Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w86 3/15 k. 29
  • Ingabe Uphendula Ngentukuthelo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uphendula Ngentukuthelo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
w86 3/15 k. 29

Ingabe Uphendula Ngentukuthelo?

“Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.” Zisho kanjalo izAga 15:1.

Lapho uthukutheliswe othile, ingabe ushukunyiselwa ukuba ufane naye bese ‘umenza akufunde akuqonde?’ Lokho kungaholela emiphumeleni engathi sína. EDolobheni laseNew York, intombazane esencane yafika ekhaya ngemva kwempikiswano engathi sína ngenxa yokuthengiselwa okunganelisi esitolo futhi yatshela usingayise ngalokhu. Waphindela khona ukuba akhulume nomninisitolo. Kwalandela ingxabano, futhi umninisitolo wayidubula lendoda yafa.

Ingabe ukulandela iseluleko sesaga esingenhla kwakuyosiza esimweni esinjengaleso? Khumbula isenzakalo esihilela uAbigayili noDavide, njengoba silotshwe kweyoku-1 Samuweli 25:2-35. UDavide wayesezokwenza iphutha elingathi sina lapho ethola umbiko omubi ezinsizweni ezivela kuNabali, umyeni ka-Abigayili. Kwakuyochitheka igazi elingenacala. Impendulo ethambileyo ka-Abigayili, kanye nezenzo zakhe zomusa nokuzithoba, kwaluqeda ulaka oluvuthayo lukaDavide namadoda akhe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela