Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 6/1 kk. 3-4
  • Isihluthulelo Senkolo Yeqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isihluthulelo Senkolo Yeqiniso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isihluthulelo
  • Siyini Isihluthulelo SobuKristu Beqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Uye Wasithola Isihluthelelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukuqhuba Inkolo Emsulwa Ukuze Sisinde
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Landela Indlela Enhle Kakhulu Yothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 6/1 kk. 3-4

Isihluthulelo Senkolo Yeqiniso

KULELIKHULU lama-20 leminyaka, abantu abaningi bathi bangabenkolo yobuKristu ngaphezu kwanoma iyiphi enye inkolo. Nokho lelikhulu leminyaka liye laba ngelinezinkathazo ngaphezu kwawo wonke emlandweni womuntu. Kungani kunalendida?

Phakathi kokunye, abaningi abayithathi ngokungathi sína inkolo yabo. Kubo, ubuKristu bumane nje buyinto evamile, abuwona amandla abusa ukuphila kwabo. Ngokungaphezulu, labo abayithatha ngokungathi sína inkolo yabo basekela izinkolelo eziningi eziphikisanayo futhi ngisho nezindinganiso ezingafani zokuziphatha. Futhi bahlukaniswe ukungezwani kobuzwe, kobuhlanga, nobungokomnotho. Ngaphezu kwalokho, baye bahluphana, baze ngisho bashushisana, balwa, futhi babulalana bodwa. Ngakho, izimpi ezimbili ezinkulu emlandweni ngokuyisisekelo zalwiwa phakathi kwezizwe “ezingamaKristu.”

Singaphetha ngokuthini kulokhu? Ngokuthi ubuKristu abuyona inkolo yeqiniso uma kungenjalo kunomehluko omkhulu phakathi kokumane uzisholo ukuthi ungumKristu nokuba nguye ngempela. NgokukaJesu Kristu, umsunguli wobuKristu, isiphetho sesibili yisona esinembile. Ngesinye isikhathi, wakhuluma ngabanye ababeyothi kuye “Nkosi, Nkosi.” Ngamanye amazwi, babeyothi bangamaKristu, bamukele uJesu njengeNkosi yabo. Futhi babeyoba matasatasa kakhulu ekwenzeni imisebenzi ebonakala sengathi ibalulekile ngegama lakhe. Nokho uJesu uyothi kubo: “Angizange nginazi: sukani kimi ninabenzi bokubi.”—Mathewu 7:22, 23.

Ngokuqinisekile, akekho kithina ofuna ukuba kulesosimo! Ngakho singaqonda kanjani ukuthi singamaKristu eqiniso noma cha? Ingabe sikhona yini isihluthulelo senkolo yeqiniso?

Isihluthulelo

Yebo, sikhona. Ngempela, ubuKristu buhilela izinto eziningi. Ngokwesibonelo, umKristu weqiniso kufanele abe nokholo oluqinile kuNkulunkulu, ngoba “ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa [uNkulunkulu].” (Heberu 11:6) Kufanele futhi abe matasa emisebenzini emihle. Umfundi uJakobe waxwayisa ngokuthi “ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.” (Jakobe 2:26) Ngokungaphezulu, umphostoli uPawulu wagcizelela ukubaluleka kokuba sigcwaliswe ngokwazi intando [kaNkulunkulu] ngokuhlakanipha konke nokuqonda elingokomoya. (Kolose 1:9) Kodwa ayikho kulezizinto enikeza isihluthulelo sobuKristu.

Iqiniso liwukuthi, singase sibe nolwazi oluqondile lweBhayibheli nokholo oluqinile futhi sibe matasatasa kakhulu emisebenzini emihle, nokho sibe amaKristu okuzisholo. Lokho kungenzeka kanjani? Umphostoli uPawulu wachaza: “Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi, kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. Noma ngabela abampofu konke enginakho, noma nginikela ngomzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho.”—1 Korinte 13:1-3.

Yebo, isihluthulelo sokubona inkolo yeqiniso siwukuqaphela ukuthi isekelwe othandweni loqobo. Ukholo lwethu, imisebenzi emihle, nolwazi oluqondile, kubalulekile, kuyadingeka. Kodwa uma singakusebenzisi ngothando, akunakusizuzisa. Kungani kunjalo? Yini eyenza imfanelo yothando ibe ngebaluleke kangaka?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela