Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 5/15 kk. 8-9
  • Ukubizwa KukaMathewu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubizwa KukaMathewu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubizwa KukaMathewu
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UMathewu Uyabizwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukuphatha Abanye Ngendlela Yokwesaba UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • UMathewu Uyamemezela: ‘UMesiya Usefikile!’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 5/15 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Ukubizwa KukaMathewu

NGOKUSHESHA ngemva kokuphilisa indoda efe uhlangothi, uJesu uyamuka eKapernawume uya oLwandle lwaseGalile. Nalapho izixuku zabantu ziza kuye, futhi uqala ukuzifundisa. Njengoba ehamba, ubona uMathewu, obizwa futhi ngokuthi uLevi, ehleli endaweni yokuthelisa. UJesu uyammema. “Ngilandele.”

Ngokunokwenzeka, uMathewu usejwayelene kakade nezimfundiso zikaJesu, njengoba nje kwakunjalo ngoPetru, uAndreya, uJakobe, noJohane lapho bebizwa. Futhi njengabo, uMathewu usabela ngokushesha esimemweni. Uyasukuma, ushiya ngemuva umsebenzi wakhe wokuthelisa, futhi ulandela uJesu.

Kamuva, mhlawumbe egubha umkhosi wokubizwa kwakhe, uMathewu wenza idili elikhulu endlini yakhe. Ngaphandle kukaJesu nabafundi baKhe, kukhona nabangane bakaMathewu bakuqala. AmaJuda ngokuvamile ayenengwa yilamadoda akubo ngenxa yokuthi ayeqokelela intela yeziphathimandla ezizondwayo ezingamaRoma. Ngaphezu kwalokho, ayevame ukungathembeki ngokubiza kubantu imali yentela engaphezu kwevamile.

Bebona uJesu esedilini nabantu abanjalo, abaFarisi nababhali babuza abafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?” Ewuzwile lowombuzo, uJesu uyaphendula: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: Ngifuna isihawu, hhayi imihlatshelo. Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”

Ngokunokwenzeka, uMathewu wayememele abathelisi endlini yakhe ukuze bazolalela uJesu futhi bathole ukuphiliswa okungokomoya. Ngakho uJesu uzihlanganisa nabo ukuze abasize bafinyelele ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. UJesu akabenyanyi abanjalo, njengoba kwenza abaFarisi abazibona belungile. Kunalokho, eshukunyiswa isihe, ngokomphumela, ukhonza njengodokotela wabo ongokomoya.

Ngakho ukusebenzisa kukaJesu umusa kubantu abayizoni akukhona ukuthethelelwa kwezono zabo kodwa ukubonakaliswa kozwela olufana nalolo ayelubonakalisa kulabo ababegula ngokomzimba. Ngokwesibonelo khumbula, lapho ngesihawu elula isandla sakhe ephatha onochoko, ethi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Kwangathi nathi ngokufanayo singabonisa umusa ngokusiza abantu abasweleyo, sibasize ikakhulukazi ngendlela engokomoya. Mathewu 8:3; 9:9-13; Marku 2:13-17; Luka 5:27-32.

◆ Ukuphi uJesu njengoba ebonana noMathewu?

◆ Uyini umsebenzi kaMathewu, futhi kungani amanye amaJuda enengwa abantu abanjalo?

◆ Umangalelwa ngokuthini uJesu, futhi usabela kanjani?

◆ Kungani uJesu ezihlanganisa nezoni?

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 9]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela