Ubusuku Bokukhunjulwa
Phakathi nomkhosi olula, uJesu Kristu wasebenzisa iwayini nesinkwa esingenamvubelo njengezifanekiselo zomhlatshelo ayesezowenzela isintu.
Lapho emisa lomkhosi, wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”—Luka 22:19.
Ngonyaka odlule, abantu abayizi-7 792 109 bakhumbula uJesu ngokuba khona eSikhumbuzweni sokufa kwakhe emihlanganweni ekhethekile eyenziwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. umenywa ngokufudumele ukuba ube khona emkhosini weSikhumbuzo kulonyaka eHholo LoMbuso eliseduze nomuzi wakho.
Uyoba ngoMsombuluko, ngo-March 24, ngemva kokushona kwelanga. Buza isikhathi esiqondile koFakazi BakaJehova abasendaweni yakini.