Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 3/15 k. 30
  • UJehova Unakekela Izidingo ZaseTrinidad

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Unakekela Izidingo ZaseTrinidad
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 3/15 k. 30

UJehova Unakekela Izidingo ZaseTrinidad

KUSUKELA esiqalweni sawo esincane ngo-1912, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso eTrinidad nasesiQhingini esingumakhelwane iTobago uye wadlula ezigabeni ezihlukahlukene zokwanda. Okwenzeke muva nje—ngoMarch 1985—kwakuwukuqedwa nokunikezelwa kwesakhiwo esisha segatsha ngaphandle nje kwenhlokodolobha, iPort of Spain. Izakhiwo ezintsha zazidingeka kakhulu, ngoba iTrinidad iye yaba nokwanda ngamaphesenti angama-79 kubamemezeli boMbuso kusukela izakhiwo zokugcina zegatsha zakhiwa.

Ukuthola indawo efanelekile esiqhingini esincane, esinabantu abaningi kwakungelula. Isiza siyabiza, futhi izindleko zokwakha nazo ziphakeme kakhulu. Nokho, uJehova wazinakekela zonke lezizidingo. Indawo enhle, efanelekayo yatholakala ngaphesheya nje komgwaqo wesikhumulo sezindiza. Abazalwane bagcwala esakhiweni, benikeza ukusekela okuhle kakhulu. Cishe ummemezeli ngamunye woMbuso eTrinidad waba nengxenye emsebenzini wokwakha.

Ngazo zonke izimpelasonto kwakufika iqembu lelinye ibandla lizosiza emsebenzini, kuyilapho elinye lalinikeza ukudla nokuphuzwayo. Kwakusetshenzwa ebusuku kabili noma kathathu ngesonto. Ukwakha kwakuqhubeka nangezinkathi zemvula. Lapho sekuyisikhathi sokuthela ukhonkolo wesitezi sokuqala, kwakukhona abazalwane abangaphezu kwama-350, bedlulisa amabhakede kasimende ngezandla. Omakhelwane abangamaHindu bamangala! Lokhu kwasinikeza ithuba kokufakaza kubo.

Kwahlangatshezwana nezindleko zokwakha ngomoya onjalo wokuzithandela. Odade baze banikela ngisho nangamatshe abo okuhloba egolide, ukuba athengiswe bese esetshenziswa esakhiweni. Umfana oneminyaka eyisishiyagalombili wabhala: “Ngiyakuthanda ukusebenza esakhiweni segatsha, kodwa ngoba umhlane kababa ukhubazekile futhi akanakuwusebenza umsebenzi onzima, anginakuza njalo. Ngakho ngithumela lemali engayilondoloza ukuba isetshenziswe emsebenzini.”

Kuwo wonke umsebenzi wokwakha, ukusekela kukaJehova kwakusobala. UHilary Charles, umbonisi wokwakha, wakhumbula isikhathi lapho besele namasaka ayishumi kuphela kasimende wayeseshayela imboni kasimende ucingo ukuba ilethe engeziwe. Wathi: “Kwakunzima ngempela ukuthola usimende. Bathi awukho omunye esasiyowuthola kuze kube isonto elilandelayo. Bakusho lokho cishe ngehora lesishiyagalolunye ekuseni. Ngehora lesibili ntambama, ngabona inqwaba kasimende iza. Umshayeli weloli wathi: ‘Lenqwaba kasimende ibiya kwenye indawo, kodwa ngitshelwe ukuthi ngiwulethe lapha.’ Wayengakuqondi lokho. Kwakuwukusekela kukaJehova.”

Isakhiwo segatsha esiyizitezi ezimbili simise okuka-T, sinendawo yokungena ephezulu—ohlangothini olungaseningizimu. Ohlangothini okungakwesokunene sephasishi elikhangayo kukhona iHholo LoMbuso, elihlala cishe abantu abangama-200. Ihhovisi elibanzi lingakwesokhohlo. Engxenyeni ende esesitezi esiphansi kukhona indawo yokunyathelisa, ezokuthutha, kanye nelondolo. Esitezi esiphezulu kukhona ikhishi, indlu yokudlela, kanye nezindawo zokuhlala—amakamelo ayisishiyagalombili, ngalinye linendawo yalo yokugezela. Umtapo wezincwadi omncane nekamelo lokuphumula kwakhiwe ngaphezu kwehhovisi.

NgoMgqibelo, ngoMarch 16, kwakuwusuku lokunikezelwa. UMilton G. Henschel weNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova wanikeza inkulumo. Umzalwane uHenschel wathi: “Akukhona nje kuphela ukuthi uJehova uyakwazi ukunakekela, kodwa futhi wazi nesikudingayo.” Yebo, izakhiwo ezintsha zaziyisipho esivela kuJehova. Isimiso saphetha ngomthandazo oqotho wokunikezelwa kwaso kuJehova. Yeka indlela esasijabule ngayo!

OFakazi BakaJehova eTrinidad naseTobago bayajabula ngokwanda abakuphiwe uJehova. Futhi bayaqhubeka, bebheke kokunye futhi ukwanda njengoba eqhubeka enakekela izidingo zabo njengabamemezeli boMbuso.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela