyelelwa ngaphandle kokulalela oPhezukonke nokuzithoba ekusebenzeni komoya wakhe. Izinjabulo ezithenjiswe eBhayibhelini zixhomeke ebuhlotsheni bethu obufanele, noma ukuma okuvunyelwe, noBaba wethu wasezulwini. (Mathewu 5:3-10) Ngakho-ke, ngokusebenzisa lokho esikufunda ekutadisheni iBhayibheli, siyobe sibonisa “ukuhlakanipha kwaphezulu” okuyosinikeza injabulo imicebo yonke yomhlaba engenakuyiletha.

Nokho, khumbula futhi ukuthi izAga 3:16 zithi: “Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene.” Lokhu kuqondakala njengokubhekisela esandleni sokunene sokuvikela, isandla esikulungele ukusiza nokulondoloza umuntu ezikhathini ezinzima. Namuhla abaningi bahlanganyela ekuphileni kokuyekethisa, ekuziphatheni okubi kobulili, ekusebenziseni kabi imilaliso, nokunye. Kungenzeka uye wafunda ngokuthi iAIDS (Acquired Immune Deficiency Syndrome) ihlanganiswa nezenzo ezinjalo. Kulokho osuke wakubona, ingabe abantu abenza lezinto bayajabula ngempela? Noma ingabe bazilethela bona kanye nabanye ukudabuka okukhulu nobuhlungu, ngisho nokufa?

Ngokuphambene, ukusetshenziswa kweseluleko esihlakaniphile esivela eZwini likaNkulunkulu kuyohlala njalo ‘kusesandleni sethu sokunene’ ukuze kusivikele ezingozini ezinjalo. Ngakho-ke, ukuhlakanipha kungelula ukuphila kwethu, kusilonde enkambweni ebingasiholela ekufeni ngaphambi kwesikhathi. Kanjalo ngokuqinisekile ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuyokwenza ukuphila kwethu kwamanje kube okujabulisayo.

Hamba Ngokuhlakanipha Manje

Ubufakazi obusizungezile bubonisa ukuthi siphila ‘ezinsukwini zokugcina’ zalesimiso sezinto. (2 Thimothewu 3:1-5) Ngakho, kubalulekile ukuthi siqaphele singanqotshwa umoya wezwe. Lowomoya ugcizelela izinto ezibonakalayo ngokukhanga izifiso zobugovu. Elinye icala elavezwa ngokuqondene noJobe, indoda ethembekile yomlando weBhayibheli, laliwukuthi lendoda yayikhonza uNkulunkulu ngenxa yezizathu zobugovu, ngenxa yenzuzo yezinto ezibonakalayo. (Jobe 1:9-11) Ingabe icala elinjalo ngokuqinisekile lingabekwa ngokumelene nathi?

Uma siphendula ngokuthi cha, ngokunokwenzeka siyobe sizigwema ngokuphumelelayo izinto ezibonakalayo zanamuhla. Kodwa lengozi, eyizinto ezibonakalayo, ingenye yeziwubuqili kakhulu esibhekana nazo. UJesu Kristu wathi “iminako yalesisikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi.” (Mathewu 13:22) Ngokusobala, kumelwe sikuqaphele njalo “ukukhohlisa kwengcebo,” ngoba ayibalulekile ngempela.

Kudingeka sizikhumbuze ngokubaluleka okulinganiselwe kwezinto ezibonakalayo. Izwi likaNkulunkulu lithi: “Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.” (IzAga 18:11) Yebo, ukulondeka ingcebo engakunikeza kumane kuwumcabango nje, inkohliso. Akukhona ukuthi izinto ezibonakalayo ngokwazo zimbi. Okungalungile kuwukugxiliswa kokuphila kwethu kuzona kunokuzuza ukuvunyelwa uNkulunkulu. UJesu, obhekwa njengomunye wabafundisi abahlakaniphe kakhulu emlandweni, ngokucacile wathi: “Ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”—Luka 12:15.

Ngakho masiphishekele indlela yokuphila ‘eyosicebisa kuNkulunkulu.’ (Luka 12:21) Ayikho into ebaluleke ngaphezu kokuma okuvunyelwe uMdali. Yonke imizamo yokukulondoloza yenezela ‘ekuzibekeleni kwethu isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze sibambe ukuphila okuyikho.’—1 Thimothewu 6:19.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela